Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Eyishumi Ngocansi Iyaphendulwa

Imibuzo Eyishumi Ngocansi Iyaphendulwa

Imibuzo Eyishumi Ngocansi Iyaphendulwa

1 Ingabe ucansi luyisono sokuqala esenziwa u-Adamu no-Eva ensimini yase-Edene?

▪ Impendulo: Abantu abaningi bacabanga ukuthi isithelo esasenqatshelwe ensimini yase-Edene sasifanekisela ucansi. Nokho, lokho akukhona okufundiswa iBhayibheli.

Cabanga ngalokhu: Ngisho nangaphambi kokuba u-Eva adalwe, uNkulunkulu wayeyale u-Adamu ukuba angadli isithelo ‘somuthi wolwazi lokuhle nokubi.’ (Genesise 2:15-18) Ngenxa yokuthi u-Adamu wayeyedwa, akunakwenzeka ukuthi lowo myalo wawubhekisela ekwenzeni ucansi. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wanikeza u-Adamu no-Eva umyalo ocacile wokuba ‘bazale bande bagcwalise umhlaba.’ (Genesise 1:28) Ingabe uNkulunkulu onothando wayengayala laba bantu ababili bokuqala ukuba ‘bagcwalise umhlaba’—okwakuhilela ukuya ocansini—abese ebagwebela ukufa ngokulalela isiqondiso sakhe?—1 Johane 4:8.

Ngaphezu kwalokho, u-Adamu wayengekho ngesikhathi u-Eva ‘ethatha isithelo esenqatshelwe esidla. Kamuva wasinika nomyeni wakhe lapho esekanye naye, naye wasidla.’—Genesise 3:6.

Ekugcineni, uNkulunkulu akazange ababeke icala o-Adamu no-Eva lapho sebehlangana futhi bezala abantwana. (Genesise 4:1, 2) Ngokusobala, isithelo u-Adamu no-Eva abasidla sasingameleli ucansi kodwa kwakuyisithelo esingokoqobo sesihlahla.

2 Ingabe iBhayibheli liyakwenqabela ukuzijabulisa ngocansi?

▪ Impendulo: Incwadi yokuqala yeBhayibheli yembula ukuthi nguNkulunkulu owadala abantu baba “owesilisa nowesifazane.” UNkulunkulu wathi indalo yakhe ‘yayiyinhle kakhulu.’ (Genesise 1:27, 31) Kamuva, waphefumulela umlobi weBhayibheli ukuba abhalele amadoda ashadile lezi ziyalezo: ‘Jabula ngomfazi wobusha bakho. Amabele akhe mawakujabulise kakhulu ngazo zonke izikhathi.’ (IzAga 5:18, 19) Ingabe lawo mazwi azwakala sengathi iBhayibheli liyakwenqabela ukuzijabulisa ngocansi?

Amaqiniso abonisa ukuthi izitho zobulili akuzona ezokwenza abantwana kuphela, kodwa uNkulunkulu wazidala ngendlela eyovumela abantu abashadile bakwazi ukubonisana uthando ngendlela ebalethela injabulo. Ubuhlobo obunjalo bungagcwalisa isidingo esingokwenyama nesingokomzwelo sendoda nowesifazane abashadile.

3 Ingabe iBhayibheli liyakuvumela ukuba indoda nowesifazane bahlale ndawonye benga-shadile ngokomthetho?

▪ Impendulo: IBhayibheli likubeka ngokucacile ukuthi “uNkulunkulu uyozahlulela izifebe.” (Hebheru 13:4) Igama lesiGreki elithi por·neiʹa, lihlanganisa zonke izinhlobo zokusetshenziswa kabi kwezitho zobulili zabantu abangashadile njengendoda nomfazi. * Ngakho-ke, akulungile phambi kukaNkulunkulu ukuba owesilisa nowesifazane bahlale ndawonye—ngisho noma kuthiwa bahlela ukushada esikhathini esizayo.

Ngisho noma owesilisa nowesifazane bethandana ngokujulile, uNkulunkulu usalindele ukuba bashade ngaphambi kokuba baye ocansini. NguNkulunkulu owasidala sinekhono lokuthanda. Imfanelo eyinhloko kaNkulunkulu uthando. Ngakho-ke, unesizathu esihle sokugcizelela ukuthi ucansi kufanele lwenziwe abantu abashadile kuphela, njengoba isihloko esilandelayo sizochaza.

4 Ingabe isithembu samukelekile?

▪ Impendulo: Kwake kwaba nesikhathi lapho uNkulunkulu avumela khona ukuba indoda ibe nenkosikazi engaphezu kweyodwa. (Genesise 4:19; 16:1-4; 29:18–30:24) Kodwa akuyena uNkulunkulu owasungula isithembu. Wenzela u-Adamu inkosikazi eyodwa kuphela.

UNkulunkulu wagunyaza uJesu Kristu ukuba aphinde agcizelele uhlelo lwaKhe lokuqala lokuba indoda ibe nomfazi oyedwa. (Johane 8:28) Lapho ebuzwa ngomshado, uJesu wathi: “Lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye.’”—Mathewu 19:4, 5.

Kamuva, omunye wabafundi bakaJesu waphefumulelwa uNkulunkulu ukuba abhale: “Yileyo naleyo ndoda mayibe nowayo umfazi nalowo nalowo wesifazane abe nowakhe umyeni.” (1 Korinte 7:2) IBhayibheli liphinde lithi noma iyiphi indoda eshadile enikezwa imithwalo yemfanelo ekhethekile ebandleni lobuKristu kumelwe ibe “indoda emfazi munye.”—1 Thimothewu 3:2, 12.

