Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ungakwazi yini ukuliqonda iBhayibheli?

IBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Lifana nencwadi evela kubaba onothando. (2 Thimothewu 3:16) IBhayibheli lichaza indlela esingamjabulisa ngayo uNkulunkulu, ukuthi kungani evumela ububi nokuthi yini azoyenzela abantu esikhathini esizayo. Kodwa abefundisi benkolo baye basonta izimfundiso zeBhayibheli, okuye kwabangela ukuba abantu abaningi baphelelwe ithemba lokuthi bayoke baliqonde.—IzEnzo 20:29, 30.

UJehova uNkulunkulu ufuna ukuba sazi iqiniso ngaye. Ngenxa yalesi sizathu, uye wasinikeza incwadi esingase sikwazi ukuyiqonda.—Funda eyoku-1 Thimothewu 2:3, 4.

Ungaliqonda kanjani iBhayibheli?

UJehova usinikeza iBhayibheli kanye nosizo lokuba siliqonde. Wathumela uJesu ukuze asifundise. (Luka 4:16-21) UJesu wasiza izilaleli zakhe ukuba ziqonde imiBhalo, ngokucaphuna amavesi ngokulandelana.—Funda uLuka 24:27, 32, 45.

UJesu wamisa ibandla lobuKristu ukuze liqhubeke nomsebenzi ayewuqalile. (Mathewu 28:19, 20) Namuhla, abalandeli bakaJesu beqiniso basiza abantu ukuba baqonde lokho okufundiswa iBhayibheli ngoNkulunkulu. Uma ungathanda ukuqonda iBhayibheli, oFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza.—Funda izEnzo 8:30, 31.