Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOMAKHELWANE

UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa? (Ingxenye 1)

UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa? (Ingxenye 1)

Ngezansi kunengxoxo uFakazi KaJehova angase abe nayo nomakhelwane. Ake sithi uFakazi ogama lakhe linguKhaya uze kuVusi.

‘QHUBEKA UFUNA’ UKUQONDA

UKhaya: Uyazi Vusi, ngizijabulela ngempela izingxoxo zeBhayibheli esivame ukuba nazo. * Ngesikhathi sigcina ukubonana, wabuza ngoMbuso kaNkulunkulu. Wabuza ukuthi kungani oFakazi BakaJehova bekholelwa ukuthi uMbuso waqala ukubusa ngonyaka ka-1914.

UVusi: Yebo, bengifunda enye yezincwadi zenu, ithi uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ngo-1914. Lokho kungenze ngazibuza ngoba ngikhumbula uthi zonke izinkolelo zenu zisekelwe eBhayibhelini.

UKhaya: Uqinisile, zisekelwe eBhayibhelini.

UVusi: Ukuthi, sengilifunde lonke iBhayibheli. Kodwa, angikaze ngihlangane nevesi elikhuluma ngonyaka ka-1914. Ngibe sengilibheka eBhayibhelini elikuyi-Internet. Angilitholanga nakhona.”

UKhaya: Vusi, ngifisa ukukuncoma ngezinto ezimbili. Okokuqala, ngokuthi usulifunde lonke iBhayibheli. Kumelwe ukuba ulithanda ngempela iZwi likaNkulunkulu.

UVusi: Ngiyalithanda ngempela. Ayikho incwadi efana neBhayibheli.

UKhaya: Uqinisile. Okwesibili, ngifisa ukukuncoma ngokuthi uyifune eBhayibhelini impendulo yombuzo wakho. Wenze khona kanye lokho iBhayibheli elisikhuthaza ukuba sikwenze, lithi: ‘Qhubeka ufuna’ ukuqonda. * Kuhle kakhulu lokho okwenzile.

UVusi: Ngiyabonga. Ngifuna ukuqhubeka ngifunda. Eqinisweni, ngiye ngacwaninga ngathola imininingwane ethile mayelana no-1914 kule ncwadi esiyifundayo. Ikhuluma ngephupho lenkosi lomuthi omkhulu owagawulwa waphinde wakhula.

UKhaya: Oh, yebo. Leso yisiprofetho esilotshwe kuDaniyeli isahluko 4. Sikhuluma ngephupho lenkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari.

UVusi: Yebo, yileso kanye. Ngisifunde ngiphindelela leso siprofetho. Kodwa-ke, uma nje ngikhuluma iqiniso angiboni ukuthi sihlangana kanjani noMbuso kaNkulunkulu noma unyaka ka-1914.

UKhaya: Empeleni, Vusi, ngisho nomprofethi uDaniyeli wayengayiqondi incazelo ephelele yalokho ayephefumulelwe ukuba akulobe!

UVusi: Ngempela?

UKhaya: Ngempela. Lalela lokho akusho kuDaniyeli 12:8, uthi: “Mina ngezwa, kodwa ngangingaqondi.”

UVusi: Kusho ukuthi akumina ngedwa ongaqondi. Kwangcono-ke.

UKhaya: Iqiniso liwukuthi uDaniyeli wayengaqondi ngenxa yokuthi kwakungakabi yisikhathi sikaNkulunkulu sokuba abantu bayiqonde ngokuphelele incazelo yeziprofetho ezisencwadini kaDaniyeli. Kodwa manje, esikhathini esiphila kuso, singakwazi ukuyiqonda ngokuphelele.

 UVusi: Kanjani?

UKhaya: Phawula lokho esikufunda evesini elilandelayo. UDaniyeli 12:9 uthi: “La mazwi enziwe aba yimfihlo futhi avaliwe kuze kube sesikhathini sokuphela.” Ngakho-ke, lezi ziprofetho zaziyoqondwa kamuva, phakathi ‘nesikhathi sokuphela.’ Futhi njengoba sizoxoxa esifundweni sethu seBhayibheli, bonke ubufakazi bubonisa ukuthi manje siphila kuleso sikhathi. *

UVusi: Ungakwazi yini ukungichazela isiprofetho esikuDaniyeli?

