Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Ingxoxo Nomakhelwane

Ingabe UNkulunkulu Ujezisa Abantu Esihogweni Somlilo?

Ingabe UNkulunkulu Ujezisa Abantu Esihogweni Somlilo?

OFAKAZI BAKAJEHOVA bayakujabulela ukuxoxa ngeBhayibheli nomakhelwane babo. Ingabe ukhona umbuzo weBhayibheli obulokhu uzibuza wona? Kukhona yini ofisa ukukwazi ngezinkolelo zoFakazi BakaJehova noma izinto abazenzayo eziphathelene nenkolo yabo? Uma kunjalo, unganqikazi ukubabuza lapho uphinde uhlangana nabo. Bayokujabulela ukuxoxa nawe ngezindaba ezinjalo.

Lena ingxoxo omunye woFakazi BakaJehova angaba nayo nomakhelwane. Ake sithi uFakazi ogama lakhe uMbongeni ufika emzini kaZwelakhe.

Ingabe UNkulunkulu Uyobajezisa Abantu Ababi?

UMbongeni: Kwakuhle ukuphinde ngikubone Zwelakhe.

UZwelakhe: Nami ngiyajabula ukukubona.

UMbongeni: Bengilokhu ngicabanga ngalokho owakusho ngesikhathi ngilapha ngokudlule.

UZwelakhe: Konje ngangitheni?

UMbongeni: Wathi kwakumangaza ukuzwa ukuthi oFakazi BakaJehova abakholelwa esihogweni somlilo.

UZwelakhe: Yebo, kwangimangaza impela. Eqinisweni, kunzima ukwamukela ukuthi anikholelwa kuso.

UMbongeni: Ngiyabonga ngokungitshela indlela ozizwa ngayo. Kuhlale kungithakazelisa ukuzwa imibono yabanye abantu. Ngenxa yokuthi abantu banemibono eminingi ehlukene ngesihogo somlilo, ngicela ukubuza, yini wena oyikholelwayo ngaso?

UZwelakhe: Bengilokhu ngikholelwa ukuthi abantu ababi ngempela baya esihogweni uma befa futhi bahlushwa kuso phakade.

UMbongeni: Lowo umbono ojwayelekile. Ake ngibuze, wake wavelelwa yini into ebuhlungu ekuphileni kwakho?

UZwelakhe: Yebo. Udadewethu wabulawa eminyakeni emihlanu edlule.

UMbongeni: Ngiyadabuka ukuzwa lokho. Kumelwe ukuba uyamkhumbula.

UZwelakhe: Kunjalo. Ngicabanga ngaye nsuku zonke.

UMbongeni: Ngithole ukuthi abanye abantu bakholelwa kakhulu esihogweni somlilo ngoba baye bathintwa izenzo zabantu ababi. Ngempela, abantu abangenacala bafuna ukubona abantu ababi bejeza ngenxa yezenzo zabo.

UZwelakhe: Kunjalo! Ngifuna ukuthi umuntu owabulala udadewethu ajeze ngalokho akwenza emndenini wakithi.

UMbongeni: Imizwa enjalo ijwayelekile. IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu naye kuyamthukuthelisa ukuhlukunyezwa kwabantu abangenacala—futhi uthembisa ukuthi uzobajezisa abantu ababi. Phawula lokho okushiwo ku-Isaya 3:11: “Maye komubi!  —Inhlekelele; ngoba impatho izandla zakhe ezabaphatha ngayo abanye uyophathwa ngayo naye!” Ngakho singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzobajezisa abantu ababi.

UZwelakhe: Kuzokwenzeka kanjani lokho njengoba nithi asikho isihogo somlilo?

UMbongeni: Umbuzo omuhle lowo. Kafushane nje, impendulo iwukuthi uNkulunkulu uzojezisa ababi ngokubabhubhisa phakade. Cabanga ngalokho okushiwo iBhayibheli kweye-2 Thesalonika 1:9. Ngicela usifundele leli vesi.

UZwelakhe: Kulungile. Lithi: “Bona kanye laba bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade basuke phambi kweNkosi.”

