Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingxoxo Nomakhelwane—Ingabe UJesu UnguNkulunkulu?

Ingxoxo Nomakhelwane—Ingabe UJesu UnguNkulunkulu?

Ingxoxo Nomakhelwane—Ingabe UJesu UnguNkulunkulu?

OFAKAZI BAKAJEHOVA bayakujabulela ukuxoxa ngeBhayibheli nomakhelwane babo. Ikhona yini indaba eseBhayibhelini obulokhu uzibuza yona? Zikhona yini izinkolelo noma imikhuba engokwenkolo yoFakazi BakaJehova oke uzibuze ngayo? Uma kunjalo, unganqikazi ukubuza oFakazi ngesikhathi esizayo lapho uhlangana nabo. Bazokujabulela ukuxoxa nawe ngakho.

Ngezansi kunengxoxo uFakazi kaJehova angase abe nayo nomakhelwane wakhe. Ake sithi uFakazi ogama lakhe linguThandeka uxoxa noGabisile.

Kuyiqiniso Yini Ukuthi Anikholelwa KuJesu?

UThandeka: Umfundisi wami uthi oFakazi BakaJehova abakholelwa kuJesu. Ingabe lokho kuyiqiniso?

UGabisile: Ngithanda wazi ukuthi siyakholelwa kuJesu. Empeleni, sikholelwa ukuthi ukuba nokholo kuJesu kubalulekile ukuze umuntu asindiswe.

UThandeka: Nami ngiyakukholelwa lokho.

UGabisile: Lokho kusho ukuthi mina nawe siyavumelana kule ndaba. Nakhu ngilibala, igama lami nginguGabisile. Ngicela ukwazi ukuthi wena ungubani?

UThandeka: NginguThandeka. Ngiyajabula ukukwazi.

UGabisile: Nami ngiyajabula ukukwazi, Thandeka. Kungenzeka uyazibuza, ‘Uma oFakazi BakaJehova bekholelwa ngempela kuJesu, pho kungani abantu bethi abakholelwa kuye?’

UThandeka: Impela ngingathanda ukukwazi lokho.

UGabisile: Uma ngishaya ngezinqamulelayo nje Thandeka, sikholelwa ngokuqinile kuJesu, kodwa asikholelwa yikho konke abantu abakushoyo ngaye.

UThandeka: Ungangenzela isibonelo?

UGabisile: Yebo. Abanye bathi uJesu wayemane eyindoda elungile. Kodwa thina asivumelani nalokho.

UThandeka: Nami angivumelani nalokho.

UGabisile: Okunye futhi lokho esivumelana ngakho mina nawe. Isibonelo sesibili ukuthi oFakazi BakaJehova abavumelani nezimfundiso eziphikisana nalokho uJesu uqobo akusho ngobuhlobo bakhe noYise.

UThandeka: Usho ukuthini?

UGabisile: Izinkolo eziningi zifundisa ukuthi uJesu unguNkulunkulu. Mhlawumbe nawe uye wafundiswa lokho.

UThandeka: Yebo, umfundisi wami uthi uNkulunkulu noJesu umuntu oyedwa.

UGabisile: Kodwa ngeke uvume yini ukuthi indlela engcono kakhulu yokufunda iqiniso ngoJesu ukuhlola lokho yena akusho ngaye?

UThandeka: Ngiyavumelana nalokho.

Wathini UJesu?

UGabisile: Ake sihlole ivesi leBhayibheli elicacisa le ndaba. Ngicela uphawule lokho esikufunda kuJohane 6:38. UJesu wathi: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumileyo.” La mazwi abeyoba yindida ukube uJesu ubenguNkulunkulu.

UThandeka: Kanjani?

UGabisile: Phawula ukuthi uJesu uthi akehlanga ezulwini ukuba azokwenza intando yakhe.

UThandeka: Kunjalo, uthi weza ukuzokwenza intando yaLowo omthumileyo.

UGabisile: Manje uma uJesu enguNkulunkulu, ubani owamthuma esuka ezulwini? Futhi kungani uJesu azithoba entandweni yaLowo?

UThandeka: Oho, sekuqala ukukhanya manje. Kodwa angiboni ukuthi leli vesi nje lilodwa lifakazela ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu.