UKhaya: Ake ngizame.

IPHUPHO LIKANEBUKHADINEZARI

UKhaya: Ake ngiqale ngokuchaza kafushane lokho uNebukhadinezari akubona ephusheni lakhe. Ngemva kwalokho singakhuluma ngokuthi lisho ukuthini.

UVusi: Kulungile.

UKhaya: Kulelo phupho uNebukhadinezari wabona umuthi omkhulu owakhula waze wafika ezulwini. Wabe esezwa isithunywa sikaNkulunkulu sithi lowo muthi mawugawulwe. Nokho, uNkulunkulu wathi isiphunzi sawo akufanele sisuswe. Ngemva kwenkathi ‘eyizikhathi eziyisikhombisa,’ umuthi wawuyophinde ukhule. * Lesi siprofetho saqale sasisebenza eNkosini uNebukhadinezari uqobo. Nakuba ayeyinkosi evelele—njengomuthi owakhula wafika ezulwini—wagawulwa wawa, kwaze kwadlula “izikhathi eziyisikhombisa.” Uyakhumbula ukuthi kwenzekani?

UVusi: Cha, angikhumbuli.

UKhaya: Kulungile. IBhayibheli libonisa ukuthi uNebukhadinezari walahlekelwa ingqondo iminyaka eyisikhombisa. Phakathi naleso sikhathi, wayengeke akwazi ukubusa njengenkosi. Kodwa ekupheleni kwezikhathi eziyisikhombisa, yabuya ingqondo kaNebukhadinezari wabe esephindela esihlalweni sakhe sobukhosi. *

UVusi: Ngiyakuzwa. Kodwa-ke, konke lokhu kuhlangana kanjani noMbuso kaNkulunkulu nonyaka ka-1914?

UKhaya: Ngamafuphi nje, lesi siprofetho sigcwaliseka kabili. Saqale sagcwaliseka lapho ukubusa kweNkosi uNebukhadinezari kuphazamiseka. Saphinde sagcwaliseka lapho kuphazamiseka ukubusa kukaNkulunkulu. Ngakho yilokhu kugcwaliseka kwesibili okuhlobene noMbuso kaNkulunkulu.

UVusi: Wazi kanjani ukuthi lesi siprofetho sinokugcwaliseka kwesibili ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu?

UKhaya: Okokuqala, sona lesi siprofetho siyakuveza lokho. NgokukaDaniyeli 4:17, isiprofetho sanikwa “ngenhloso yokuba abantu abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke unguMbusi embusweni wabantu nokuthi uwunika lowo afuna ukumnika wona.” Uyiphawulile yini inkulumo ethi ‘umbuso wabantu’?

UVusi: Yebo, ivesi lithi “oPhezukonke unguMbusi embusweni wabantu.”

UKhaya: Uqinisile. Ucabanga ukuthi ubani “oPhezukonke”?

UVusi: Ngicabanga ukuthi uNkulunkulu.

UKhaya: Uqinisile. Ngakho lokhu kusitshela ukuthi lesi siprofetho asikhulumi ngoNebukhadinezari kuphela. Sikhuluma ‘nangombuso wabantu’—okungukuthi ukubusa kukaNkulunkulu abantu. Lokho kunengqondo uma sibheka umongo wesiprofetho.

UVusi: Usho ukuthini?

UMONGO OYINHLOKO WENCWADI

UKhaya: Izikhathi eziningi, incwadi yeBhayibheli kaDaniyeli ikhuluma ngomongo owodwa. Ikhuluma ngokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kokuhola kweNdodana yakhe uJesu. Ngokwesibonelo, ake sibuyele emuva ezahlukweni ezimbalwa ezedlule. Ngicela ufunde uDaniyeli 2:44.

