Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ingabe iplanethi yethu inenjongo?

Umhlaba wawudalelwe ukuba ube ikhaya elijabulisayo lesintu

Iplanethi yethu yenziwe ngendlela ekhethekile ukuze isekele ukuphila. Inamanzi anele afeza indima ebalulekile ekuphileni. Ukutsheka, nokujikeleza komhlaba kwenzeka ngendlela efanele ukuze izilwandle zingabi yiqhwa noma zishise kakhulu zize zihwamuke. Isibhakabhaka nozibuthe womhlaba kuvikela umhlaba emisebeni ebulalayo. Isimiso esisodwa esikhulu sokuphila esinezinto ezincike kwenye nenye sezitshalo nezilwane emhlabeni siyamangalisa. Ngenxa yalokho, abantu abaningi baye baphetha ngokuthi iplanethi yethu yenziwa ngenjongo.Funda u-Isaya 45:18.

Kodwa ungase uzibuze: ‘Ingabe ukuhlupheka nokungabi nabulungisa kuyingxenye yaleyo njongo?’Funda uDuteronomi 32:4, 5.

Ingabe injongo ngomhlaba iyofezeka?

Umhlaba wawudalelwe ukuba ube yikhaya elijabulisayo labantu abahloniphanayo nabathanda uMdali wabo. Ngakho, ukuphila komuntu kunenjongo enkulu kakhulu kuneyezitshalo noma izilwane. Thina singakwazi ukuqonda ukuthi ungubani uMdali wethu futhi sazise siphinde silingise uthando nobulungisa bakhe.Funda umShumayeli 12:13; Mika 6:8.

UMenzi wethu angafeza konke ahlose ukukwenza. Ngakho singaqiniseka ngokuthi uyoqeda ukuhlupheka nokungabi nabulungisa futhi enze iplanethi yethu ibe yikhaya elijabulisayo lesintu.Funda iHubo 37:11, 29; Isaya 55:11.