Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
Ingabe iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu ngempela?
Cishe ubungalindela ukuba iZwi likaNkulunkulu lihluke kwezinye izincwadi. Linjalo iBhayibheli. Kuye kwanyatheliswa amaBhayibheli ayizigidigidi ngezilimi eziningi. Ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kunamandla okushintsha abantu.
Siyazi ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ngoba libikezela ikusasa ngokunembile. Akekho umuntu ongakwenza lokho. Ngokwesibonelo cabanga ngencwadi ka-Isaya. Kwatholakala ikhophi yayo emhumeni oseduze koLwandle Olufile eyabhalwa eminyakeni eyikhulu ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. Ithi kwakungeke kuphinde kuhlale muntu emzini waseBhabhiloni. Lokho kwenzeka eminyakeni eminingi ngemva kwenkonzo kaJesu yasemhlabeni.
Labhalwa kanjani iBhayibheli?
IBhayibheli labhalwa phakathi nenkathi eyiminyaka engu-1 600. Lalotshwa abalobi abangu-40 futhi babhala ngesihloko esisodwa ngaphandle kokuphikisana. Kwenzeka kanjani lokho? Babeqondiswa uNkulunkulu.
Ngezinye izikhathi uNkulunkulu wayekhuluma nabalobi beBhayibheli ngezingelosi, imibono noma ngamaphupho. Ngokuvamile uNkulunkulu wayefaka umqondo wakhe engqondweni yomlobi futhi amvumele ukuba akhethe amagama afuna ukuwasebenzisa ukuze abhale umyalezo kaNkulunkulu.