Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INDABA YOKUPHILA

Ukwenza Ukukhonza UJehova Kube Yiwona Msebenzi Wami

Ukwenza Ukukhonza UJehova Kube Yiwona Msebenzi Wami

Ngemva kokuphothula esikoleni samabanga aphakeme ngo-January 1937, ngabhalisa e-Iowa State University eduze kwalapho sasihlala khona entshonalanga ephakathi ye-United States. Ngenxa yokuthi ngangifunda ngibuye ngisebenze ukuze ngikhokhele izifundo zami, ngangingenaso isikhathi sokwenza ezinye izinto. Kusukela ngisakhula ngangithanda ukufunda ngamabhilidi amade namabhuloho.

Ekuqaleni kuka-1942, ngemva nje kokuba i-United States ingenele iMpi Yezwe II, mina ngangisonyakeni wesihlanu enyuvesi futhi kwase kusele izinyanga ezimbalwa ngithole iziqu ezifundweni zobunjiniyela bokuklama izakhiwo. Endlini engangihlala kuyo ngangihlala nezinsizwa ezimbili. Enye yasikisela ukuba ngikhulume nomuntu owayevame ‘ukuvakashela abafana abahlala esitezi esingezansi.’ Sahlangana kanjalo noJohn O. (Johnny) Brehmer, omunye woFakazi BakaJehova. Yangimangaza indlela ayezithola kalula ngayo izimpendulo zanoma yimuphi umbuzo eBhayibhelini. Ngihlabeke umxhwele, ngaqala ukufunda iBhayibheli njalo noJohnny futhi ngokuhamba kwesikhathi ngagcina sengimphelezela lapho eyoshumayela uma ngithola ithuba.

Ubaba kaJohnny, u-Otto, wayebe uFakazi ngesikhathi esengumongameli webhange eWalnut, e-Iowa. U-Otto wasishiya leso sikhundla ukuze angenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngemva kwesikhathi, isibonelo sakhe esihle, kanye nesomkhaya wakhe, sangikhuthaza ukuba ngenze isinqumo esibalulekile.

ISIKHATHI SOKWENZA ISINQUMO

Ngolunye usuku, umphathi wenyuvesi wangitshela ukuthi amamaki ami ayehla futhi ngangingeke ngizithole iziqu ngamamaki esikhathi esidlule. Ngiyakhumbula ngithandaza ngokujulile kuJehova uNkulunkulu, ngimcela ukuba anginike isiqondiso. Akupholanga maseko, ngabizwa ukuba ngiyobonana noprofesa wami wobunjiniyela. Wangitshela ukuthi uthole isicelo esithi kufuneka unjiniyela futhi usiphendulile wathi ngizowuthatha lowo msebenzi. Ngabonga kodwa ngamchazela ukuthi kungani ngangizimisele ukwenza ukukhonza uJehova kube yiwona msebenzi wami. Ngo-June 17, 1942, ngabhapathizwa futhi cishe ngaso leso sikhathi ngamiswa ukuba ngikhonze njengephayona, okuyindlela ezibizwa ngayo izikhonzi zesikhathi esigcwele ezingoFakazi BakaJehova.

Ngasekupheleni kuka-1942, ngathola isaziso sokubuthelwa kwezempi, esenza ukuba ngibizelwe phambi kwebhodi lababutha amasosha, ngachaza ukuthi kungani unembeza wami ungangivumeli ukuya empini. Ngababonisa izincwadi zobufakazi ezivela koprofesa basenyuvesi ezazikhuluma ngokuziphatha kwami okuhle nangamakhono ami akhethekile njengonjiniyela wezakhiwo. Naphezu kokukhulunyelwa kahle okunjalo, ngagcina ngihlawuliswe u-R100 000 ngaphinde ngagwetshwa iminyaka emihlanu ejele lase-U.S. eLeavenworth, eKansas.

IMPILO YAMI EJELE

IJele laseLeavenworth, e-U.S. namuhla. Abangu-230 kithi babedonsa izigwebo lapha

Yayingaphezu kuka-230 intsha engoFakazi eyayigwetshelwe ukusebenza epulazini laseLeavenworth, elaliyingxenye yejele laseLeavenworth. Kuleli pulazi  sasinikezwa imisebenzi futhi kushintshana onogada ababesiqondisa. Abanye babo babazi ukuthi njengamaKristu asithathi hlangothi futhi babeyihlonipha imibono yethu.

