Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI: UKUPHILA KUNGABA NENJONGO

Ingabe Ukuphila Kungaba Nenjongo Ngempela?

Ingabe Ukuphila Kungaba Nenjongo Ngempela?

“Ubude bezinsuku zethu buyiminyaka engamashumi ayisikhombisa—noma amashumi ayisishiyagalombili, uma sinamandla; kodwa zinezinkathazo nosizi.”—IHubo 90:10, i-New International Version.

AWEVE eyiqiniso la mazwi! Ukuphila kuleli zwe kugcwele ‘izinkathazo nosizi.’ Mhlawumbe wake wazibuza, ‘Kungenzeka yini ukuphila kube nenjongo manje?’

Ngokwesibonelo, cabanga ngoMaria. Wayehlale engumuntu onomdlandla, kodwa manje, njengoba eseneminyaka engu-84, akasakwazi ngisho nokuphuma endlini. Ingqondo yakhe iphile saka, kodwa umzimba awusafuni lutho. Ukuphila okunjalo kungaba kanjani nenjongo kuye?

Wena uthini? Kungenzeka wake wazibuza ukuthi ukuphila kwakho kunenjongo yini. Mhlawumbe umsebenzi wakho uyakukhathaza noma unesidina. Kungenzeka akekho onendaba nokuzikhandla kwakho emsebenzini. Ngisho noma uphumelela ngandlela-thile, ungase ukhathazeke ngekusasa. Ngezinye izikhathi ungase uzizwe unesizungu noma ucindezelekile. Mhlawumbe ukuphila komndeni wakho kugcwele izingxabano nokungezwani. Noma ushonelwe umuntu omthandayo. U-André wayesondelene kakhulu noyise, owahlatshwa ukugula futhi washona. Kwaba buhlungu kakhulu kuye, futhi kwashiya isikhala acabanga ukuthi asisoze savaleka ngokuphelele.

Kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nabuphi ubunzima, kunento okudingeka nakanjani siyazi: Ingabe ukuphila kungaba nayo ngempela injongo? Singathola impendulo ngokufunda ngomlando wendoda eyaphila lapha emhlabeni eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule—uJesu Kristu. Naphezu kwazo zonke izithiyo abhekana nazo, uJesu wayenokuphila okunenjongo ngempela. Ngakho singaba nakho, uma silingisa isibonelo sakhe.