Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Waqanjelwa Amanga!

Waqanjelwa Amanga!

Ezentsha

Waqanjelwa Amanga!

UJOSEFA—INGXENYE 2

Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.

Abalingiswa abasemqoka: UJosefa, uPotifari nomkakhe

Indaba efingqiwe: UJosefa ufakwa etilongweni kungafanele, kodwa uJehova uba naye.

1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UGENESISE 39:7, 10-23.

Yimiphi imizwelo oyithola ezwini likamkaPotifari njengoba ayeqambela uJosefa amanga?

․․․․․

Ucabanga ukuthi lalinjani itilongo uJosefa ayefakwe kulo?

․․․․․

Ekuqaleni, uJosefa kwadingeka akhuthazelele yiphi impatho etilongweni? (Bheka amaHubo 105:17, 18.)

․․․․․

2 CWANINGISISA.

Ukube ukholo lukaJosefa lwaluntengantenga, yisiphi isiphetho esingafanele ayengase afike kuso ngesikhathi esetilongweni? (Bheka uJobe 30:20, 21.)

․․․․․

Sazi kanjani ukuthi uJosefa akazange asole uJehova ngokuhlupheka kwakhe? (Bheka uGenesise 40:8; 41:15, 16.)

․․․․․

Yiziphi izimfanelo ocabanga ukuthi zasiza uJosefa ukuba akhuthazelele ukuboshwa kwakhe ngokungafanele? (Bheka futhi uzindle ngemiBhalo elandelayo: Mika 7:7; Luka 14:11; Jakobe 1:4.)

․․․․․

Yikuphi ukuqeqeshwa uJosefa akuthola ngesikhathi esetilongweni futhi cishe kwamzuzisa kanjani kamuva ekuphileni? (Bheka uGenesise 39:21-23; 41:38-43.)

․․․․․

3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .

Nezinzuzo ezitholwa yilabo abakhuthazelayo.

․․․․․

Nokuqeqeshwa ongakuthola lapho ubhekene nobunzima.

․․․․․

Nokusekela kukaJehova phakathi nezikhathi zobunzima.

․․․․․

INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.

Ingabe wake waba sesimweni lapho wazizwa ukhathazekile futhi uwedwa? Naphezu kwalobo bunzima, cishe uJehova wakusiza ngaziphi izindlela? (Funda futhi uzindle ngeyoku-1 Korinte 10:13.)

․․․․․

4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?

․․․․․

Uma ungenalo iBhayibheli, licele koFakazi bakaJehova noma ufunde ezinye izincwadi ezisekelwe kulo kuyi-Internet kuleli kheli: www.watchtower.org