INDABA YOKUPHILA
“Ngabona, Kodwa Ngangingaqondi”
Ngangineminyaka emibili ubudala ngo-1975 lapho umama eqala ukusola ukuthi kukhona okungahambi kahle kimi. Njengoba ayengiphethe, umngane wakhe wawisa into esindayo, okwenza kwaba nomsindo omkhulu. Umama waphawula ukuthi angithuki. Ngangingakwazi ukukhuluma ngisho nalapho sengineminyaka emithathu. Ngemva kwalokho abasekhaya bezwa izindaba ezibuhlungu—odokotela baqinisekisa ukuthi ngiyisithulu!
Ngesikhathi ngisewusana, abazali bami badivosa, umama waphoqeleka ukuba asikhulise yedwa, mina nezingane zakithi—abafana ababili nentombazane. Ngaleso sikhathi, eFrance izingane eziyizithulu zazingafundiswa ngendlela ezifundiswa ngayo namuhla futhi izindlela ezazisetshenziswa ngezinye izikhathi zazihlukumeza kakhulu. Noma kunjalo, kusukela ebuntwaneni ngiye ngaba nelungelo abantu abaningi abayizithulu abangenalo. Ake ngichaze.
Okwesikhathi esithile, othisha abaningi babekholelwa ukuthi izingane eziyizithulu kufanele zifundiswe ukukhuluma nokuzwa ngokubheka izindebe zokhulumayo. Eqinisweni, eFrance, lapho ngakhulela khona, ukukhuluma ngezandla kwakungavunyelwe nhlobo esikoleni. Ezinye izingane eziyizithulu zazize ziboshelwe izandla ngemuva uma kufundwa.
Ngenkathi ngisemncane, ngangichitha amahora amaningi njalo ngesonto nodokotela osiza abanezinkinga zokukhuluma. Ngangibanjwa imihlathi noma ikhanda ngiphoqwe ukuba ngisho imisindo engangingayizwa. Ngangingakwazi ukukhuluma nezinye izingane. Ngahlukumezeka kakhulu phakathi naleyo minyaka.
Kwase kuthi lapho sengineminyaka eyisithupha, ngayiswa esikoleni sabayizithulu futhi ngangihlala kuso. Ngangiqala ngqa, ukuhlangana nezinye izingane eziyizithulu. Nalapha futhi, ukukhuluma ngezandla kwakungavunyelwe. Uma sike sakhuluma ngezandla ekilasini, sasiboshwa izandla noma sidonswe izinwele. Noma kunjalo, sasikhuluma ngezandla ekusithekeni, sisebenzisa izimpawu esasizakhele zona. Ekugcineni ngakwazi ukukhuluma nezinye izingane. Leyo minyaka emine yayijabulisa.
Nokho, lapho sengineminyaka eyishumi, ngayiswa esikoleni samabanga aphansi esinezingane ezingezona izithulu. Ngakhungatheka! Ngangicabanga ukuthi zonke izingane eziyizithulu sezifile futhi kwase kusele mina ngedwa oyisithulu emhlabeni. Ulandela iseluleko sodokotela, ababesaba ukuthi ngingase ngikukhohlwe lokho engikufundiswe udokotela wami, umndeni wakithi awuzange ufunde ukukhuluma ngezandla futhi awuzange ungivumele ukuba ngihlangane nezingane eziyizithulu. Ngikhumbula ngiya kudokotela wezifo zezindlebe. Kwakunencwadi yolimi lwezandla etafuleni lakhe. Nganele ngabona izithombe esembozweni sale ncwadi, ngayikhomba ngathi “Ngiyayifuna!” Udokotela wayifihla ngokushesha. *
UKUQALA KWAMI UKUFUNDA IBHAYIBHELI
Umama wazama ukusikhulisa ngemithetho yeBhayibheli. Wayehamba nathi siye emihlanganweni eMérignac eBandleni LoFakazi BakaJehova, eduze kwaseBordeaux. Ngesikhathi ngiseyingane, kuncane kakhulu engangikuqonda emihlanganweni. Nokho, ebandleni babeshintshana ngokuhlala nami bangibhalele lokho okushiwo isikhulumi. Uthando nokukhathalela kwabo kwangithinta kakhulu. Ekhaya, umama wayengifundisa iBhayibheli kodwa angikaze ngikuqonde ngokugcwele engangikufundiswa. Ngandlela thile ngangizizwa njengomprofethi uDaniyeli, okwathi ngemva kokuthola isiprofetho engelosini, wathi: “Ngezwa, kodwa ngangingaqondi.” (Daniyeli 12:8) Mina-ke “Ngabona, kodwa ngangingaqondi.”