5 Ingabe akulungile ukuba abantu abashadile basebenzise izinto zokuvimbela inzalo?

▪ Impendulo: UJesu akazange ayale abalandeli bakhe ukuba babe nabantwana. Akekho futhi kubafundi bakaJesu owakhipha isiqondiso esinjalo. Akukho ndawo eBhayibhelini lapho kwenqatshelwe ngokuqondile ukusebenzisa izinto zokuvimbela inzalo.

Ngakho-ke, abantu abashadile bakhululekile ukuzinqumela ukuthi bayazifuna yini izingane noma cha. Bangase futhi banqume ukuthi zingaki izingane abazifunayo nokuthi bayozithola nini. Uma indoda nomfazi bekhetha ukusebenzisa indlela yokuvimbela inzalo engabulali umbungu ukuze kugwemeke ukukhulelwa, lokho kuyoba yisinqumo sabo nomthwalo wabo wemfanelo. * Akekho okufanele abahlulele.—Roma 14:4, 10-13.

6 Ingabe akulungile ukukhipha isisu?

▪ Impendulo: Ukuphila kungcwele kuNkulunkulu, futhi ubheka ngisho nombungu njengomuntu ophilayo. (IHubo 139:16) UNkulunkulu wathi umuntu wayeyolandisa uma elimaza ingane engakazalwa. Ngakho-ke, ubheka ukukhipha isisu njengokubulala.—Eksodusi 20:13; 21:22, 23.

Nokho, kuthiwani uma kuphakama isimo esiphuthumayo ngesikhathi sokubeletha bese kudingeka ukuba abashadile bakhethe ukuthi bazosindisa ukuphila kukamama noma kwengane? Esimweni esinjalo, abashadile kuyofanele banqume ukuthi yikuphi ukuphila abayozama ukukusindisa. *

7 Ingabe iBhayibheli liyasivumela isehlukaniso?

▪ Impendulo: IBhayibheli liyasivumela isahlukaniso. Nokho, uJesu washo isizathu esisodwa kuphela esamukelekayo sokwahlukanisa, wathi: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe [ukuya ocansini nomuntu ongashadile naye], ashade nomunye, uyaphinga.”—Mathewu 19:9.

UNkulunkulu uyakuzonda ukwahlukanisa ngobuqili. Uyobenza balandise labo abashiya abantu abashade nabo ngezizathu ezingezwakali, ikakhulukazi uma bekwenza ngenhloso yokuhlala nomunye.—Malaki 2:13-16; Marku 10:9.

8 Ingabe uNkulunkulu uyabuvumela ubungqingili?

▪ Impendulo: IBhayibheli libulahla ngokuqondile ubufebe, obuhlanganisa ubungqingili. (Roma 1:26, 27; Galathiya 5:19-21) Nakuba iBhayibheli lingagudl’ iguma mayelana nokuthi uNkulunkulu uyabulahla ubungqingili, siyazi nokuthi “uNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.

Nakuba engabusekeli ubungqingili, amaKristu eqiniso abonisa umusa kubo bonke abantu. (Mathewu 7:12) UNkulunkulu ufuna ukuba ‘sihloniphe abantu bazo zonke izinhlobo.’ Ngakho-ke, amaKristu angempela awabazondi ongqingili.—1 Petru 2:17.

9 Kukhona yini okungalungile ngokuxoxa ngocansi ocingweni, ukuthumelana izithombe zocansi noma ukuxoxa ngocansi kuyi-Internet?

▪ Impendulo: Ukuxoxa ngocansi ocingweni kuhlanganisa ukukhuluma ngokungafanele noma ukulalela imiyalezo ekhuluma ngocansi ingcaca evusa inkanuko. Ukuthumelana izithombe zocansi kusho ukusebenzisa umakhalekhukhwini ukuze uthumele abanye izithombe ezivusa inkanuko nemiyalezo ekhuluma ingcaca ngocansi. Ukuxoxa ngocansi kuyi-Internet kuhlanganisa ukubhalelana imiyalezo evusa inkanuko.

IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngemikhuba yanamuhla efana nalena. Kodwa lithi: “Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele; noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma ukuntela okuyichilo, izinto ezingafaneleki.” (Efesu 5:3, 4) Izinto ezifana nokuxoxa ngocansi ocingweni, ukuthumelana izithombe zocansi noma ukuxoxa ngocansi kuyi-Internet zikhuthaza umbono osontekile ngalo futhi zikhuthaza abantu ukuba baye ocansini nabantu abangashadile nabo. Kunokuba isize abantu ukuba balawule izifiso zabo zocansi, le mikhuba ikhuthaza ukuzanelisa kobugovu.

10 Lithini iBhayibheli ngokushaya indlwabu?

▪ Impendulo: IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngokushaya indlwabu—ukuziphulula ngenjongo yokuvusa inkanuko nokufinyelela iqophelo lokwaneliseka ngokocansi. Nokho, iZwi likaNkulunkulu liyala amaKristu: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili” esingahlanzekile.—Kolose 3:5.

Ukushaya indlwabu kukhuthaza umbono osontekile ngocansi nokuzicabangela wena. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu angabanika “amandla angaphezu kwavamile” labo abenza umzamo oqotho wokuyeka lo mkhuba.—2 Korinte 4:7; Filipi 4:13.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 11 I-Por·neiʹa ibhekisela nasezenzweni okungezona lezo uNkulunkulu ayezihlosile ekuqaleni ngesikhathi edala izitho zobulili, njengobufebe, ubungqingili nokulala nesilwane.

^ par. 19 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nombono ongokomBhalo ngokuvala inzalo, siza ubheke “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 1999, amakhasi 27-28.

^ par. 22 Ukuze uthole ingxoxo mayelana nokuthi kuyathetheleleka yini ukukhipha isisu uma udlwenguliwe, bheka i-Phaphama! ka-May 22, 1993, amakhasi 10-11, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.