Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungalikhetha Kanjani Ikusasa Eliqhakazile?

Ungalikhetha Kanjani Ikusasa Eliqhakazile?

Ungalikhetha Kanjani Ikusasa Eliqhakazile?

UNGAKUTHOLA kanjani ukuphila okuphumelela ngempela? Enye indlela ukusebenzisa ikhono eliyingqayizivele lokubona imiphumela yesikhathi esizayo yezinqumo ozenza manje.

Kuyavunywa, ungase ukuthole kunzima ukwenza izinqumo eziyokuzuzisa ukuphila kwakho konke. Ngani? Ngoba abantu abaningi abasizungezile bafuna izinto manje. Ngokwesibonelo, ungase uqaphele ukuthi ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kungakusiza ukuba wakhe ubuhlobo bomkhaya obuqinile. (Efesu 5:22–6:4) Kodwa ukuze wenze njalo, kumelwe uchithe isikhathi nomkhaya wakho, kuyilapho wenqaba ithonya lokuchitha isikhathi esiningi emsebenzini nakwezokuzijabulisa. Njengoba kunjalo ekuphileni, kumelwe ukhethe phakathi kokwaneliseka isikhashana noma impumelelo yesikhathi eside. Ungawathola kanjani amandla adingekayo okukhetha inkambo ehlakaniphile? Thatha izinyathelo ezine ezilandelayo.

1 Cabanga Ngemiphumela Yezinqumo Zakho

Lapho kufanele wenze isinqumo, cabanga ngomphumela. IBhayibheli liyeluleka: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Uma uyihlola ngobuqotho imiphumela, cishe uyoshukumiseleka ukuba ugweme inkambo engase ibe ingozi. Ngakolunye uhlangothi, uma ucabanga ngezinzuzo zesikhathi eside zesinqumo esihlakaniphile, uyoqinisa ukuzimisela kwakho ukusenza.

Zibuze: ‘Uyoba yini umphumela wesinqumo sami esikhathini esingangonyaka, noma ngisho engu-10 noma engu-20 ukusuka manje? Siyoyithinta kanjani imizwelo nempilo yami? Ukukhetha engikwenzayo kuyowuthinta kanjani umkhaya wami nalabo engibathandayo?’ Okubaluleke kunakho konke zibuze: ‘Ingabe isinqumo sami siyomjabulisa uNkulunkulu? Sizobuthinta kanjani ubuhlobo bami naye?’ Njengoba iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu, lingakusiza ukuba wazi ukuthi yini emjabulisayo futhi likuqwashise ngezingibe ongase ungazinaki.—IzAga 14:12; 2 Thimothewu 3:16.

2 Zenzele Wena Izinqumo

Kunokuba bazenzele izinqumo, abantu abaningi balingisa abantu abaseduze kwabo. Kodwa ukuthi indlela ethile yokuphila iyathandwa akusho ukuthi iholela empumelelweni. Zenzele wena isinqumo. Ngokwesibonelo, cabanga ngoZandile. a Uthi: “Ngangifuna umshado omuhle. Kodwa ngabona ukuthi indlela engiphila ngayo iyokwenza ngingawutholi. Ekolishi bonke abangane bami babekhaliphile. Kodwa babeqhubeka benza izinqumo eziwubuwula ekuphileni kwabo. Babeshintsha amasoka nezintombi. Nami ngenza okufanayo, ngishintsha amasoka. Le ndlela yokuphila yangizwisa ubuhlungu obukhulu ngokomzwelo.”

UZandile waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uthi: “KoFakazi ngabona intsha ejabule ngabona nemishado eqinile. Nakuba kwakungelula, kancane kancane ngashintsha indlela yami yokuphila.” Waba yini umphumela? “Bekulokhu kuyisifiso sami ukushada nomuntu engimhlonipha ngokujulile. Ngokuhamba kwesikhathi ngashada nendoda enezinkolelo ezifana nezami. Nginomuzwa wokuthi uNkulunkulu unginikeze ukuphila komkhaya okungcono kakhulu okudlula noma ikuphi engake ngaphupha ngakho.”

