ISIHLOKO ESIYINHLOKO | YIMAPHI AMANGA AQHELISA ABANTU KUNKULUNKULU?
Amanga Athi UNkulunkulu Akanagama
LOKHO ABANINGI ABAKUKHOLELWAYO
“Asikafinyeleli esivumelwaneni sokuthi uNkulunkulu unalo nokuba nalo yini igama nokuthi uma enalo, ubani.”—UProfesa David Cunningham, Theological Studies.
IQINISO ELIVELA EBHAYIBHELI
UNkulunkulu wathi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Isaya 42:8) Igama elithi Jehova yigama lesiHebheru elisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.”—Bheka INguqulo Yezwe Elisha, Isithasiselo 1, isigaba 1.
UJehova ufuna silisebenzise igama lakhe. IBhayibheli lithi: “Bizani igama lakhe. Yazisani ngezenzo zakhe phakathi kwezizwe. Yishoni ukuthi igama lakhe liphakanyisiwe.”—Isaya 12:4.
UJesu walisebenzisa igama likaNkulunkulu. Lapho ethandaza, wathi kuJehova: “Ngibazisile [abafundi] igama lakho futhi ngizolazisa.” Kungani uJesu azisa abafundi bakhe igama likaNkulunkulu? Waqhubeka: “Ukuze uthando ongithande ngalo [Nkulunkulu] lube kubo nami ngibe munye nabo.”—Johane 17:26.
OKWENZA KUBALULEKE
Isazi sezenkolo uWalter Lowrie, sabhala: “Umuntu ongamazi uNkulunkulu ngegama usuke engamazi ngempela futhi ngeke akwazi ukumthanda uma emazi kuphela ngokuthi ungamandla angenazo izici zobuntu.”
Indoda egama layo linguVictor yayiya njalo esontweni kodwa yayinomuzwa wokuthi ayimazi ngempela uNkulunkulu. Ithi: “Ngabe sengifunda ukuthi igama likaNkulunkulu nguJehova, kwaba sengathi ngethulwa ngokomthetho kuyena. Ngazizwa sengathi ekugcineni ngibonane noMuntu engase ngizwe okuningi ngaye. Ngaqala ukumbheka njengoMuntu ongokoqobo futhi ngakwazi ukwakha ubungane naye.”
UJehova naye uyasondela kubantu abasebenzisa igama lakhe. Ngokuphathelene “nalabo abacabanga ngegama lakhe,” uNkulunkulu uyathembisa: “Ngiyobabonisa ububele, njengoba nje umuntu ebonisa indodana yakhe emkhonzayo ububele.” (Malaki 3:16, 17) UNkulunkulu uyabavuza abantu ababiza igama lakhe. IBhayibheli lithi: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”—Roma 10:13.