Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMose Uthola Isabelo Esikhethekile

UMose Uthola Isabelo Esikhethekile

Ezentsha

UMose Uthola Isabelo Esikhethekile

Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.

Abalingiswa abasemqoka: UJehova uNkulunkulu noMose

Indaba efingqiwe: UJehova uyala uMose ukuba ahole ama-Israyeli aphume eGibhithe.

1 HLAZIYA IZIGCAWU.—FUNDA U-EKSODUSI 3:1-14; 4:1-17.

Ucabanga ukuthi kwakunjani ukubukeka kwesihlahla esivuthayo? Chaza.

․․․․․

Ucabanga ukuthi laba njani izwi nobuso bukaMose lapho ezwa amazwi kaNkulunkulu atholakala ku-Eksodusi 3:4?

․․․․․

Imiphi imizwelo ‘oyizwayo’ ezwini likaMose njengoba ebuza uJehova ku-Eksodusi 3:11, 13; naku 4:1, 10?

․․․․․

2 CWANINGISISA.

Usebenzisa amathuluzi okucwaninga onawo, thola okwengeziwe ngamazwi athi: “Ngiyoba yilokho engiyoba yikho.” (Eksodusi 3:14) Kungani uJehova asho lawo mazwi lapho ephendula umbuzo kaMose ophathelene negama laKhe? *

․․․․․

Ucabanga ukuthi kungani uMose ayenqikaza ukukhuluma noFaro? (Funda uNumeri 12:3.)

․․․․․

Yini eyayingase ibangele uMose ukuba angabaze ukukhuluma nama-Israyeli?

․․․․․

3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .

Nokungazethembi komuntu.

․․․․․

Nendlela uJehova akwethemba ngayo wena namakhono akho.

․․․․․

INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.

Kukuziphi izici zokuphila ongazethembi kuzo?

․․․․․

Yiziphi izindlela ongaba ngazo usizo kuJehova uNkulunkulu naphezu kokulinganiselwa onakho?

․․․․․

4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?

․․․․․

Lesi sihloko ungasithola kuyi-computer noma usiprinte ngokuya engosini yethu ye-Internet ethi www.pr418.com

Uma ungenalo iBhayibheli, licele koFakazi BakaJehova noma ulifunde kuyi-Internet kuleli kheli: www.watchtower.org

[Umbhalo waphansi]

^ par. 14 OFakazi BakaJehova banyathelisa izincwadi nezincwajana ezingakusiza ukuba ucwaningisise ekutadisheni kwakho iBhayibheli. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, xhumana noFakazi BakaJehova endaweni yangakini noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.