Noma kunjalo, kancane kancane ngawaqonda amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Ngangikwazisa kakhulu engangikuqonda futhi ngazama ukukusebenzisa ekuphileni kwami. Ngangibuye ngifunde ngokubuka indlela abanye abenza ngayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisifundisa ukuba sibe nesineke. (Jakobe 5:7, 8) Ngangingakuqondi ngempela lokho. Kodwa ngokubona amanye amaKristu ebonisa le mfanelo, ngaqonda ukuthi siyini isineke. Ngempela, ibandla lobuKristu libe inzuzo kakhulu kimi.
UKUDUMALA KABUHLUNGU NENJABULO ENGALINDELEKILE
Ngelinye ilanga, sengiyibhungu, ngabona enye intsha eyizithulu emgwaqweni ixoxa ngolimi lwezandla. Ngaqala ukuzihlanganisa nayo ngasese futhi ngafunda uLimi Lwezandla LwaseFrance. Ngaqhubeka ngiya emihlanganweni yobuKristu, lapho omunye uFakazi osemusha uStéphane aqala khona ukungisiza. Wayezikhandla kakhulu ukuze axhumane nami futhi ngamthanda kakhulu. Noma kunjalo, ngangisazodumala kabuhlungu. UStéphane waboshwa ngenxa yokungathathi hlangothi kobuKristu. Ngakhungatheka! Njengoba ayeseboshiwe, ngadumazeka kakhulu futhi ngacishe ngayeka ukuya emihlanganweni.
Ngemva kwezinyanga ezingu-11, uStéphane waphuma ejele futhi wabuyela ekhaya. Cabanga indlela engamangala ngayo lapho uStéphane eqala ukukhuluma nami ngolimi lwezandla. Angizange ngikukholelwe engakubona! Kwakwenzekeni? Ngesikhathi esejele, wafunda uLimi Lwezandla LwaseFrance. Njengoba ngangimbuka enza izimpawu ngezandla futhi eshintshashintsha nesimo sobuso, ngajabula kakhulu, ngicabanga ngendlela lokhu okwakuzongizuzisa ngayo.
EKUGCINENI NGALIQONDA IQINISO LEBHAYIBHELI
UStéphane waqala ukungifundela iBhayibheli. Kungaleso sikhathi lapho ngaqala khona ukuqonda amaqiniso eBhayibheli engangilokhu ngiwacosha. Ngesikhathi ngisemncane, ngangithanda ukubuka izithombe ezinhle ezisezincwadini zethu ezisekelwe eBhayibhelini bese ngibukisisa abantu abakuzo ukuze ngizame ukuzakhela indaba ngabo engqondweni yami. Kukhona engangikwazi ngo-Abrahama, “inzalo” ‘nangesixuku esikhulu,’ kodwa ngaze ngawaqonda kahle la maqiniso lapho sengichazelwa wona ngolimi lwezandla. (Genesise 22:15-18; IsAmbulo 7:9) Kwakusobala ukuthi ngase ngilitholile ulimi engiluzwayo, ulimi oluthinta inhliziyo yami.
Njengoba ngase ngikuqonda okushiwo emihlanganweni, inhliziyo yami yathinteka kakhulu futhi ukomela kwami ulwazi kwakhula. Ngosizo lukaStéphane ukuqonda kwami iBhayibheli kwaqhubeka kukhula futhi ngo-1992, nganikezela ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu futhi ngabhapathizwa. Nokho, nakuba ngangithuthuka, nganginamahloni futhi ngibasaba abantu ngenxa yokuthi kusukela ngisemncane ngangingakwazi ukuxoxa nabo.
