Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI IZINTO EZIMBI ZEHLELA ABANTU ABALUNGILE?

Izinto Ezimbi Zithé Chithi Saka!

Izinto Ezimbi Zithé Chithi Saka!

USmita, * owesifazane oneminyaka engu-35 eDhaka, eBangladesh, wayaziwa ngokuba umuntu onothando nonomusa. Abantu babemazi njengowesifazane okhuthele futhi ojabulayo owayefuna ukusiza abanye bazi lokho ayekufundile ngoNkulunkulu. Yeka indlela umndeni wakhe owashaqeka ngayo lapho kungazelelwe ebanjwa ukugula okwambulala kungakapheli nesonto!

UJames nomkakhe, abashadikazi abasanda kweva eminyakeni engu-30 ubudala, babenedumela elifana nelikaSmita. Ngenye intwasahlobo, bahamba bayovakashela abangane babo oGwini Olusentshonalanga ye-United States. Abaphindanga babuyela emzini wabo eNew York. Ngesikhathi besohambweni lwabo baba sengozini yemoto ehlasimulisa umzimba, futhi lokho kwashiya isikhala esikhulu ekuphileni kwabantu ababebathanda nababesebenza nabo.

Akudingeki ubheke kude ukuze ubone ukuthi ububi nokuhlupheka kuthé chithi saka namuhla. Izimpi zibulala abantu abavamile kanye namasosha. Ubugebengu nobudlova kuhlukumeza abantu abangenacala. Izingozi ezibulalayo nokugula okukhubazayo kuhlasela bonke abantu kungakhathaliseki ukuthi badala kangakanani nokuthi benzani ekuphileni. Izinhlekelele zemvelo zicekela phansi imiphakathi ngokungakhethi. Ubandlululo nokungabi nabulungisa kugcwele umhlaba wonke. Mhlawumbe nawe uke wabhekana nalezi zinto.

Kungokwemvelo ukubuza imibuzo enjengalena:

  • Kungani izinto ezimbi zehlela abantu abalungile?

  • Ingabe kufanele kusolwe uNkulunkulu ngalezi zinto?

  • Ingabe izinhlekelele zimane zizivelele noma zibangelwa abantu?

  • Kungenzeka yini ukuthi ukuhlupheka kwabantu kubangelwa i-Karma, okungukuthi, imiphumela yezenzo zokuphila kwethu okwedlule?

  • Uma ekhona uNkulunkulu umninimandla onke, kungani engabavikeli abantu abalungile kokubi?

  • Ingabe ububi nokuhlupheka kuyoke kuphele?

Ukuze siphendule le mibuzo, kudingeka siqonde izimpendulo zale mibuzo emibili eyisisekelo: Kungani izinto ezimbi zenzeka, futhi yini ezokwenziwa uNkulunkulu?

^ isig. 3 Amagama ashintshiwe.