UGabisile: Cabanga nangalokho uJesu abuye akusho. Washo amazwi afanayo esahlukweni esilandelayo sencwadi kaJohane. Ungathanda ukufunda uJohane 7:16?

UThandeka: Ayikho inkinga. “UJesu wabaphendula wathi: ‘Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.’”

UGabisile: Ngiyabonga Thandeka. Ngokwalokho okushiwo yileli vesi, ingabe uJesu wayefundisa imibono yakhe?

UThandeka: Cha, wathi izimfundiso zakhe zingezalowo omthumile.

UGabisile: Kunjalo ngempela. Kuphakama omunye futhi umbuzo: ‘Ubani owathuma uJesu? Futhi ubani owamnika amaqiniso awafundisa?’ Ngeke yini Lowo abe mkhulu kunoJesu? Empeleni, othuma umunye usuke emkhulu kunalowo amthumayo.

UThandeka: Hhayi, wangehlula-ke. Angikaze ngihlangane naleli vesi.

UGabisile: Cabanga futhi nangamazwi kaJesu kuJohane 14:28: “Nizwile ukuthi ngithé kini, Ngiyahamba futhi ngiyabuya kini. Uma beningithanda, beniyojabula ngokuthi ngiyahamba ngiya kuBaba, ngoba uBaba mkhulu kunami.” Ngokwaleli vesi, ungathi uJesu uzibheka kanjani uma eziqhathanisa noYise?

UThandeka: Wathi uYise mkhulu kunaye. Ngakho, ngicabanga ukuthi umbheka njengomkhulu.

UGabisile: Kunjalo ngempela. Nasi esinye isibonelo, phawula lokho uJesu akutshela abafundi bakhe njengoba kulotshwe kuMathewu 28:18. Lelo vesi lithi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” Manje ingabe uJesu wathi wayevele enalo lonke igunya?

UThandeka: Cha, wathi ulinikiwe.

UGabisile: Kodwa uma uJesu enguNkulunkulu, wayengalinikwa kanjani igunya? Futhi ubani owamnika?

UThandeka: Engathi kuzofanele ngiyifakele izibuko le ndaba.

Wayekhuluma Nobani?

UGabisile: Kunokunye futhi okuxakayo uma uJesu enguNkulunkulu ngempela.

UThandeka: Yini leyo?

UGabisile: Yilokho esikufundayo ngokubhapathizwa kwakhe. Phawula lokho okushiwo kuLuka 3:21, 22. Ngicela usifundele lawo mavesi.

UThandeka: “Manje lapho bonke abantu sebebhapathiziwe, uJesu naye wabhapathizwa, futhi njengoba ayethandaza, izulu lavuleka nomoya ongcwele usesimweni sejuba, wehlela phezu kwakhe, kwavela izwi ezulwini lithi: ‘Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngikwamukele.’”

UGabisile: Uphawulile ukuthi uJesu wayenzani njengoba ayebhapathizwa?

UThandeka: Wayethandaza.

UGabisile: Kunjalo. Kodwa singase sizibuze, ‘Uma uJesu enguNkulunkulu, wayethandaza kubani?’

UThandeka: Umbuzo omuhle lowo. Kuzomelwe ngibuze umfundisi.

UGabisile: Kulo leli vesi, phawula ukuthi ngemva kokuba uJesu ephumile emanzini, othile wakhuluma esezulwini. Ubonile ukuthi wathini Lowo?

UThandeka: Wathi uJesu uyindodana yaKhe, wathi uyamthanda futhi uyamamukela.

UGabisile: Impela. Kodwa uma uJesu enguNkulunkulu, ubani owasho lawo mazwi ezulwini?

UThandeka: Bengingakaze ngiyicabange ngale ndlela.

Kungani “kunguBaba neNdodana”?

UGabisile: Nakhu okunye okudinga ukucatshangelwa: Sifunde ukuthi uJesu wabiza uNkulunkulu ngokuthi uYise wasezulwini. Futhi lapho ebhapathizwa, izwi elivela ezulwini lathi kuJesu uyiNdodana yami. Eqinisweni, kwayena uJesu wazibiza ngokuqondile ngokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Ake sithi ubufuna ukungifundisa ukuthi abantu ababili bayalingana, ibuphi ubuhlobo emkhayeni obungabusebenzisa njengesibonelo?