Abanye konogada babesilekelela emizamweni yethu yokuqhubeka nesimiso sethu sokuqhuba imihlangano yeBhayibheli. Babesisiza nasekungeniseni izincwadi zeBhayibheli ejele. Umphathi wejele waze wacela isikhokhelo sikamagazini i-Consolation (manje okuthiwa i-Phaphama!)!

UKUKHULULWA KWAMI NOKUBA ISITHUNYWA SEVANGELI

Ngemva kokudonsa iminyaka emithathu kwemihlanu engangigwetshwe yona, ngakhululwa ngo-February 16, 1946, kwakusadlule izinyanga ezimbalwa kuphelé iMpi Yezwe II. Ngaphinde ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona. Isabelo sami sasiwukuphindela edolobheni laseLeavenworth, eKansas. Nokho, ngangimathintanyawo ngoba babebandlululwa kakhulu oFakazi BakaJehova kuleya ndawo. Kwakunzima ukuthola umsebenzi wokuziphilisa, ingasaphathwa eyokuthola indawo yokuhlala.

Ngikhumbula omunye unogada engahlangana naye ememeza ethi, “Phuma uphele emzini wami!” Kwathi uma ngibona umshiza esandleni sakhe, lwangithi heqé uvalo, ngacel’ empunzini. Komunye umuzi, umama wakhona wathi “Awume nje kancane” wayesevala umnyango. Ngathi ngisalindile ngezwa kuvuleka ifasitela eliphezulu; kwehla impophoma yamanzi ezitsha angcolile angithela ngaba manzi nté. Yize kunjalo, inkonzo yami yayinazo izibusiso. Kamuva ngezwa ukuthi abanye engangibahambisele izincwadi zeBhayibheli baba oFakazi.

Ngo-1943 kwavulwa isikole esisha sezithunywa zevangeli enyakatho yeNew York. Ngamenywa kuso futhi ngaphothula ekilasini leshumi ngo-February 8, 1948. Leso sikole sabizwa ngokuthi i-Watchtower Bible School of Gilead. Lapho ngithola iziqu ngabelwa ukuyokhonza eGold Coast, manje ebizwa ngokuthi iGhana.

Lapho ngifika eGold Coast, isabelo sami sasiwukushumayeza izikhulu zikahulumeni kanye nabantu abavela eYurophu. Ngezimpela-sonto ngangisebenza nebandla lendawo loFakazi BakaJehova ngisiza amalungu alo enkonzweni yendlu ngendlu. Ngangibuye ngivakashele oFakazi abasezindaweni ezicezile ngibaqeqeshe enkonzweni. Ngaphezu kwalokho, ngangikhonza njengombonisi ohambela amabandla e-Ivory Coast, izwe elingumakhelwane, manje elibizwa ngokuthi iCôte d’Ivoire.

Ngesikhathi ngikhonza kulezo zindawo, ngafunda ukuphila njengabantu bomdabu base-Afrika—ukulala eqhugwaneni, ukudla ngezandla nokuzikhulula “ngaphandle” njengama-Israyeli ehlane. (Duteronomi 23:12-14) Lokho kwasisiza mina kanye nezinye  izithunywa zevangeli, kwasakhela idumela elihle. Amakhosikazi ezinye izikhulu zendawo aqala ukufunda iBhayibheli kanye nathi. Ngakho kwathi lapho abaphikisi besihlupha futhi bethola incwadi egunyaza ukuba ama-visa ethu ahoxiswe, amakhosikazi ezikhulu angenela ancenga abayeni bawo sase sihoxiswa leso sinqumo!

Njengezithunywa zevangeli eziningi e-Afrika, nami ngagcina ngingenwe umalal’ eveva. Ngangifikelwa izikhathi zokugodola nemfiva okwakungenza ngilahlekelwe ingqondo. Ngezinye izikhathi kwakuze kudingeke ngiyibambe imihlathi ukuze iyeke ukuqhaqhazela. Naphezu kwalokho, inkonzo yami yaqhubeka inginika injabulo nokwaneliseka.

