Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isizuzisa Kanjani Imithetho KaNkulunkulu?

Isizuzisa Kanjani Imithetho KaNkulunkulu?

Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu

Isizuzisa Kanjani Imithetho KaNkulunkulu?

Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

1. Kungani kufanele silalele uNkulunkulu?

Kuyafaneleka ukuba silalele uNkulunkulu ngoba wasidala. Ngisho noJesu wayemlalela njalo uNkulunkulu. (Johane 6:38; IsAmbulo 4:11) Imithetho kaNkulunkulu isivulela ithuba lokubonisa ukuthi siyamthanda.—Funda eyoku-1 Johane 5:3.

Yonke imithetho kaJehova uNkulunkulu iyasizuzisa. Isifundisa indlela engcono kakhulu yokuphila manje, isibonise nendlela esingathola ngayo imivuzo ehlala njalo esikhathini esizayo.—Funda iHubo 19:7, 11; Isaya 48:17, 18.

2. Imithetho kaNkulunkulu iyizuzisa kanjani impilo yethu?

Imithetho kaNkulunkulu elahla ukudakwa isivikela ezifweni ezibulalayo nasezingozini. Ukweqisa ophuzweni oludakayo kungakwenza umlutha futhi kuholela ekuziphatheni kobuwula. (IzAga 23:20, 29, 30) UJehova uyasivumela ukuba siphuze utshwala kodwa ngokulinganisela.—Funda iHubo 104:15; 1 Korinte 6:10.

UJehova usixwayisa nangokuba nomona, intukuthelo engalawuleki nezinye izimo zengqondo ezilimazayo. Impilo yethu iyothuthuka, kuye ngokuthi sisisebenzisa kangakanani iseluleko sakhe.—Funda izAga 14:30; 22:24, 25.

3. Ungasivikela kanjani umthetho kaNkulunkulu?

Umthetho kaNkulunkulu uyakwenqabela ukuya ocansini nomuntu ongashadile naye. (Hebheru 13:4) Indoda nenkosikazi abalalela lo mthetho bazizwa belondeke kakhulu futhi benze ukuba abantababo bakhulele endaweni ethokomele. Ngakolunye uhlangothi, ukuya ocansini nomuntu ongashadile naye kuholela ezifweni, esahlukanisweni, ebudloveni, ekucindezelekeni ngokomzwelo nasemikhayeni enabazali abangabodwa.—Funda izAga 5:1-9.

Ngokugwema izimo ezingasilinga ukuba siye ocansini nomuntu esingashadile naye, sivikela ubungane bethu noNkulunkulu. Sigwema nokulimaza abanye.—Funda eyoku-1 Thesalonika 4:3-6.

4. Ukuhlonipha ukuphila kusizuzisa kanjani?

Abantu abahlonipha isipho sikaNkulunkulu sokuphila baba nempilo engcono lapho beyeka imikhuba enjengokubhema neminye imikhuba eluthayo esongela ukuphila. (2 Korinte 7:1) UNkulunkulu wazisa ngisho nokuphila kosana olusakhula esibelethweni. (Eksodusi 21:22, 23) Ngakho-ke, akufanele sibulale umntwana ongakazalwa ngamabomu. Labo abawuhloniphayo umbono kaNkulunkulu ngokuphila bayaqikelela nokuthi kuphephile emsebenzini, ekhaya nasemotweni. (Duteronomi 22:8) Ababeki ukuphila kwabo engozini ngokudlala imidlalo eyingozi ngoba ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu.—Funda iHubo 36:9.

5. Ubungcwele begazi busizuzisa kanjani?

Igazi lingcwele ngoba uNkulunkulu uthi limelela ukuphila, noma umphefumulo, wesidalwa. (Genesise 9:3, 4) Umthetho kaNkulunkulu othi inani legazi liyalingana nelokuphila uyasizuzisa. Kanjani? Wenza ukuba izono zithethelelwe.—Funda uLevitikusi 17:11-13; Hebheru 9:22.

Igazi likaJesu laliyigugu ngokukhethekile ngoba wayephelele. Wanikela kuNkulunkulu into eyayimelela ukuphila kwakhe—igazi lakhe. (Hebheru 9:12) Igazi lakhe elachitheka lisivulela ithuba lokuthola ukuphila okuphakade.—Funda uMathewu 26:28; Johane 3:16.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka izahluko 12 no-13 zencwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.