Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UMBONO KANKULUNKULU NGOKUBHEMA

Uyini Umbono KaNkulunkulu Ngokubhema?

Uyini Umbono KaNkulunkulu Ngokubhema?

Nakhu okwashiwo uNaoko, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, ngokunqoba kwakhe ukubhema, “Ngakwazi ukushintsha ukuphila kwami ngenxa yokufunda iqiniso ngezimfanelo zikaNkulunkulu nenjongo yakhe.” Lokho akufunda kutholakala eBhayibhelini. Ngisho noma iBhayibheli lingasho lutho ngogwayi, liyasisiza ukuba siqonde indlela uNkulunkulu akubheka ngayo ukubhema. * Lolo lwazi luye lwakhuthaza abaningi ukuba bamelane nalo mkhuba noma bawuyeke. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ake sihlole izingozi ezintathu ezaziwayo ezibangelwa ukubhema nokuthi lithini iBhayibheli ngazo.

UKUBHEMA KUYALUTHA

Ugwayi unesidakamizwa esilutha kunazo zonke kwezaziwayo—i-nicotine. Inika umuntu umdlandla okwesikhashana iphinde imcindezele. Ukubhema kudlulisela i-nicotine engqondweni ngokushesha nangokuphindaphindiwe. Njengoba ukudonsa ugwayi kanye kudlulisela umthamo owodwa we-nicotine, umuntu obhema ibhokisi elilodwa likagwayi ngosuku, udonsa imithamo engaba ngu-200 ngosuku, okuwumthamo omkhulu kakhulu owedlula owanoma isiphi esinye isidakamizwa. Umthamo ongaka wenza ukuba i-nicotine ibe isidakamizwa esilutha kunazo zonke. Uma esengumlutha, umuntu obhemayo uyaqaleka uma engawutholi ugwayi.

“Niyizigqila zakhe ngoba niyamlalela.”Roma 6:16

Ungakwazi ngempela yini ukulalela uNkulunkulu uma ugqilazwe ukuluthwa ugwayi?

IBhayibheli lisisiza ukuba sibe nombono oqondile ngale ndaba lapho lithi: “Anazi yini ukuthi uma niqhubeka nizinikela kunoma ubani njengezigqila ukuba nimlalele, niyizigqila zakhe ngoba niyamlalela?” (Roma 6:16) Lapho ukucabanga komuntu nezenzo zakhe kulawulwa ukuqalekela ugwayi, ngokushesha uba isigqila salo mkhuba omubi. Nokho, uNkulunkulu, ogama lakhe linguJehova, ufuna ukuba sikhululeke, hhayi nje emikhubeni elimaza imizimba yethu kodwa nasemikhubeni engcolisa umoya wethu, okuwukuthi indlela esicabanga ngayo. (IHubo 83:18; 2  Korinte 7:1) Ngakho, njengoba umuntu eqhubeka azisa futhi ehlonipha uJehova, uyaqaphela ukuthi uJehova uNkulunkulu ufanelwe okungcono kakhulu nokuthi ngeke akwazi ukumnika lokho ebe eqhubeka eyisigqila somkhuba obulalayo. Ukuqonda lokho kunikeza umuntu amandla okuba amelane nezifiso ezilimazayo.

U-Olaf, ohlala eJalimane, owaqala ukubhema eneminyaka engu-12, wanqoba ukuba umlutha kagwayi ngemva kweminyaka engu-16 ebhema. Wathi: “Lapho ngiqala ukubhema kwakubonakala sengathi into encane, kodwa ngemva kweminyaka kwaba inkinga enkulu. Ngesinye isikhathi ngiphelelwe ugwayi, ngakhungatheka kakhulu kangangokuthi ngahamba ngifuna zonke izinqamu, ngahlanganisa imvuthuluka kagwayi, ngabe sengiyigoqa ngephepha. Uma sengicabanga ngakho  manje, sengiyabona ukuthi kwakuyisimo esidabukisayo.” Wagqashula kanjani kulo mkhuba omubi wokubhema? Wathi: “Isici esibaluleke kakhulu kwaba isifiso sokujabulisa uJehova. Uthando lukaJehova ngabantu nethemba asinika lona kwanginikeza amandla okuba ngigqashule ngokuphelele kulo mkhuba.”

UKUBHEMA KULIMAZA UMZIMBA

I-Tobacco Atlas ithi: “Ososayensi bayavuma ukuthi ukubhema ugwayi kulimaza wonke amalungu omzimba futhi kwandisa amathuba okugula nokufa.” Kuyaziwa kabanzi ukuthi ukubhema kubangela izifo ezinjengomdlavuza, isifo senhliziyo nezifo zamaphaphu. Ngokwe-World Health Organization (WHO), ukubhema kuphinde kube yimbangela enkulu yezifo ezithathelwanayo njengesifo sofuba.

“Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.”Mathewu 22:37

Ingabe ubonisa uthando nenhlonipho ngoNkulunkulu uma uhlukumeza umzimba akunike wona ngokuzitika ngomkhuba ongcolisayo?

