Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kufanele Siphile Ngemithetho YeBhayibheli?

Kungani Kufanele Siphile Ngemithetho YeBhayibheli?

Kungani Kufanele Siphile Ngemithetho YeBhayibheli?

INGABE umbono weBhayibheli ngocansi usuphelelwe isikhathi futhi unemingcele engadingekile? Lutho neze. Kunalokho, umbono weBhayibheli ngocansi ungasisiza ukuba sigweme:

Izifo ezithathelwana ngocansi

Ukukhulelwa ungashadile

Imiphumela ebuhlungu yokuchitheka kwemishado

Unembeza onecala

Umuzwa wokululazeka ngenxa yokuthi kudlalwe ngawe

UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, * ufuna ukuba sijabulele izipho zakhe futhi sizuze lapho sizisebenzisa. UNkulunkulu ‘uyiLowo okufundisayo ukuze uzuze.’ (Isaya 48:17) Umuntu ophila ngeziqondiso zeBhayibheli ezindabeni zocansi:

Uthola ukwamukelwa uNkulunkulu

Uba nokuthula kwengqondo

Uba nobuhlobo obuhle namalungu omkhaya

Uba nedumela elihle

Uba nokuzihlonipha

Nokho, kuthiwani uma okwamanje ungaphili ngemithetho yeBhayibheli yokuziphatha? Ungakwazi yini ukushintsha indlela yakho yokuphila? Ingabe uNkulunkulu uyokujezisela izinto owazenza esikhathini esidlule?

Cabangela leli qiniso: Abanye ababengamalungu ebandla lobuKristu lekhulu lokuqala bake baba yizifebe, iziphingi nongqingili. Nokho, bakhetha ukushintsha indlela yabo yokuphila futhi kwaba nemiphumela emihle. (1 Korinte 6:9-11) Namuhla, izinkulungwane zabantu emhlabeni wonke ziye zenza ukukhetha okufanayo. Ziye zabuyeka ubufebe futhi zathola izinzuzo zokuphila ngokuvumelana nemithetho yeBhayibheli. Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba kaSarah okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala.

“Ngokushesha Ngezwa Kusuka Umthwalo Emahlombe”

USarah wathola ukuthi ukuphila ngendlela ayithandayo akumnikanga inkululeko nokwaneliseka ayekulangazelela. Uthi: “Ngaba nomuzwa wokuthi unembeza wami wawungasazweli. Ngangingajabule futhi ngikhathazekile ngokuthi ngingase ngikhulelwe noma ngithole isifo esibi. Angizange ngiyeke ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi ngangazi ukuthi indlela engangiphila ngayo yayimzwise ubuhlungu. Ngangizizwa ngingcolile, futhi lokho kwakungidla.”

Ekugcineni, uSarah wathola amandla okushintsha indlela yakhe yokuphila. Wacela usizo kubazali bakhe abangoFakazi BakaJehova. Wacela nosizo lwabadala abafanelekayo abangamaKristu ebandleni lakubo. USarah uthi: “Yangimangaza imfudumalo nothando lwabazali bami nabadala bebandla. Ngokushesha ngezwa kusuka umthwalo emahlombe.”

Manje uSarah ukhulisa izingane zakhe ezimbili. Uthi: “Angizifihleli izingane zami ngokukhetha engakwenza. Ngifuna zazi ukuthi ukungayihloniphi imithetho kaNkulunkulu kwangilimaza kanjani. Umgomo wami uwukuzisiza ukuba zazi ukuthi ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu ephathelene nocansi kuzuzisa umuntu emzimbeni, engqondweni nangokomzwelo. Ngiyaqiniseka ukuthi isizathu esenza uNkulunkulu asinike imithetho yokuziphatha ukuthi akafuni ukusibona silimala.”

Nawe ungazithola izinzuzo zokulandela isiqondiso sikaNkulunkulu sothando. IBhayibheli linalesi sithembiso: ‘Imiyalo evela kuJehova iqotho, ibangela inhliziyo ukuba ijabule; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo. Kukhona umvuzo omkhulu lapho ugcinwa.’—IHubo 19:8, 11. *

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 8 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

^ par. 20 Ukuze ufunde okwengeziwe mayelana neseluleko seBhayibheli esisebenzayo, zizwe ukhululekile ukuxhumana noFakazi BakaJehova endaweni yangakini. Noma ungase ubhalele ekhelini elifanele kulawo asekhasini 4 noma uvakashele ingosi yethu ye-Internet ethi www.watchtower.org.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

Labo abayishaya indiva imithetho yeBhayibheli bavame ukubanga ubuhlungu obungokomzwelo

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]

Labo abaphila ngemithetho yeBhayibheli baba nonembeza ohlanzekile futhi bajabulela ubuhlobo obuhle namalungu omkhaya