UThandeka: Bengingasebenzisa izelamani.

UGabisile: Ushaye khona—mhlawumbe kube amawele afana ncamashí. Kodwa uJesu wabiza uNkulunkulu ngokuthi uBaba futhi yena wazibiza ngeNdodana. Ucabanga ukuthi uJesu wayeqonde ukuthini?

UThandeka: Sengiyabona. UJesu uveza ukuthi oyedwa phakathi kwabo mdala futhi unegunya elikhulu kunomunye.

UGabisile: Ush’ entshweni. Bheka nje: Ucabange umfanekiso ofaneleka kahle wokuchaza ukulingana, izelamani noma amawele. Ukube uJesu ubenguNkulunkulu ngempela, awucabangi yini ukuthi njengoMfundisi Omkhulu, ubeyocabanga isibonelo esifanayo—noma ngisho esicace nakakhulu sabantu abalinganayo?

UThandeka: Kunjalo.

UGabisile: Kodwa kunalokho, wasebenzisa amagama athi “uBaba” nelithi “iNdodana” ukuze achaze ubuhlobo bakhe noNkulunkulu.

UThandeka: Liyathakazelisa lelo phuzu.

Bathini Abalandeli BakaJesu Bokuqala?

UGabisile: Ngaphambi kokuba ngihambe, ngithanda sicabangele esinye isici esisodwa sale ndaba kancane nje.

UThandeka: Kulungile, nginayo imizuzu embalwa.

UGabisile: Uma uJesu enguNkulunkulu ngempela, awucabangi ukuthi abafundi bakhe babeyokusho ngokucacile lokho?

UThandeka: Kubonakala kunengqondo lokho.

UGabisile: Kodwa akukho ndawo emiBhalweni lapho sifunda khona ukuthi bafundisa into enjalo. Ngokuphambene, phawula lokho omunye wabalandeli bakaJesu bokuqala, umphostoli uPawulu akusho. KweyabaseFilipi 2:9, uchaza lokho uNkulunkulu akwenza ngemva kokufa nokuvuka kukaJesu: ‘UNkulunkulu wamphakamisela [uJesu] esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama.’ Ngokwaleli vesi, yini uNkulunkulu ayenza kuJesu?

UThandeka: Lithi uNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme.

UGabisile: Uqinisile. Kodwa ukube uJesu wayelingana noNkulunkulu ngaphambi kokuba afe futhi uNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme, lokho bekungeke yini kwenze uJesu abe ngaphezu kukaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuba kube khona omkhulu kunoNkulunkulu?

UThandeka: Ngeke. Ayinakwenzeka into enjalo.

UGabisile: Ngivumelana nawe lapho. Ngokwabo bonke lobu bufakazi esibuhlolile, ungasho yini ukuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi uJesu unguNkulunkulu?

UThandeka: Cha, akubonakali kunjalo. IBhayibheli lithi uyiNdodana kaNkulunkulu.

UGabisile: Impela kunjalo. Nokho, ngicela ukukuqinisekisa Thandeka ukuthi oFakazi BakaJehova bamhlonipha kakhulu uJesu. Sikholelwa ukuthi ukufa kwakhe njengoMesiya othenjisiwe kwavulela bonke abantu abathembekile indlela eya ensindisweni.

UThandeka: Ngiyakukholelwa nalokho.

UGabisile: Khona-ke, ungase uzibuze, ‘Singambonisa kanjani uJesu ukuthi siyakwazisa ukunikela kwakhe ngokuphila kwakhe ngenxa yethu?’ *

UThandeka: Ngike ngazibuza ngalokho.

UGabisile: Mhlawumbe ngingabuya ngizoxoxa nawe ngempendulo yeBhayibheli. Uzobe ukhona ngalesi sikhathi ngesonto elizayo?

UThandeka: Yebo, ngizobe ngikhona.

UGabisile: Kuhle kakhulu, sizobonana ngaleso sikhathi-ke.

[Umbhalo waphansi]