Eminyakeni emine yokuqala ngise-Afrika, ngangibhalelana no-Eva Hallquist, engangihlangane naye ngaphambi kokuba ngihambe e-United States. Ngezwa ukuthi wayezothola iziqu ekilasini lama-21 leSikole saseGileyadi ngo-July 19, 1953, emhlanganweni wezizwe woFakazi BakaJehova eYankee Stadium, eNew York. Ngenza isivumelwano nokaputeni womkhumbi ukuba ngikhokhele uhambo oluya e-United States ngokuba ngisebenze emkhunjini.

Ngafika ngemva kohambo lwezinsuku ezingu-22 olwalubuye lube neziphepho, ngabe sengiya ku-Eva endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn. Simi ophahleni sibheke itheku laseNew York nawo wonke amabhilidi akhona, ngamcela umshado. Kamuva u-Eva weza eGold Coast ezokhonza kanye nami.

UKUNAKEKELA IZIDINGO ZOMNDENI

Ngemva kokuba sengikhonze no-Eva iminyaka eminingana e-Afrika, ngathola incwadi evela kumama ethi uBaba ubangwa nezibi, uphethwe umdlavuza. Ngemva kokuthola imvume yokuhamba esabelweni sethu, sino-Eva sabuyela e-United States. Impilo kaBaba yawohloka masinyane wabe eseshona.

Kamuva, sesineminyaka ethi ayibe mine sibuyele eGhana, sezwa ukuthi impilo kaMama nayo yayisibuthaka. Abanye abangane basicebisa ukuba sibuyele ekhaya siyomnakekela. Leso kwakuyisinqumo esinzima ukuzedlula zonke. Ngemva kweminyaka engu-15 yokuba isithunywa sevangeli, engu-11 kuyo ngino-Eva, sabuyela e-United States.

Ukuhlangana nenkosi yendawo eGold Coast, manje ebizwa ngokuthi iGhana

Eminyakeni eyalandela, sasishintshana ngokunakekela uMama, simsiza ukuya emihlanganweni yebandla, uma ekwazi. Ngo-January 17, 1976, washona eneminyaka engu-86 ubudala. Kodwa okubuhlungu kakhulu kwangehlela ngemva kweminyaka engu-9. Odokotela bathola ukuthi u-Eva unomdlavuza. Akukho esingakwenzanga silwa nalesi sifo, kodwa ekugcineni samnqoba washona ngo-June 4, 1985, eneminyaka engu-70 ubudala.

IZINGUQUKO EZENGEZIWE EMSEBENZINI OWANELISAYO

Ngo-1988, ngamenywa ekunikezelweni kwehhovisi legatsha elalisanda kunwetshwa eGhana. Yeka isikhathi esingenakulibaleka engqondweni yami! Eminyakeni engu-40 edlule ngesikhathi ngifika eGhana ngemva kokuthweswa iziqu eGileyadi, kwakukhona oFakazi abangamakhulu ambalwa nje kuphela. Ngo-1988, babengaphezu kuka-34 000, kodwa manje bacela ku-114 000!

Ngemva kweminyaka emibili ngivakashele eGhana, ngashada nomngane omkhulu ka-Eva uBetty Miller, ngo-August 6, 1990. Sobabili siye saqhubeka nokwenza inkonzo kaJehova ibe umsebenzi wethu. Silangazelela lolo suku lapho siyophinde sibone ogogo nomkhulu bethu, abazali bethu no-Eva ngovuko ePharadesi.—IzEnzo 24:15.

Ngifikelwa izinyembezi uma ngicabanga ngelungelo elimangalisayo engibe nalo lokusetshenziswa uJehova iminyaka engaphezu kuka-70 enkonzweni yakhe. Ngimbonga njalo ngokungiqondisa ukuba ngenze inkonzo yakhe ibe umsebenzi wami. Nakuba manje sengevile impela eminyakeni engu-90, uJehova, unjiniyela wezakhiwo omkhulu kunabo bonke endaweni yonke, uye waqhubeka enginika amandla nesibindi sokuphikelela emsebenzini wami wokumkhonza.