Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Iyini injongo yokubuya kukaKristu?

Ngaphambi kokuba uJesu Kristu anyukele ezulwini ngo-33 C.E., wathembisa ukubuya. Wazifanisa nomuntu ozalwa ebukhosini owamuka isikhathi eside wabe esebuya enegunya lokubusa njengenkosi. Injongo yokubuya kukaJesu ukulethela abantu uhulumeni olungile.—Funda uLuka 19:11, 12.

UJesu uyolethela abantu uhulumeni olungile

UKristu uyobuya ngaluphi uhlobo lomzimba? Wavuswa engumuntu womoya ongabonakali. (1 Petru 3:18) Wabe esephindela ezulwini futhi wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. (IHubo 110:1) Ngemva kwesikhathi eside, uJesu walethwa phambi kukaJehova uNkulunkulu, “oMdala Wezinsuku,” owamnika amandla okubusa abantu. Ngakho uJesu uyobuya njengeNkosi engabonakali, hhayi njengomuntu.—Funda uDaniyeli 7:13, 14.

Uyokwenzani uJesu lapho efika?

Lapho uJesu efika ngokungabonakali nezingelosi zakhe, uyokwahlulela abantu. Uyobhubhisa abantu ababi kodwa anikeze labo abamamukela njengeNkosi ukuphila okuphakade.—Funda uMathewu 25:31-33, 46.

Lapho uJesu esebusa njengeNkosi uyoguqula lo mhlaba ube ipharadesi. Uyovusa abafileyo ukuze bajabulele ukuphila emhlabeni oyipharadesi.—Funda uLuka 23:42, 43.