NgeZwi lakhe iBhayibheli, uJehova uNkulunkulu usifundisa ukuba nombono ofanele ngokuphila kwethu, umzimba wethu nangemicabango yethu. INdodana yakhe, uJesu, yakhuluma ngalokho lapho ithi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.” (Mathewu 22:37) Kuyacaca ukuthi uNkulunkulu ufuna sikusebenzise kahle ukuphila kwethu nemizimba yethu futhi siyihloniphe. Ukufunda ngoJehova nangezithembiso zakhe kusenza sithande futhi sazise konke asenzele kona. Lokhu kusishukumisela ukuba sidede kunoma yini engcolisa imizimba yethu.

U-Jayavanth, ongudokotela eNdiya, wabhema iminyaka engu-38. Wathi: “Ngafunda ngezingozi zokubhema ezincwadini zezokwelapha. Ngangazi ukuthi akulungile ukubhema futhi ngangeluleka iziguli zami ukuba ziwuyeke lo mkhuba. Kodwa mina ngangehluleka naphezu kokuzama izikhathi ezingaba yisithupha.” Yini eyamsiza ukuba ayeke ekugcineni? Uyachaza: “Into eyangenza ngayeka ukubhema ukufundelwa iBhayibheli. Isifiso sokujabulisa uJehova sangishukumisela ukuba ngiyeke lo mkhuba ngokushesha.”

UKUBHEMA KULIMAZA ABANYE

Ukuhogela intuthu kagwayi kuyingozi. Kubangela umdlavuza nezinye izifo, futhi unyaka ngamunye kubulala abantu abangabhemi abangu-600 000,  ikakhulukazi abesifazane nezingane. Umbiko we-WHO uyaxwayisa: “Alikho izinga eliphephile lokuhogela intuthu kagwayi.”

“Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”Mathewu 22:39

Umthanda ngempela yini umakhelwane nomndeni wakho uma ubafaka ezingozini zentuthu kagwayi?

UJesu wathi ukuthanda umakhelwane—izihlobo zethu, abangane nabanye abasizungezile—kungumyalo wesibili olandela ukuthanda uNkulunkulu. Wathi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Uma siqhubeka senza umkhuba olimaza abantu abaseduze nathi, sisuke singalubonisi uthando ngomakhelwane. Uthando oluqotho lusishukumisela ukuba silalele isikhuthazo seBhayibheli: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”1 Korinte 10:24.

U-Armern ohlala e-Armenia uyakhumbula: “Umndeni wami wangincenga ukuba ngiyeke ukubhema ngoba kwakubalimaza. Kodwa ngangingafuni ukulivuma lelo qiniso.” Uyachaza ukuthi yini eyashintsha umbono wakhe: “Ulwazi lwami lweBhayibheli nokuthanda uJehova kwangisiza ukuba ngiyeke ukubhema futhi ngamukele ukuthi kwakungalimazi mina nje kuphela kodwa nabantu abaseduze kwami.”

UKUBHEMA KUQEDWA NGOKUPHELELE!

Ulwazi lweBhayibheli lwasiza u-Olaf, uJayavanth, no-Armen ukuba bagqashule kulo mkhuba omubi owawulimaza bona nabanye. Abaphumelelanga ngenxa yokuthi babazi ukuthi ukubhema kuyingozi kodwa baphumelela ngenxa yokuthanda uJehova nokuba nesifiso sokumjabulisa. Indima ebalulekile yothando igcizelelwa kweyo-1 Johane 5:3 ethi: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” Yiqiniso, ukulandela izimiso zeBhayibheli ngeke kube lula ngaso sonke isikhathi, kodwa uma umuntu eshukunyiswa uthando olujulile ngoNkulunkulu, ukulalela ngeke kube umthwalo.

Ngomkhankaso wokufundisa emhlabeni wonke, uJehova uNkulunkulu manje usiza izigidi zabantu ukuba zigqashule ekugqilazweni ugwayi. (1 Thimothewu 2:3, 4) Maduzane nje, ngoMbuso wakhe—uhulumeni wasezulwini oholwa iNdodana yakhe uJesu Kristu—uJehova uzobhubhisa abezentengiselwano abanobugovu abayimbangela yokuba izigidi zabantu zibe izigqila zikagwayi. Uyoqeda ubhadane lokubhema phakade bese enza abantu abalalelayo baphelele emzimbeni nasengqondweni.Isaya 33:24; IsAmbulo 19:11, 15.

Uma ukuthola kunzima ukuyeka ukubhema, ungalilahli ithemba. Ngokufunda ukuthanda uJehova, nokwamukela umbono wakhe ngokubhema, nawe ungasithola isikhuthazo osidingayo ukuze uphumelele. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba ufunde futhi usebenzise izimiso zeBhayibheli. Qiniseka ngokuthi uma ufuna uJehova akusize ugqashule ekubeni umlutha kagwayi, uyokunika amandla nomdlandla owudingayo.Filipi 4:13.

^ isig. 3 Kulesi sihloko, ukubhema kusho ukubhema ngokuqondile ugwayi, isigazu, inqawe noma ngepayipi. Noma kunjalo, izimiso okukhulunywa ngazo zisebenza ngokufanayo ekusebenziseni ugwayi ohlafunwayo, isinefu, umshini one-nicotine osebenza njengosikilidi (electronic cigarettes) kanye neminye imikhiqizo.