Ungubani UNkulunkulu?
Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Ungubani UNkulunkulu?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayi-bhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazoku-jabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Ungubani uNkulunkulu?
UNkulunkulu weqiniso unguMdali wazo zonke izinto. IBhayibheli limbiza ngokuthi ‘iNkosi yaphakade,’ okusho ukuthi akazange abe nesiqalo futhi akasoze aba nesiphetho. (IsAmbulo 15:3) Njengoba uNkulunkulu enguMthombo wokuphila, kufanele sikhulekele yena kuphela.—Funda isAmbulo 4:11.
2. Unjani uNkulunkulu?
Akekho owake wabona uNkulunkulu ngoba unguMoya, okusho ukuthi uwuhlobo lokuphila oluphakeme kunezidalwa zenyama eziphila emhlabeni. (Johane 1:18; 4:24) Ubuntu bakhe bubonakala ezintweni azidalile. Ngokwesibonelo, lapho sicabanga ngezithelo nezimbali ezihlukahlukene siyakwazi ukuqonda uthando nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ubukhulu bomhlaba nomkhathi kusitshela ngamandla akhe.—Funda amaRoma 1:20.
Singafunda okwengeziwe ngobuntu bakhe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, lisitshela ukuthi yini ayithandayo nayizondayo, indlela aphatha ngayo abantu nokuthi usabela kanjani ezimweni ezihlukahlukene.—Funda iHubo 103:7-10.
3. Ingabe uNkulunkulu unegama?
UJesu wathi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Nakuba uNkulunkulu eneziqu eziningi, unegama elilodwa. Izilimi ziliphimisela ngezindlela ezingafani. Olimini lwesiZulu sithi “uJehova.”—Funda iHubo 83:18.
Igama likaNkulunkulu liye lakhishwa emaBhayibhelini amaningi, esikhundleni salo kwafakwa iziqu ezithi Nkosi noma Nkulunkulu. Kodwa lapho kulotshwa iBhayibheli, igama likaNkulunkulu lalivela izikhathi ezingaba ngu-7 000. UJesu wenza igama likaNkulunkulu laziwa ngokulisebenzisa lapho efundisa abantu iZwi likaNkunkulu. Wasiza abantu ukuba bazi uNkulunkulu.—Funda uJohane 17:26.
4. Ingabe uJehova uyasikhathalela?
UJehova ubonisa ukuthi uyasikhathalela ngokuyilalela yena ngokwakhe imithandazo yethu. (IHubo 65:2) Ingabe ukuhlupheka okugcwele emhlabeni kusho ukuthi uNkulunkulu akasikhathaleli? Abanye abantu bathi nguye obangela ukuhlupheka ukuze asivivinye, kodwa lokho akulona iqiniso. IBhayibheli lithi: “Makube kude noNkulunkulu weqiniso ukwenza ngendlela yokukhohlakala.”—Jobe 34:10; funda uJakobe 1:13.
UNkulunkulu unike abantu ilungelo lokuzikhethela. Asijabuli yini ngokuba nenkululeko yokuzikhethela ukukhonza uNkulunkulu? (Joshuwa 24:15) Izinsizi ziningi ngoba abantu abaningi bakhetha ukwenza izinto ezimbi kwabanye. Kumzwisa ubuhlungu uJehova ukubona ukungabi nabulungisa okungaka.—Funda uGenesise 6:5, 6.
Maduze, uzosebenzisa uJesu ukuze aqede ukuhlupheka nalabo abakubangelayo. Okwamanje, unesizathu esizwakalayo sokuvumela ukuhlupheka isikhashana. Kunesihloko kulolu chungechunge esizochaza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka.—Funda u-Isaya 11:4.
5. UNkulunkulu ufuna senzeni?
UJehova wasidala saba nekhono lokumazi nokumthanda. Ufuna sifunde iqiniso ngaye. (1 Thimothewu 2:4) Uma sitadisha iBhayibheli, singamazi uNkulunkulu njengoMngane.—Funda izAga 2:4, 5.
Njengoba uJehova esinike ukuphila, kufanele simthande ngaphezu kwanoma ubani omunye. Singambonisa ukuthi siyamthanda ngokukhuluma naye ngomthandazo nangokwenza lokho asicela ukuba sikwenze. (IzAga 15:8) UJehova ucela ukuba siphathe abanye ngothando.—Funda uMarku 12:29, 30; 1 Johane 5:3.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 1 sale ncwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 17]
Kuke kwenzeke yini kube nesizathu esizwakalayo sokuvumela ukuhlupheka isikhashana?