Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 FUNDISA IZINGANE ZAKHO

UJesu Kristu—Kufanele Simkhumbule Enjani?

UJesu Kristu—Kufanele Simkhumbule Enjani?

Njalo ngo-December abantu abaningi emhlabeni wonke babona imifanekiso nezithombe zikaJesu ewusana. Usuke esemkhombeni, ibhokisi elikhulu okufakwa kulo izinhlanga ezidliwa izilwane. Kodwa ingabe kufanele sikhumbule uJesu ewusana kuphela? * Ake sixoxe ngalokho okufanele sikukhumbule ngoJesu. Singafunda ngakho kulokho okwenzeka eqenjini labelusi ababesemathafeni aseduze neBhetlehema ngobunye ubusuku.

Kungazelelwe kuvela ingelosi kubelusi. Ithi kubo: “Namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKristu iNkosi.” Ibatshela nokuthi bazothola uJesu ‘esongwe ngezindwangu elele emkhombeni.’ Khona manjalo, kubonakala ezinye izingelosi eziningi futhi ziqala ‘ukudumisa uNkulunkulu.’

Wawuyozizwa kanjani ukube wezwa izingelosi zidumisa uNkulunkulu?— Abelusi bajabula! Bathi: “Masihambe size sifike eBhetlehema sibone le nto eyenzekile.” Uma befika, bathola “uMariya kanye noJosefa, nosana lulele emkhombeni.”

Ngokushesha kufika nabanye abeze kuMariya noJosefa eBetlehema. Lapho abelusi bebatshela okwenzekile, bonke bayamangala. Ingabe uyajabula ngokwazi zonke lezi zinto ezimangalisayo?— Sonke thina esithanda uNkulunkulu siyajabula. Manje ake sibone ukuthi kungani ukuzalwa kukaJesu kwabangela injabulo engaka. Ukuze senze lokho kudingeka sihlehlele emuva ngesikhathi uMariya engakashadi.

Langa limbe uMariya wavakashelwa ingelosi okuthiwa uGabriyeli. Yamthembisa ukuthi uzoba nengane ‘eyoba umuntu omkhulu ibizwe ngokuthi yiNdodana YoPhezukonke.’ UGabriyeli wathi: “Iyobusa njengenkosi . . . nombuso wayo ngeke uphele.”

UMariya wayefuna ukwazi ukuthi kuzokwenzeka kanjani lokho kwazise wayengakaze alale nomuntu wesilisa. UGabriyeli wamchazela: ‘Amandla oPhezukonke azokusibekela,’ futhi “lokho okuzelwe kuyobizwa  ngokuthi kungcwele, iNdodana kaNkulunkulu.” Ukuthathwa kweNdodana kaNkulunkulu ezulwini bese ifakwa esibelethweni sikaMariya ukuze ikhule ibe ingane kwakuyisimangaliso esikhulu!

Wake wazibona izithombe noma imidwebo ebonisa “izazi” ezintathu zivakashela usana olunguJesu zikanye nabelusi?— Izinto ezinjalo zivame ukubonakala ngesikhathi sikaKhisimusi. Kodwa azilona iqiniso. Eqinisweni lezo “zazi” zazibhula ngezinkanyezi, okuyinto uNkulunkulu ayizondayo. Ake sibone ukuthi kwenzekani lapho zifika. IBhayibheli lithi: ‘Ekungeneni kwazo endlini zambona umntwana enoMariya unina.’ Ngaleso sikhathi uJesu wayengaselona usana oluhlala emkhombeni; wayeseyingane ehlala endlini noJosefa noMariya!

Zamthola kanjani izazi zezinkanyezi uJesu?— Zaholwa “inkanyezi,” eyaqale yaziyisa eJerusalema eNkosini uHerode, hhayi eBetlehema. IBhayibheli lithi uHerode wayefuna ukuthola uJesu ukuze ambulale. Manje cabanga ngalokhu. Ucabanga ukuthi ubani owenza lento eyayinjengenkanyezi ukuba ihole la madoda abhula ngezinkanyezi iwayise kuHerode?— Akuyena uNkulunkulu weqiniso, uJehova, kodwa umphikisi wakhe noma isitha, uSathane uDeveli!

Namuhla uSathane uzama ukwenza abantu bacabange ngoJesu ewusana olungenakuzisiza. Kodwa ingelosi uGabriyeli yatshela uMariya: “Iyobusa njengenkosi . . . , nombuso wayo ngeke uphele.” Manje uJesu ubusa njengeNkosi ezulwini futhi maduze uzobhubhisa zonke izitha zikaNkulunkulu. Yilokho okufanele sikukhumbule ngoJesu futhi kudingeka sikutshele abanye.

^ isig. 3 Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyicela ukuba iveze umbono wayo.