Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

U-Abrahama—Indoda Ethobekile

U-Abrahama—Indoda Ethobekile

U-Abrahama—Indoda Ethobekile

U-Abrahama uhleli etendeni lakhe, uziphumulele kamnandi ngaphansi komthunzi njengoba likhipha umkhov’ etsheni. Laphaya, ubona amadoda amathathu eza. * Akapholisi maseko, uthathela ngejubane, uyohlangabeza lezi zivakashi, uzincenga ukuba ziphumule kancane zithole okuya ethunjini. Uzinikeza “ucezu lwesinkwa,” abese ezenzela isiphihli sedili lesinkwa esisanda kubhakwa, ibhotela, ubisi nenyama ethambile yekhethelo. Njengoba sizobona, ngokunika lezi zivakashi ukudla, u-Abrahama akabonisi nje umoya wokungenisa izihambi kodwa ubonisa nokuthobeka kwangempela.—Genesise 18:1-8.

KUYINI UKUTHOBEKA? Ukuthobeka ukungazidli noma ukungaziqhenyi. Umuntu othobekile uyaqonda ukuthi wonke umuntu uyamedlula ngandlela thile. (Filipi 2:3) Uyayilalela imibono yabanye futhi uzimisela ukubenzela imisebenzi ebonakala iphansi.

U-ABRAHAMA WAKUBONISA KANJANI UKUTHOBEKA? U-Abrahama wakhonza abanye ngenjabulo. Njengoba kuboniswe esethulweni, lapho u-Abrahama ebona amadoda amathathu, wawanika ayekudinga ngaso leso sikhathi. Umkakhe uSara waqala ukulungisa ukudla ngokushesha. Nokho, qaphela ukuthi ubani owenza umsebenzi omkhulu: U-Abrahama wagijima wayohlangabeza izivakashi, uyena owasikisela ukuzinika okudliwayo, u-Abrahama owagijima waya emhlanjini wayokhetha iduna elalizohlatshwa futhi uyena owaletha ukudla kulezi zivakashi. Kunokuba ithume izinceku zayo ukuba zenze wonke lo msebenzi, le ndoda ethobekile yazibambela mathupha. Ayizange ibone sengathi kuyehlisa isithunzi ukukhonza abanye.

U-Abrahama wayilalela imibono yalabo ababengaphansi kwegunya lakhe. IBhayibheli lilandisa ngezikhathi ezimbalwa lapho uSara ayexoxa khona no-Abrahama. Nokho, kwezimbili zazo, u-Abrahama walalela imibono kaSara futhi wenza ngokuvumelana nayo. (Genesise 16:2; 21:8-14) Ngesinye isikhathi, umbono wakhe ekuqaleni ‘awuzange neze uthandeke ku-Abrahama.’ Kodwa lapho uJehova ekhuluma no-Abrahama, emtshela ukuthi umbono kaSara yiwona olungile, ngokuthobeka wahoxa futhi wenza lokho uSara ayekusikisele.

YIZIPHI IZIFUNDO ESIZITHOLAYO? Uma sithobeke ngempela, siyokujabulela ukukhonza abanye. Siyothola injabulo ekwenzeni ukuphila kwabanye kube lula kakhudlwana.

Singase futhi sibonise ukuthobeka ngendlela esisabela ngayo emibonweni yabanye. Kunokuba siwenqabe kalula umbono othile ngenxa yokuthi awuqhamukanga nathi, ngokuhlakanipha singayamukela imibono yabanye. (IzAga 15:22) Ukucabanga okubanzi ngale ndlela kubazuzisa ngokukhethekile labo abanegunya elithile. UJohn osekuyisikhathi eside engumphathi emsebenzini uthi: “Ngiye ngathola ukuthi umphathi omuhle wenza abantu bakhululeke ukuveza imizwa yabo.” Uyanezela: “Kudinga ukuthobeka ukuqaphela ukuthi umuntu ongaphansi kwakho angase abe nendlela engcono kuneyakho yokwenza izinto. Kakade, akukho muntu—ngisho nomphathi—ongungqondongqondo kuyo yonke into.”

Lapho silingisa u-Abrahama ngokulalela imibono yabanye nangokubenzela imisebenzi ephansi, samukelwa uJehova. Ngale nje kwalokho, “uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekile ubapha umusa ongafanelwe.”—1Petru 5:5.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Nakuba u-Abrahama engazange akuqaphele ekuqaleni, lezi zivakashi kwakuyizithunywa zikaNkulunkulu eziyizingelosi.—Hebheru 13:2.