Dlulela kokuphakathi

 Fundisa Izingane Zakho

“Wanamathela KuJehova”

“Wanamathela KuJehova”

WAKE watshelwa ukuba unamathele entweni ethile? * Ubaba noma umama wakho angase akutshele ukuthi bambelela esandleni sakhe uqinise lapho neqa umgwaqo. Usuke esho kanjalo ngoba ekuthanda futhi engafuni ukuba ulimale. Sizokhuluma ngomuntu iBhayibheli elithi “wanamathela kuJehova,” uNkulunkulu weqiniso. Igama lakhe uHezekiya. Ake sibone ukuthi singafundani esibonelweni sakhe.

UHezekiya akakhulanga kamnandi. Uyise, u-Ahazi, inkosi yakwaJuda, wayeka ukukhonza uJehova. Wayehamba phambili ekukhulekeleni onkulunkulu bamanga ngesikhathi uHezekiya esengumfana. Waze wanikela ngendodana yakhe—umfowabo kaHezekiya—ukuba ibulawe ibe umhlatshelo kunkulunkulu ayemkhulekela!

Nakuba u-Ahazi aqhubeka enza okubi, uHezekiya waqhubeka elalela uJehova. Ucabanga ukuthi kwakunzima yini kuye ukwenza lokhu?— Kumelwe ukuba kwakunzima. Kodwa uHezekiya akazange ayeke! Ake sifunde indlela akwazi ngayo ukunamathela kuJehova nokuthi singakwenza kanjani okufanayo.

UHezekiya wafunda ngabanye abanamathela kuJehova. UDavide wayengomunye wabo. Nakuba uDavide aphila eminyakeni eminingi ngaphambili, uHezekiya wayengafunda ngaye emiBhalweni. UDavide wabhala: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.”

Uyabona ukuthi uDavide wasizwa yini ukuba alalele uJehova?— Ukholo lwakhe! UDavide  wayeqiniseka ukuthi uma elalela, uJehova uyomsiza. Wayengenakho nokuncí ukungabaza! Ngokuqinisekile ukucabanga ngoDavide kwamsiza uHezekiya ukuba anamathele kuJehova futhi amlalele. Nawe ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyokusiza uma uqhubeka unamathela kuye ngokumlalela.

Uzokwenzenjani uma ubaba wakho noma umama wakho engamkhulekeli uJehova?— UNkulunkulu uthi abantwana kufanele balalele abazali babo. Ngakho nawe kufanele ulalele abakho. Kodwa uma abazali bakho bethi yenza okuthile uNkulunkulu athi ungakwenzi, ungabachazela ukuthi kungani ungeke ukwenze. Akufanele uqambe amanga, webe noma wenze noma yini embi uNkulunkulu athi ayilungile, kungakhathaliseki ukuthi ubani othi yenze. Wenza kahle ngokulalela uNkulunkulu!

Kunezibonelo ezinhle esingazilingisa. UHezekiya wayenesibonelo sikaDavide nesikaJothamu, umkhulu wakhe. Nakuba uJothamu afa ngaphambi kokuba uHezekiya azalwe, uHezekiya wayengafunda ngaye, njengoba nathi singafunda ngaye emaBhayibhelini ethu namuhla. Ingabe zikhona ezinye izibonelo ezinhle ozicabangayo esingazilingisa?

Yiqiniso, ungafunda eBhayibhelini ngamaphutha enziwa uHezekiya, uDavide, uJothamu kanye nabanye abantu abangaphelele. Kodwa labo bantu babemthanda uJehova, bawavuma amaphutha abo, bazama ukwenza okulungile. Khumbula ukuthi uJesu kuphela, iNdodana kaNkulunkulu, owayephelele. Masifunde ngaye ngokukhethekile, sizame ukulandela isibonelo sakhe.

^ isig. 3 Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.