Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukholelwa Ukuthi Wake Waphila Ngaphambili?

Ingabe Ukholelwa Ukuthi Wake Waphila Ngaphambili?

“Ukuphindukuzalwa kuyinto eyenzeka ngempela, futhi eqinisweni abantu abaphilayo yilabo abake bafa futhi imiphefumulo yabo iyaqhubeka iphila.”—UPLATO, ISAZI SEFILOSOFI ESINGUMGREKI, SEKHULU LESIHLANU B.C.E., ECAPHUNA “USOCRATES.”

“Njengoba umphefumulo ungaphili ngaphandle komzimba futhi ungewona umzimba, ungaba semzimbeni owodwa noma udlulele komunye.”—UGIORDANO BRUNO, ISAZI SEFILOSOFI SASE-ITALY, SEKHULU LE-16 C.E.

“Abantu abafi ngempela: bamane nje babonakale sengathi bafile . . . basuke belunguze ngefasitela, bephile saka kodwa sebesemzimbeni omusha thina singababoni.”—URALPH WALDO EMERSON, UMBHALI WEZINDABA NEMBONGI YASEMELIKA, YEKHULU LE-19 C.E.

WAKE wazibuza yini ukuthi ungubani ngempela? Ingabe uke ucabange ukuthi wake waphila ngaphambili? Uma kunjalo, awuwedwa. Kusukela endulo, abantu baseMpumalanga naseNtshonalanga baye bazibuza imibuzo enjalo. Njengoba befuna izimpendulo, abanye baye baphendukela enkolelweni yokuphindukuzalwa. Le nkolelo ithi lapho umuntu efa, “umphefumulo” ongabonakali ushiya umzimba bese uphinde uzalwa komunye umzimba—owomuntu, owesilwane noma ngisho esitshalweni—isikhathi esisodwa noma ngaphezulu ngokulandelana.

 Njengoba le mfundiso ingase ibanelise abanye abantu, singazi kanjani ukuthi iyiqiniso noma cha? Lithini iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngale ndaba? Okokuqala kumelwe sibuze ukuthi yavelaphi le nkolelo?

Yavelaphi Inkolelo Yokuphindukuzalwa?

Izazimlando nezazi zeBhayibheli zithi abantu ababehlala eBhabhiloni lasendulo, umuzi owakhiwa eminyakeni engaphezu kwengu-2 000 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, basungula umqondo wokungafi komphefumulo womuntu. Encwadini yakhe ethi Religion of Babylonia and Assyria, uMorris Jastrow, Jr., uthi: “Izazi zaseBhabhiloni zemfundiso yenkolo zasho okuningi ngokungafi komphefumulo.” Wachaza, kwabaseBhabhiloni “ukufa kwakumane kuyibhuloho lokudlulela kokunye ukuphila. Akungabazeki ukuthi lezi zazi zazikholelwa ukuthi ngeke kwenzeke ukuba umuntu obekhona avele angabe esaba khona.”

Kusukela ngaleso sikhathi, eBhabhiloni kwaqala nezinkolelo zokuphuma komphefumulo uyongena komunye umzimba, zasakazekela nakwezinye izingxenye zezwe. Izazi zefilosofi zaseNdiya zaqala ukuchaza izinkolelo eziyinkimbinkimbi zomjikelezo wokuphindukuzalwa ezisekelwe emithethweni wembangela nomphumela noma i-Karma. Izazi zefilosofi ezivelele ezingamaGreki nazo zamukela le nkolelo yokuphindukuzalwa futhi zayenza yathakazelisa nakakhulu.

Nanamuhla, abantu basemazweni aseNtshonalanga banesithakazelo esikhulu kule nkolelo yokuphindukuzalwa. Osaziwayo nesizukulwane samanje baye bathakazeliswa imikhuba nezimfundiso zenkolo zaseMpumalanga. Namuhla, kunenqwaba yezincwadi nezingosi ze-Internet ezikhuluma ngalokho okuthiwa ukuphila kwangesikhathi esidlule. Emazweni amaningi kwanda ngokushesha okukhulu lokho okubizwa ngokuthi i-past-life therapy (ukwelashwa ngokukhumbula isikhathi esidlule). Kukhuthaza ukusetshenziswa kokuluthwa kwengqondo ukuze kutholakale lokho abantu abathi ukuphila kwangaphambili bezama ukuqonda isimo sabo samanje sempilo nezindlela abaziphatha ngayo.

Ingabe Inkolelo Yokuphindukuzalwa Iyiqiniso?

Nakuba inkolelo yokuphindukuzalwa inomsuka wasendulo, ngokuqinisekile kuyadingeka ukwazi ukuthi iyiqiniso yini. Futhi amaKristu ayofuna ukwazi ukuthi le nkolelo iyavumelana yini nalokho okushiwo iBhayibheli. (Johane 17:17) Njengoba uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, enguMthombo wokuphila futhi ‘enguMambuli wezimfihlo,’ uyazembula izinto eziphathelene nokuphila kanye nokufa abantu abebengenakuzazi. Singalihlola ngokuqiniseka iZwi lakhe, iBhayibheli, sifune izimpendulo ngale ndaba.—Daniyeli 2:28; IzEnzo 17:28.

