Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE UNKULUNKULU UYAKUKHATHALELA?

Ingabe UNkulunkulu Uyakukhathalela?

Ingabe UNkulunkulu Uyakukhathalela?

‘Ngihluphekile futhi ngimpofu; kwangathi uJehova ngokwakhe anganginaka.’ *UDAVIDE WAKWA-ISRAYELI, NGEKHULU LE-11 LEMINYAKA B.C.E.

“Izizwe zinjengethonsi lamanzi eliphuma ebhakedeni.”—ISAYA 40:15

Ingabe kwakunengqondo ngoDavide ukuba alindele ukuba uNkulunkulu amnake? Ingabe uNkulunkulu uyakunaka? Abantu abaningi bakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu umninimandla onke uyabanaka. Kungani?

Esinye isizathu ukuthi uNkulunkulu uphakeme kakhulu kunabantu. Njengoba esendaweni yakhe ephakeme, kuYe izizwe zonke “zinjengethonsi lamanzi eliphuma ebhakedeni; futhi ziye zabhekwa njengongwengwezi lothuli esikalini.” (Isaya 40:15) Omunye umbhali wangosuku lwethu ongakholelwa kuNkulunkulu waze wathi, “kuwukuzikhohlisa okukhulu ukukholelwa ukuthi kukhona uNkulunkulu okukhathalelayo nonaka izinto ozenzayo.”

Ngakolunye uhlangothi, abanye abantu banomuzwa wokuthi ukuziphatha kwabo kubenza bangakufanelekeli ukunakwa uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uJim, indoda esiqinile, uthi: “Ngangihlale ngithandazela ukuthula nokuzithiba, kodwa njalo ngemva kwesikhathi esithile intukuthelo yami yayiphinde ibuye. Ekugcineni, ngaphetha ngokuthi ngimubi ngokwedlulele futhi uNkulunkulu ngeke akwazi ukungisiza.”

Ingabe uNkulunkulu uqhele kakhulu kithi kangangokuthi uyehluleka ukusibona? Uzizwa kanjani ngempela ngezidalwa zakhe ezingaphelele? Ngaphandle kokwambulelwa uNkulunkulu uqobo, akekho umuntu ongaba umkhulumeli kaNkulunkulu, aphendule le mibuzo. Noma kunjalo, umyalezo kaNkulunkulu ophefumulelwe oya kubantu—iBhayibheli—usiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu akakude kakhulu kithi kangangokuthi akazinaki izinto ezisikhathazayo. IBhayibheli lithi: ‘Eqinisweni akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Ezihlokweni ezine ezilandelayo sizohlola lokho uNkulunkulu asitshela kona ngokuba kwakhe nesithakazelo kubantu nendlela aye wanaka ngayo abantu abafana nawe.

^ isig. 3 IHubo 40:17; IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.