3 Bheka Imiphumela Yesikhathi Eside

Ukuze ugweme ukucabangela imanje, kudingeka ukuba ube nombono ocacile ngekusasa olifunayo nendlela yokulithola. (IzAga 21:5) Ungacabangi nje ngokuphila komuntu kweminyaka engu-70 noma engu-80. Kunalokho, zibone ngeso lengqondo ujabulela ikusasa laphakade elichazwe eBhayibhelini.

IBhayibheli lichaza ukuthi ngomhlatshelo wesihlengo kaKristu Jesu, uNkulunkulu uye wenzela abantu ilungiselelo lokuba bathole ukuphila okuphakade. (Mathewu 20:28; Roma 6:23) UNkulunkulu uthembisa ukuthi maduze injongo yakhe yasekuqaleni ngabantu nomhlaba izogcwaliseka. Labo abathanda uNkulunkulu bayoba nethuba lokujabulela ukuphila phakade emhlabeni omuhle obuyiselwe. (IHubo 37:11; IsAmbulo 21:3-5) Lelo kusasa ungalithola uma ubheka imiphumela yesikhathi eside ezayo.

4 Sebenzela Ukufinyelela Imigomo Yakho

Yini ongayenza ukuze uthole lelo kusasa elithenjisiwe? Qala ngokungenisa ulwazi ngoNkulunkulu. (Johane 17:3) Ulwazi olunembile ngeBhayibheli luyokwenza uqiniseke ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu ngekusasa ziyogcwaliseka. Ukholo olunjalo luyoqinisa ukuzimisela kwakho ukwenza zonke izinguquko ezidingekayo ukuze wamukelwe uNkulunkulu.

Cabanga ngalokho okwenzeka kuMichael. Uyachaza: “Ngaqala ukudakwa nokudla izidakamizwa ngineminyaka engu-12. Ngangiyilungu leqembu lezigila-mkhuba futhi kwakulindeleke ukuba ngife ngingakayihlanganisi iminyaka engu-30. Intukuthelo yami nokukhungatheka kwangenza ngazama kaningi ukuzibulala. Nganginethemba lokuthi kukhona okungcono ekuphileni kodwa ngingakutholi.” Ngesikhathi uMichael efunda esikoleni esiphakeme, elinye ilungu leqembu lakhe laqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. UMichael naye wavuma ukufunda iBhayibheli.

Lokho akufunda eBhayibhelini kwashintsha indlela ayebheka ngayo ikusasa lakhe. Uthi: “Ngafunda ukuthi ngesikhathi esizayo umhlaba uzoba ipharadesi nokuthi abantu bayohlala ngokuthula, bengakhathazwa yilutho. Ngaqala ukukubona kuyikusasa lami lokhu. Ukwakha ubungane obuhle noJehova kwaba umgomo wami. Kodwa kwakunzima. Ngisho nangemva kokuba sengiqale ukufunda iBhayibheli ngadakwa izikhathi ezimbalwa futhi ngalala nentombazane.”

UMichael wazinqoba kanjani lezo zithiyo futhi washintsha ukuphila kwakhe? Uthi: “Owayengifundisa iBhayibheli wangikhuthaza ukuba ngifunde iBhayibheli nsuku zonke futhi ngizihlanganise nalabo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu. Ngabona ukuthi abangane bami baseqenjini lezigila-mkhuba babesenethonya kimi. Nakuba base befana nabafowethu, ngahlukana nabo.”

UMichael wazibekela imigomo yesikhathi esifushane neyezinto eziza kuqala, okwamsiza wafinyelela umgomo wakhe omkhulu wokuvumelanisa ukuphila kwakhe nemithetho kaNkulunkulu. Nawe ungenza okufanayo. Bhala phansi imigomo yesikhathi eside nezinto eziyokusiza ukuba uyifinyelele. Tshela abantu abazokusekela ngemigomo yakho, bacele ukuba babheke intuthuko yakho.

Ungakuhlehlisi ukufunda ngoNkulunkulu nokusebenzisa isiqondiso sakhe ekuphileni kwakho. Thatha izinyathelo zokwakha uthando ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe, iBhayibheli. Lapho lichaza umuntu owenza imithetho kaNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Konke akwenzayo kuyophumelela.”—IHubo 1:1-3.

[Umbhalo waphansi]

a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.