UKULWA NAMAHLONI
Ekugcineni, iqembu elincane lezithulu engangihlanganyela nalo lahlanganiswa nebandla lasePessac edolobheni laseBordeaux. Lokho kwangisiza kakhulu futhi ngaqhubeka ngithuthuka ngokomoya. Nakuba ngangilwa nokungakwazi ukuxhumana nabanye, abangane bami abangezona izithulu babeqinisekisa ukuthi ngizwa yonke into. Abanye abashadikazi, uGilles no-Elodie, benza umzamo okhethekile wokuxhumana nami. Babevame ukungimema sidle ndawonye noma siphuze ikhofi ngemva kwemihlangano, ngaleyo ndlela saba nobungane obumangalisayo. Angive ngijabula ngokuba phakathi kwabantu abaphila ngezindlela zikaNkulunkulu zothando!
Kuleli bandla ngahlangana nophumalanga sikothe, uVanessa. Ngakhangwa ukuba kwakhe nozwela nobulungisa. Akakaze abheke ukuba kwami isithulu njengesithiyo kodwa kunalokho wayekubheka njengendlela yokufunda ukuxhumana nabantu abayizithulu. Ngamthanda, futhi sashada ngo-2005. Nakuba nganginamahloni, uVanessa uye wangisiza kakhulu ukuba ngilwe namahloni futhi ngikhulume ngokukhululekile. Ngikwazisa ngempela ukungisekela kwakhe njengoba ngenza imisebenzi yami.
ESINYE ISIPHO ESIVELA KUJEHOVA
Ngonyaka esashada ngawo, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseFrance eLouviers lasimema ukuba siyokhonza khona inyanga eyodwa ukuze siqeqeshelwe umsebenzi wokuhumusha. Eminyakeni yakamuva leli gatsha belilokhu lizikhandla ekukhiqizeni ama-DVD oLimi Lwezandla LwaseFrance. Ngenxa yomsebenzi omkhulu owawusalihlalele, iqembu labahumushi lalidinga abantu abalwazi kahle ulimi.
Sobabili noVanessa sabona ukuthi ukukhonza egatsheni kuyilungelo elikhulu kimi nesipho esivela kuJehova uNkulunkulu, kodwa uma ngikhuluma iqiniso sasinovalo. Kwakuzokwenzekani ngeqembu lethu lolimi lwezandla? Sasiyokwenzenjani ngendlu yethu? UVanessa wayeyowuthola yini umsebenzi kule ndawo? UJehova wasinikeza ikhambi lezinkinga zethu ngendlela emangalisayo. Ngabona ukuthi uJehova uyasithanda ngempela thina nabantu abayizithulu.
UKUSEKELWA ABANTU ABANOBUNYE
Ukusebenza eqenjini labahumushi kungenza ngikuqonde kangcono okwenziwayo ukuze kusizwe abantu abayizithulu bazi uNkulunkulu. Futhi ngijabula kakhulu ngokubona engisebenza nabo bezama ukuxoxa nami. Lapho befunda ukusho izinto ezimbalwa ngolimi lwezandla ngithinteka inhliziyo. Angizizwa nakancane ngikhishwe inyumbazane. Lolu thando olungaka lubonisa ubunye obungaphezu kobuvamile obuphakathi kwabantu bakaJehova.—IHubo 133:1.
Ngiyambonga uJehova ngokuthi ngebandla lobuKristu, uye wenza kwahlale kunothile ongisizayo. Ngiyayazisa nengxenye encane engibe nayo ekusizeni ezinye izithulu ukuba zazi uMdali wethu onothando futhi zisondele kuye. Ngilubheke ngabomvu usuku lapho ziyobe sezisuswe zonke izithiyo ekukhulumeni ‘ulimi oluhlanzekile’—iqiniso ngoJehova uNkulunkulu nezinjongo zakhe—singumndeni wabantu onobunye.—Zefaniya 3:9.
^ isig. 9 Kwaze kwaba ngo-1991 lapho uhulumeni waseFrance agunyaza khona ngokomthetho ukuba kusetshenziswe ulimi lwezandla ukuze kufundiswe izingane eziyizithulu.