Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
Ingabe izono zethu zingathethelelwa?
IBhayibheli lithi bonke abantu bayizoni. Kulula kithi ukwenza isono ngenxa yofuzo esaluthola kumuntu wokuqala u-Adamu. Ngakho, ngezinye izikhathi senza izinto ezimbi esizisolayo ngazo kamuva. INdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, yakhokhela izono zethu ngokusifela. Umhlatshelo wayo wesihlengo wasenza sakwazi ukuthola intethelelo. Uyisipho esivela kuNkulunkulu.—Funda amaRoma 3:23, 24.
Abanye abantu baye benza izono ezimbi kakhulu futhi bayazibuza ukuthi uNkulunkulu angabathethelela yini. Siyajabula ngoba iZwi likaNkulunkulu lithi: “Igazi likaJesu iNdodana yakhe lisihlanza kuso sonke isono.” (1 Johane 1:7) UJehova uzimisele ukuthethelela ngisho nezono ezinkulu uma nje sinesimo sengqondo esifanele futhi siphenduka.—Funda u-Isaya 1:18.
Yini okumelwe siyenze ukuze sithethelelwe?
Uma sifuna uJehova uNkulunkulu asithethelele, kudingeka sifunde ngaye—siqonde izindlela zakhe, izeluleko nezimfuneko zakhe. (Johane 17:3) UJehova ubathethelela ngokukhululekile labo abaphendukayo ekuziphatheni kwabo okubi futhi bazame ukushintsha.—Funda IzEnzo 3:19.
Akunzima kakhulu ukuba sithole ukwamukelwa uNkulunkulu. UJehova uyabuqonda ubuthakathaka bethu. Unesihe nomusa. Ingabe umusa wakhe wothando awukwenzi ufune ukufunda okwengeziwe ngendlela ongamjabulisa ngayo?—Funda iHubo 103:13, 14.