Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuvakashela Ehlane Elimbozwe Iqhwa

Ukuvakashela Ehlane Elimbozwe Iqhwa

Incwadi Evela ENorway

Ukuvakashela Ehlane Elimbozwe Iqhwa

KWAKUSEKUSENI futhi kusebusika. Saphenya ikhethini salunguza ngaphandle sihlola ukuthi sinjani isimo sezulu. Yeka indlela esajabula ngayo lapho sibona ukuthi licwathile! Sasizochitha izinsuku ezintathu sishumayela eFinnmarksvidda—enkangala yentaba esenyakatho ye-Arctic Circle.

Lishubisa umnkantsha eNorway uma kusebusika, ngakho sasinqikaza ukuphuma silibhekise ehlane elisenyakatho. Okujabulisayo nokho ukuthi sasizohamba noFakazi BakaJehova abathathu bakuyo le ndawo. Babezazi kahle izimo zale ndawo futhi basinikeza amacebiso amahle.

Imigwaqo imbalwa lapha. Indlela engcono yokufinyelela abantu abahlala ezindaweni ezicezile ukuhamba ngesithuthuthu saseqhweni. Sathatha izingubo, ukudla namalahle sakulayisha ezithuthuthwini zethu ezidonsa inqola. Kude lé ezintabeni, sasiwabona amathafa ambozwe iqhwa elimhlophe qwa elalicwazimula kuhle kwamadayimane ehlatshwa imisebe yelanga. Kwakungeve kukuhle!

IFinnmarksvidda iyikhaya lezinyamazane ezibizwa ngokuthi ama-reindeer nama-moose, amakati abizwa ngokuthi ama-lynx, onogwaja, izimpungushe, izilwane ezinjengempisi ezibizwa ngokuthi ama-wolverine nedlanzana lamabhere. Nokho, esasikubheke ngabomvu kwakuwukufinyelela abantu abahlala kule ndawo esemajukujukwini. Sasilangazelela ngokukhethekile ukuhlangana namaSami, aziphilisa ngokufuya izinyamazane noma ngokusebenza ezindaweni ezisezintabeni ezinezindlu zokungenisa izivakashi.

Safika endlini yokuqala yokungenisa izivakashi, singakangeni, sahlangana nesigejana sezingane zesikole ezazishushuluza eqhweni zinqamula izwe. Zama ukuze zixoxe nathi, zabuza nokuthi senzani lapha. Sakujabulela ukuzichazela. Lapho sesihamba, enye yazo yathi: “Phambili ngeBhayibheli!” Sabuyela ezithuthuthwini zethu, yithi labaya siwela amachibi amakhulu eqhwa nogwadule olumbozwe iqhwa. Sasizibuza ukuthi kazi sizowubona yini umhlambi wezinyamazane?

Kwathi lapho sikhuphukela bude buduze nendlu ethile, sabingelelwa umlisa mumbe ngemfudumalo. Wayengomunye wezakhamuzi ezimbalwa zakule ndawo. Lapho ebona ukuthi inqola yethu iphukile, wacela ukusilungisela yona. Wayilungisa ngesineke; kwazise abantu balapha ababhuduzeli. Indlela ayesebenza ngayo yasenza nathi sabeka umoya phansi. Lapho eseyilungisile, sabonga sabe sesixoxa naye ngamaphuzu ambalwa atholakala eBhayibhelini mayelana nokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. Walalela ngokucophelela. Ngaphambi kokuba sihambe, samshiyela incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? nomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Wamamatheka wabe esethi: “Ngiyabonga ngokungivakashela.”

Ngemva kokuvakashela ezinye izindawo ezimbalwa, kwabe sekuhwalala. Sahamba saya endlini esasizolala kuyo. Singanakile sazithela phezu kwempungushe. Uboya bayo obuhle obubomvu bavele bagqama njengoba yayimi eqhweni elimhlophe. Yathi ukuma kancane isibuka njengokungathi iyazibuza ukuthi sibekwa yini la, yabe isihamba. Izulu laqala ukukhithika, okwenza kwaba nzima ukubona indlela. Kwathi gidi lapho ekugcineni siyibona indlu esasizolala kuyo! Sabasa isitofu, nendlu yaqala ukufudumala. Nakuba sasikhathele siyimvithi ngemva kokwehla senyuka usuku lonke eqhweni, kodwa sasijabule.

Kwasheshe kwasa. Saphinde safaka izinto zethu ezithuthuthwini sangena indlela, sehla saze sayofika emathafeni, sathubeleza sigudla umfula saze sayofika kwenye indlu yokungenisa izivakashi esentabeni. Lapho, sathola insizwa ethile, saxoxa nayo ngezindaba eziningana zeBhayibheli. Ngomusa, yasilayela indlela enqamulelayo ephindela emuva.

Kwase kuwusuku lokugcina lohambo lwethu. Njengoba sasingena eStabbursdalen National Park, sabona indawo enhle, sasizibona izintaba ezikude zimbozwe iqhwa zibenyezeliswa imisebe yelanga. Kwaqhamuka umhlambi omkhulu wezinyamazane! Zaziklabe ngokuthula, zizimbela ulele nolembu olumbozwe iqhwa ngezinselo zazo ezinkulu. Buqamamana, sabona umSami ehlezi enqoleni yakhe yokuhamba eqhweni. Wayezihlalele ngokuthula elusa izinyamazane zakhe. Inja yakhe yayiqaphe umhlambi ukuba ungahlakazeki. Yayidamane ihogela ngalapho esasingakhona, iphinde ibheke umhlambi. Saxoxa nalo mlisa ngesigijimi sethu. Wayenobungane futhi wasilalela.

Lapho sesiphindela ekhaya, sacabanga ngabo bonke abantu esasihlangane nabo kulolu hambo olungamakhilomitha angu-300. Sazizwa sinelungelo ngokuba nengxenye encane ekufinyeleleni abantu bakuleli hlane elimbozwe iqhwa.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]

© Norway Post