Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iqiniso

Iqiniso

Ungalithola kuphi?

Lingakuzuziza kanjani wena nomndeni wakho?

Sikumema ngemfudumalo ukuba uzwe izimpendulo emhlanganweni wesigodi walo nyaka wezinsuku ezintathu ozoqhutshwa oFakazi BakaJehova.

ISIHLOKO:

‘IZwi LikaNkulunkulu Liyiqiniso!’

sisekelwe emazwini kaJesu akuJohane 17:17.

AMABAL’ ENGWE:

Inkulumo ethakazelisayo enesihloko esithi “Liyini Iqiniso?” izodingida ukuthi kungani singalethemba iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.

Amadrama amabili azokwenza izindaba zeBhayibheli nalokho esikufunda kuzo kuphile.

IZIMENYWA:

Bonke abantu. Kungenwa mahhala futhi akuthathwa nkongozelo.

ISIKHATHI NENDAWO:

Ukuze uthole indawo yomhlangano eseduze nawe noma ukuze ubuke i-video yemihlangano yethu yesigodi, vakashela ingosi ethi www.pr418.com/zu

(Bheka ngaphansi kwesithi MAYELANA NATHI/IMIHLANGANO EMIKHULU)

Vakashela ingosi yethu ethi www.pr418.com ukuze ubone isimiso somhlangano (Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI/IZINCWADI NEZINCWAJANA)