Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kubafundi Balo Magazini

Kubafundi Balo Magazini

Umagazini owufundayo njengamanje waqala ukunyatheliswa ngo-July 1879. Kusukela ngaleso sikhathi, izikhathi ziye zashintsha—nalo magazini uye washintsha. (Bheka izithombe ezingenhla.) Kusukela kulo magazini, nizophawula ukuthi kunoshintsho endleleni INqabayokulinda ebhalwe ngayo. Yini ezoshintsha?

Emazweni amaningi, bayanda abantu abafuna ukwaziswa okuthile kuyi-Internet futhi bayakujabulela ukwenza lokho. Ngokumane nje bachofoze i-mouse bangathola ukwaziswa okuningi okukuyi-Internet kuphela. Izincwadi, omagazini namaphephandaba amaningi angafundwa kuyo.

Ngenxa yokuthi lokhu sekwandile, siye saklama kabusha ingosi yethu ethi www.pr418.com, ukuze ikhange ngokwengeziwe futhi kube lula ukuyisebenzisa. Abavakashela le ngosi bangakwazi ukufunda izincwadi ngezilimi ezingaphezu kuka-430. Nokho, kusukela ekuqaleni kwale nyanga, abavakashela le ngosi bangakwazi nokufunda izihloko ezithile ebezivame ukunyatheliswa komagazini bethu kodwa manje esezizotholakala engosini yethu kuphela. *

Njengoba izihloko ezengeziwe sezizofakwa engosini yethu kuphela, kusukela kulo magazini, INqabayokulinda yomphakathi isizoncipha ibe namakhasi angu-16 esikhundleni sokuba nangu-32. Kakade INqabayokulinda isinyatheliswa ngezilimi ezingu-204. Ngenxa yokuthi isizoba namakhasi ambalwa, manje isingahunyushelwa ezilimini ezengeziwe.

Sethemba ukuthi lolu shintsho luzosenza sikwazi ukufinyelela abantu abaningi ngesigijimi seBhayibheli esisindisa ukuphila. Sizimisele ukuqhubeka silungiselela ukwaziswa okuningi okufundisayo nokuthakazelisayo—okunyathelisiwe nokutholakala kuyi-Internet—ukuze kuzuze abafundi abaningi balo magazini abalihloniphayo iBhayibheli futhi abafuna ukwazi ukuthi lifundisani ngempela.

Abanyathelisi

^ isig. 5 Ezinye zezihloko ezizotholakala engosini yethu kuphela yilezi: “Ezentsha,” ezinikeza intsha imisebenzi ephathelene nokufunda iBhayibheli nesithi “Izifundo Engizithole EBhayibhelini,” izihloko eziwuchungechunge eziklanyelwe abazali ukuba bazisebenzise lapho befundisa izingane zabo ezineminyaka emithathu nangaphansi.