Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 SONDELA KUNKULUNKULU

“UnguNkulunkulu Wabaphilayo”

“UnguNkulunkulu Wabaphilayo”

Ingabe ukufa kunamandla kunoNkulunkulu? Lutho neze! Kungenzeka kanjani ukuba ukufa—noma esinye nje ‘isitha’—kube namandla ‘kunoNkulunkulu uMninimandla onke’? (1 Korinte 15:26; Eksodusi 6:3) UNkulunkulu unamandla okulungisa umonakalo owenziwe ukufa futhi uyowulungisa ngovuko, yilokho kanye athembisa ukukwenza ezweni lakhe elisha. * Siqiniseke kangakanani leso sithembiso? INdodana kaNkulunkulu uqobo, uJesu, isitshela ngamazwi angenza izinhliziyo zethu zigcwale ithemba.—Funda uMathewu 22:31, 32.

Ekhuluma nabaSadusi, ababengakholelwa ovukweni, uJesu wathi: “Ngokuqondene novuko lwabafileyo, anikufundanga yini lokho okwakhulunywa nguNkulunkulu kini, ethi, ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe’? UnguNkulunkulu wabaphilayo, hhayi owabafileyo.” Lapha uJesu wayebhekisela engxoxweni uNkulunkulu aba nayo noMose ngo-1514 B.C.E. esihlahleni esasivutha. (Eksodusi 3:1-6) NgokukaJesu, amazwi uJehova awasho kuMose athi, “NginguNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe,” abonisa ukuthi isithembiso sovuko siyogcwaliseka nakanjani. Kanjani?

Okokuqala, cabanga ngomongo. Ngesikhathi uJehova ekhuluma noMose, kwase kuyisikhathi eside izinzalamizi u-Abrahama, u-Isaka noJakobe zafa—u-Abrahama wayeneminyaka engu-329, u-Isaka enengu-224 noJakobe enengu-197. Noma kunjalo, uJehova wathi “nginguNkulunkulu” akashongo ukuthi “nganginguNkulunkulu” wabo. UJehova wakhuluma ngalezo zinzalamizi ezintathu ezase zifile njengokungathi zazisaphila. Kungani?

UJesu wachaza: “[UJehova] unguNkulunkulu wabaphilayo, hhayi owabafileyo.” Ake ucabange kancane ngokuthi ayesho ukuthini lawo mazwi. Ukube belungekho uvuko, u-Abrahama, u-Isaka noJakobe bebeyohlala phakade emathuneni. Uma kunjalo, uJehova ubeyoba uNkulunkulu wezidumbu. Lokho, bekuyosho ukuthi ukufa kunamandla kunoJehova—kube njengokungathi akanawo nhlobo amandla okukhulula izinceku zakhe ezithembekile ezidladleni zokufa.

Ngakho-ke, singase siphethe ngokuthini ngo-Abrahama, u-Isaka, uJakobe nazo zonke izinceku zikaJehova ezithembekile esezafa? UJesu washo la mazwi anamandla: “Bayaphila kuye.” (Luka 20:38) Ngempela, injongo kaJehova yokuvusa izinceku zakhe ezithembekile esezafa iqiniseke kangangokuthi uzibheka njengokungathi zisaphila. (Roma 4:16, 17) UJehova uyobagcina bonke laba bantu enkumbulweni yakhe engenamkhawulo kuze kufike isikhathi sakhe sokubavusa.

UJehova unamandla kakhulu kunokufa

Ingabe liyakujabulisa ithemba lokuphinde uhlangane nabantu obathandayo abashona? Uma kunjalo, khumbula ukuthi uJehova unamandla kakhulu kunokufa. Akukho okungamvimba ukuba agcwalise isithembiso sakhe sokuvusa abafileyo. Sicela ufunde okwengeziwe ngesithembiso sovuko nangoNkulunkulu ozosigcwalisa. Ukwenza kanjalo kuyokwenza usondele kuJehova, “uNkulunkulu wabaphilayo.”

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-February

Mathewu 22-28Marku 1-8

^ isig. 3 Ukuze uthole okwengeziwe ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuvuselwa kwabantu emhlabeni omusha onokulunga, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.