UMbongeni: Ngakho uyabona, Zwelakhe, alikho ithemba ngabantu ababi ngoba uNkulunkulu ubajezisa ngokufa kwaphakade. Abanalo ithemba lokuphila esikhathini esizayo.

UZwelakhe: Ngiyakubona lokho okushiwo yileli vesi kodwa kubonakala kungalungile. Wonke umuntu uyafa. Abantu ababi abafanelwe yini isijeziso esibi kakhulu?

Yini Edingekayo Ukuze Kube Nobulungisa?

UMbongeni: Ngiyabona ukuthi ungumuntu othanda ubulungisa.

UZwelakhe: Kakhulu.

UMbongeni: Kuhle lokho. Iqiniso liwukuthi abantu bayakwazi okuhle nokubi ngoba uNkulunkulu wabadala kanjalo. Naye ubuthanda kakhulu ubulungisa. Kodwa lapho abaholi benkolo befundisa ukuthi uNkulunkulu ujezisa abantu esihogweni somlilo empeleni baveza uNkulunkulu njengomuntu ongenabulungisa.

UZwelakhe: Ush’ ukuthini?

UMbongeni: Ake ngikunikeze isibonelo. Ujwayelene yini nendaba ka-Adamu no-Eva eseBhayibhelini?

UZwelakhe: Yebo. UNkulunkulu wabatshela ukuthi bangadli isithelo somuthi othile, kodwa abalalelanga.

UMbongeni: Yiqiniso. Ake sihlole lokhu kulandisa kweBhayibheli. Kutholakala kuGenesise 2:16, 17. Uthi: “UJehova uNkulunkulu wamnika lo myalo umuntu: ‘Kuyo yonke imithi yensimu ungadla usuthe. Kodwa ngokuqondene nomuthi wolwazi lokuhle nokubi ungadli kuwo, ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyokufa nokufa.’” UNkulunkulu wathi yini eyayiyokwenzeka uma u-Adamu edla isithelo esasenqatshelwe?

UZwelakhe: Wathi uzokufa.

UMbongeni: Uqinisile. Cabanga nje: Ngokona kwakhe, u-Adamu wabangela ukuba bonke abantu bazalwe beyizoni. * Noma kunjalo, ingabe uNkulunkulu wakhuluma ngokubajezisa esihogweni somlilo?

UZwelakhe: Cha.

UMbongeni: UNkulunkulu wayengeke yini amxwayise u-Adamu no-Eva ukube babesengozini yokuhlushwa phakade? Ukubaxwayisa kwakungeke yini kubonise uthando futhi kube yinto elungile?

UZwelakhe: Mhlawumbe.

UMbongeni: Cabanga futhi nokuthi uNkulunkulu wathini ku-Adamu no-Eva ngemva kokona. Ngicela ufunde uGenesise 3:19.

UZwelakhe: Kulungile. Uthi: “Uzodla isinkwa ngesithukuthuku sobuso bakho uze ubuyele emhlabathini, ngoba wathathwa kuwo. Ngoba uluthuli, uyobuyela othulini.”

UMbongeni: Ngiyabonga. UNkulunkulu wathi wayeyophelelaphi u-Adamu?

UZwelakhe: Wathi wayeyobuyela emhlabathini.

UMbongeni: Ushaye khona. Manje awuvumi yini ukuthi ukuze umuntu abuyele endaweni, kufanele kube ukuthi uvela kuyo?

UZwelakhe: Kunjalo.

UMbongeni: Konje wayekuphi u-Adamu ngaphambi kokuba uNkulunkulu amdale?

UZwelakhe: Wayengekho.

UMbongeni: Uqinisile. Futhi uzophawula ukuthi lapho uNkulunkulu ekhipha isijeziso akashongo lutho ngesihogo somlilo. Kwakungaba okulungile yini ukuba uNkulunkulu atshele u-Adamu ukuthi uzobuyela emhlabathini kanti uzoya esihogweni somlilo?

UZwelakhe: Cha.

 Ingabe UDeveli Wenza Intando KaNkulunkulu?

UMbongeni: Kunokunye okumelwe sikucabange ngale mfundiso yesihogo somlilo.

UZwelakhe: Yini leyo?