Izimpendulo ezivela kuNkulunkulu singazithola kalula lapho sivumela iBhayibheli ukuba lizichaze. Ngokwesibonelo, kuGenesise 3:19, sithola amazwi uNkulunkulu awasho ku-Adamu ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bengamlalelanga. UNkulunkulu wathi: “Uzodla isinkwa ngesithukuthuku sobuso bakho uze ubuyele emhlabathini, ngoba wathathwa kuwo. Ngoba uluthuli, uyobuyela othulini.” U-Adamu wenziwa ngomhlabathi. Lapho efa, wabuyela emhlabathini. Lawo kwakungamazwi acacile ashiwo uNkulunkulu ngale ndaba. Ngakho, lapho umuntu efa akaphinde azalwe engomunye umuntu kunalokho akabe esaba khona. * Njengoba ukushisa nokubanda, into eyomile nemanzi, ukukhanya nobumnyama kuhluke ngokuphelele, ukufa kuphambene nokuphila. Abafileyo bafe ngempela! Lokhu kulula futhi kunengqondo, akunjalo?

Ngakho-ke, kumelwe ukuba kunezizathu ezenza ukuba abanye abantu bakhumbule izinto abacabanga ukuthi zenzeka ekuphileni kwabo kwangaphambili. Ukusebenza kwengqondo yomuntu, enakile noma enganakile, imiphumela yemithi yezokwelapha noma ukubhekana nezenzakalo ezibuhlungu akukaqondwa ngokugcwele. Amaphupho nezenzakalo ezicatshangwayo ezisekelwe ekwazisweni  okuyintilibathwa okusengqondweni kungase kukhanye bhá kumuntu kuze kube sengathi kwenzeke ngempela. Kwezinye izimo, imimoya emibi iveza imibono engeyona eyemvelo nengaqondakali kube sengathi yenzeka ngempela.—1 Samuweli 28:7-19.

Kuyisifiso somuntu esingokwemvelo ukufuna ukuphila nokwazi ngekusasa. Kodwa sivelaphi leso sifiso? Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli lithi ngoMdali: “Ufake nobuphakade ezinhliziyweni zabantu.” (UmShumayeli 3:11, i-New International Version) Yingakho-ke abantu banesifiso esijulile sokuphila okuphakade.

Uma uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, efake isifiso sokuphila phakade ezinhliziyweni zabantu, kunengqondo ukuthi ubeyoyichaza indlela lesi sifiso esinganeliswa ngayo. IBhayibheli lembula ukuthi injongo eyinhloko yoMdali iwukubusisa abantu abalalelayo ngokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. INkosi uDavide yaphefumulelwa ukuba ibhale leli hubo: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Ukuvuswa kwabafileyo kuyimfundiso yeBhayibheli eyinhloko ehlobene kakhulu nenjongo kaNkulunkulu yaphakade.—IzEnzo 24:15; 1 Korinte 15:16-19.

Uvuko—Ithemba Eliqinisekisiwe Ngabafileyo

IBhayibheli linezindaba ezingu-8 zabantu abazibonela kuvuswa abathile kwabafileyo. * Lolu vuko lwalungekhona ukuphindukuzalwa. Izihlobo nabangane zababona ngokushesha abavusiwe ukuthi yibo. Akuzange kudingeke zibacinge ezinsaneni eziseduze nezikude ukuze zibone ukuthi imiphefumulo yabo ayikho yini kwezinye zazo.—Johane 11:43-45.

Kuyaduduza ukwazi ukuthi iZwi LikaNkulunkulu libonisa ukuthi iningi lalabo abafa bayovuselwa emhlabeni omusha kaNkulunkulu, ozongena esikhundleni salo mhlaba omubi. (2 Petru 3:13, 14) Njengamanje umlando wabantu abaningi kakhulu ugcinwe enkumbulweni engenamkhawulo kaJehova, uNkulunkulu okhumbula ngisho namagama azo zonke izinkanyezi! (IHubo 147:4; IsAmbulo 20:13) Lapho evusa izizukulwane zabantu emhlabeni wakhe omusha, ziyokwazi ukubheka uhlu lozalo lwazo futhi zibazi kahle okhokho bazo. Yeka ithemba elivusa amadlingozi!

^ isig. 13 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 6, esithi “Bakuphi Abafileyo?” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 18 Lezi zenzakalo ezingu-8 zovuko zitholakala kweyoku-1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37; 13:20, 21; Luka 7:11-17; 8:40-56; Johane 11:38-44; IzEnzo 9:36-42; 20:7-12. Njengoba ufunda lezi zenzakalo, phawula ukuthi lolu vuko lwenzeka phambi kofakazi abaningi. Isenzakalo sesishiyagalolunye sichaza ukuvuswa kukaJesu Kristu.—Johane 20:1-18.