Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 SONDELA KUNKULUNKULU

‘Uzambulele Izingane’

‘Uzambulele Izingane’

Ingabe uyalazi iqiniso ngoNkulunkulu—ukuthi ungubani, yini ayithandayo nayizondayo nokuthi iyini intando yakhe? UJehova uNkulunkulu uyalembula lonke iqiniso eliphathelene naye eZwini lakhe, iBhayibheli. Kodwa akuyena wonke umuntu ongafunda iBhayibheli futhi aliqonde ngokugcwele lelo qiniso. Kungani? Ngenxa yokuthi ukuqonda lelo qiniso elingokomoya kuyilungelo; akuyena wonke umuntu olitholayo. Ake sixoxe ngalokho uJesu akusho ngale ndaba.—Funda uMathewu 11:25.

Leli vesi liqala ngala mazwi: “Ngenxa yalokho uJesu wathi ngaleso sikhathi.” Ngakho, lokho uJesu asezokusho mhlawumbe kwenezela kulokho okwakusanda kwenzeka. Wayesanda kusola abantu abangamlalelanga emizini emithathu yaseGalile lapho ayenze khona izimangaliso. (Mathewu 11:20-24) Ungase ubuze, ‘Kwakungenzeka kanjani ukuba umuntu abone izimangaliso zikaJesu kodwa angawakholelwa amaqiniso awafundisa?’ Ukungalaleli kwalabo bantu kwakuhlobene nesimo senhliziyo yabo enenkani.—Mathewu 13:10-15.

UJesu wayazi ukuthi ukuze siqonde iqiniso elingokomoya elitholakala eBhayibhelini, kudingeka izinto ezimbili: Usizo lukaNkulunkulu nesimo esihle senhliziyo. UJesu wathi: “Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba uzifihlile lezi zinto kwabahlakaniphile nakongqondongqondo wazambulela izingane.” Uyabona ukuthi kungani kungase kuthiwe ukuqonda iqiniso elingokomoya elitholakala eBhayibhelini kuyilungelo? UJehova, ‘iNkosi yezulu nomhlaba,’ angase alifihle noma alembule iqiniso eliphathelene nobukhosi bakhe. Kodwa wonke umuntu unethuba lokuba aliqonde leli iqiniso. Kungani uNkulunkulu embula iqiniso leBhayibheli kwabanye futhi kwabanye angalembuli?

UJehova uthanda abantu abathobekile, hhayi abazidlayo. (Jakobe 4:6) Uyalifihla iqiniso “kwabahlakaniphile nakongqondongqondo”—abahlakaniphile ngokwezwe nabafundile okuthi ngenxa yokuqhosha nokuzethemba ngokweqile babe nomuzwa wokuthi abaludingi usizo lwakhe. (1 Korinte 1:19-21) Kodwa ulembulela “izingane”—labo abasondela kuye ngezinhliziyo eziqotho, bebonisa ukuthobeka okunjengokwengane. (Mathewu 18:1-4; 1 Korinte 1:26-28) INdodana kaNkulunkulu, uJesu, yazibonela mathupha lokhu. Abantu abaningi abaqhoshayo, abaholi benkolo ababefunde kakhulu abazange bawuthole umqondo wesigijimi sikaJesu, kodwa abadobi abathobekile bawuthola. (Mathewu 4:18-22; 23:1-5; IzEnzo 4:13) Ngesikhathi esifanayo, abathile abacebile nababefundile ababonisa ukuthobeka kwangempela baba abalandeli bakaJesu.—Luka 19:1, 2, 8; IzEnzo 22:1-3.

Manje sibuyela embuzweni ophakanyiswe ekuqaleni: Ingabe uyafuna ukwazi iqiniso ngoNkulunkulu? Uma ufuna, kungase kukududuze ukwazi ukuthi uNkulunkulu akabathandi labo abazibheka njengabantu abahlakaniphile ngokwezwe. Kunalokho, uthanda labo izihlakaniphi zezwe ezibabukela phansi. Uma ufunda iZwi likaNkulunkulu ngesimo esihle sengqondo nesenhliziyo, ungase ube phakathi kwalabo uJehova abapha isipho esiyigugu—ukuqonda iqiniso ngaye. Ukuqonda lelo qiniso kuyokwenza ukuphila kwakho kujabulise manje futhi kungakuholela ‘ekuphileni kwangempela’—ukuphila okungenasiphelo ezweni elisha elinokulunga elithenjiswe uNkulunkulu elizofika maduzane. *1 Thimothewu 6:12, 19; 2 Petru 3:13.

Izahluko ZeBhayibheli Ongazifunda Ngo-January: Mathewu 1-21

^ isig. 7 OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ufunde iqiniso ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe. Baqhuba izifundo zeBhayibheli zamahhala, besebenzisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?