UMbongeni: Ngokuvamile, abantu bathi ubani “ophethe” isihogo? Bathi ubani ojezisa abantu abasesihogweni?

UZwelakhe: USathane.

UMbongeni: Kodwa uSathane uyisitha sikaNkulunkulu esikhulu kunazo zonke. Manje uma uNkulunkulu eyisa abantu esihogweni somlilo ukuze bahlushwe uDeveli, ngeke yini lokho kwasho ukuthi uNkulunkulu noSathane babambisene ngandlela thile?

UZwelakhe: Hmm. Angikaze ngiyicabange kanjalo.

UMbongeni: Ukuze ngicacise leli phuzu—unayo ingane, angithi?

UZwelakhe: Yebo, nginomfana oneminyaka engu-15.

UMbongeni: Ake sithi indodana yakho iba ihlongandlebe. Yenze zonke izinto ezimbi ezikudumazayo. Ungenzenjani?

UZwelakhe: Ngingazama ukuyikhuza.

UMbongeni: Ngiyaqiniseka ukuthi ubungazama kaningi ukuyisiza ukuze ishintshe.

UZwelakhe: Kunjalo.

UMbongeni: Ake sithi ngaphezu kwayo yonke imizamo yakho, ayifuni ukukulalela. Ekugcineni, ungase ubone sekufanele uyijezise ngandlela thile.

UZwelakhe: Impela nje.

UMbongeni: Kodwa kuthiwani uma uthola ukuthi kunendoda ekhohlakele ebilokhu ikhohlisa indodana yakho, iyifundisa ukwenza zonke lezo zinto ezimbi?

UZwelakhe: Ngingayithukuthelela leyo ndoda.

UMbongeni: Manje ake ngizwe umbono wakho. Njengoba sewazi ukuthi leyo ndoda embi iyona ethonye indodana yakho ukuba ikujikele, ubungaphinde ucele yona yini ukuba ijezise indodana yakho?

UZwelakhe: Lutho neze. Akunangqondo lokho.

UMbongeni: Manje-ke, kunengqondo yini ukuba uNkulunkulu acele uSathane uDeveli—okuwuyena oyithonya elibi kubantu—ukuba ajezise bona labo bantu abathonyayo?

UZwelakhe: Cha, angicabangi ukuthi kunengqondo.

UMbongeni: Uma uNkulunkulu ebefuna ukujezisa abantu ababi, kungenzeka kanjani ukuba uDeveli—isitha sikaNkulunkulu esikhulu kunazo zonke—abambisane noNkulunkulu ekubajeziseni?

UZwelakhe: Bengingakaze-ke ngicabange kanjalo!

UJehova Uzobuqeda Bonke Ububi

UMbongeni: Nokho, qiniseka ukuthi uNkulunkulu uzobuthathela isinyathelo bonke ububi. Mhlawumbe singafunda umBhalo owodwa wokugcina ocacisa leli phuzu. IHubo 37:9. Ngicela ulifunde.

UZwelakhe: Kulungile. Lithi: “Abenzi bokubi bazonqunywa, kodwa abathemba uJehova yibo abayodla ifa lomhlaba.”

UMbongeni: Ngiyabonga. Uqaphelile yini ukuthi uJehova uNkulunkulu uzokwenzani ngabenzi bokubi?

UZwelakhe: Leli vesi lithi bazonqunywa.

UMbongeni: Uqinisile. Ngamanye amazwi, uyobabhubhisa phakade. Kodwa abantu abalungile—“abathemba uJehova”—bayojabulela ukuphila emhlabeni phakade. Yiqiniso, lokhu kungase kuphakamise eminye imibuzo engqondweni yakho. Imibuzo enjengokuthi, kungani uNkulunkulu engabavimbanga kwasekuqaleni abantu ukuba bangakwenzi okubi? Futhi uma ngempela ehlose ukujezisa abantu ababi, kungani engakabajezisi?

UZwelakhe: Nami ngiyazibuza.

UMbongeni: Ngizokubonisa izimpendulo zeBhayibheli uma ngiphinde ngibuya. *

UZwelakhe: Ngingakujabulela lokho.

^ isig. 79 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.