Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?

Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?

Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu

Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?

Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

1. Ingabe uNkulunkulu ulalela yonke imithandazo?

UJehova ucela abantu bazo zonke izizwe ukuba basondele kuye ngomthandazo. (IHubo 65:2) Kodwa akayilaleli yonke imithandazo. Ngokwesibonelo, lapho ama-Israyeli ephikelela nokwenza okubi, uNkulunkulu wenqaba ukulalela imithandazo yawo. (Isaya 1:15) Imithandazo yendoda ephatha kabi umkayo ingase ithiyeke. (1 Petru 3:7) Nokho, uNkulunkulu uyazilalela izoni ezimbi kakhulu uma ziphenduka.—Funda eyesi-2 IziKronike 33:9-13.

2. Kufanele sithandaze kanjani?

Umthandazo uyilungelo futhi uyingxenye yokukhulekela kwethu, ngakho kufanele sithandaze kuJehova kuphela. (Mathewu 4:10; 6:9) Njengoba singaphelele, kufanele sithandaze ngegama likaJesu ngoba uyena “indlela” emisiwe. (Johane 14:6) UJehova akafuni siphindaphinde imithandazo esiyibambe ngekhanda noma ebhalwe phansi, kodwa ufuna sithandaze ngokusuka enhliziyweni.—Funda uMathewu 6:7; Filipi 4:6, 7.

UMdali wethu angezwa ngisho nemithandazo eyenziwa ngenhliziyo. (1 Samuweli 1:12, 13) Usicela ukuba sithandaze zikhathi zonke, njengalapho sivuka noma silala, ngezikhathi zokudla nalapho sibhekene nezinkinga.—Funda iHubo 55:22; Mathewu 15:36.

3. Kungani amaKristu ehlangana ndawonye?

Ukusondela kuNkulunkulu akulula ngoba siphila phakathi kwabantu abangenalo ukholo kuNkulunkulu nabahlekisa ngesithembiso sakhe sokuletha ukuthula emhlabeni. (2 Thimothewu 3:1, 4; 2 Petru 3:3, 13) Ngakho, sidinga ukuhlangana nesikhulekela nabo sikhuthazane.—Funda amaHebheru 10:24, 25.

Ungasondela kuNkulunkulu uma wenza ubungane nabantu abamthandayo. Imihlangano yoFakazi BakaJehova ikuvulela amathuba okuzuza okholweni lwabanye.—Funda amaRoma 1:11, 12.

4. Ungasondela kanjani kuNkulunkulu?

Ungasondela kuJehova ngokuzindla ngalokho okufunde eZwini lakhe. Cabanga ngemisebenzi, iziqondiso nangezithembiso zakhe. Ukuzindla ngosizo lomthandazo kwakha ukwazisa kwangempela ngothando nangokuhlakanipha kukaNkulunkulu.—Funda uJoshuwa 1:8; IHubo 1:1-3.

Ungasondelana noNkulunkulu kuphela uma umethemba futhi unokholo kuye. Ukholo lufana nento ephilayo edinga ukunakekelwa ukuze iqhubeke iphila. Kumelwe ulunake njalo ukholo lwakho ngokubukeza isisekelo sezinkolelo zakho.—Funda eyoku-1 Thesalonika 5:21; Hebheru 11:1, 6.

5. Kuzokuzuzisa kanjani ukusondela kuNkulunkulu?

UJehova uyabakhathalela labo abamthandayo. Uyabavikela kunoma yini engabeka ukholo nethemba labo lokuphila okuphakade engozini. (IHubo 91:1, 2, 7-10) Usixwayisa ngezindlela zokuphila ezingalimaza impilo nezingaqeda injabulo yethu. UJehova usifundisa indlela engcono kakhulu yokuphila.—Funda iHubo 73:27, 28; Jakobe 4:4, 8.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 17 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.