UVusi: Uthi: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”

 UKhaya: Ngiyabonga. Ucabanga ukuthi leli vesi libhekisela eMbusweni kaNkulunkulu yini?

UVusi: Hmm. Angiqiniseki.

UKhaya: Phawula ukuthi leli vesi lithi lo Mbuso ‘uyoma kuze kube nini nanini.’ Cishe uzovuma ukuthi lokho kungenziwa uMbuso kaNkulunkulu kuphela, awukho uhulumeni wabantu ongakwenza lokho.

UVusi: Uqinisile.

UKhaya: Nasi esinye isiprofetho esisencwadini kaDaniyeli esikhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu. Isiprofetho esilotshwe kuDaniyeli 7:13, 14. Mayelana nombusi wesikhathi esizayo, lesi siprofetho sithi: “Wanikwa ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze. Ububusi bakhe bungububusi obumi kuze kube nini nanini obungayikudlula, nombuso wakhe ungumbuso ongayikuchithwa.” Ingabe kukhona okuthile okuphawulayo kulesi siprofetho?

UVusi: Yebo, sikhuluma ngombuso.

UKhaya: Uqinisile. Akukhulunywa ngombuso ovamile. Phawula ukuthi isiprofetho sithi lo Mbuso uyobusa “izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi.” Ngamanye amazwi, lo Mbuso uyobusa umhlaba wonke.

UVusi: Uqinisile, uyazi sekuyangikhanyela manje. Yilokho ngempela okushiwo yileli vesi.

UKhaya: Phawula nokunye okushiwo yilesi siprofetho, sithi: “Ububusi bakhe bungububusi obumi kuze kube nini nanini obungayikudlula, nombuso wakhe ungumbuso ongayikuchithwa.” Uyabona yini ukuthi lokhu kufana nesiprofetho esisifunde kuDaniyeli 2:44?

UVusi: Uqinisile kuyafana.

UKhaya: Ake sibukeze kafushane lokho esesixoxe ngakho. Isiprofetho esikuDaniyeli isahluko 4 sanikezwa ukuze abantu bazi ukuthi “oPhezukonke unguMbusi embusweni wabantu.” Lokhu kukodwa kubonisa ukuthi lesi siprofetho asigcinanga nje ngokugcwaliseka kuNebukhadinezari. Kuyo yonke incwadi kaDaniyeli sithola iziprofetho eziphathelene nokumiswa koMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kokubusa kweNdodana yakhe. Ucabanga ukuthi kuyafaneleka yini ukuphetha ngokuthi lesi siprofetho esikuDaniyeli isahluko 4 siphinde sibhekisele naseMbusweni kaNkulunkulu?

UVusi: Ngicabanga kanjalo. Kodwa angikaqondi ukuthi u-1914 ungena kanjani kule ndaba.

“MAKUDLULE PHEZU KWASO IZIKHATHI EZIYISIKHOMBISA”

UKhaya: Ake siphindele eNkosini uNebukhadinezari. Wayemelelwa umuthi lapho isiprofetho sigcwaliseka okokuqala. Ukubusa kwakhe kwaphazamiseka lapho umuthi ugawulwa futhi uyekwa izikhathi eziyisikhombisa—okungukuthi, lapho elahlekelwa ingqondo isikhathi esithile. Leyo nkathi yezikhathi eziyisikhombisa yaphela lapho ingqondo kaNebukhadinezari ibuya futhi ephindela esikhundleni sakhe njengenkosi. Ekugcwalisekeni kwesibili kwesiprofetho, ukubusa kukaNkulunkulu kwakuyophazamiseka isikhathi esithile—kodwa hhayi ngenxa yokwehluleka kukaNkulunkulu.

UVusi: Usho ukuthini?

UKhaya: Ngezikhathi zeBhayibheli amakhosi akwa-Israyeli ayebusa eJerusalema kuthiwa ayehlala “esihlalweni sobukhosi sikaJehova.” * Ayemelela uNkulunkulu ekubuseni abantu bakhe. Ngakho ukubusa kwalawo makhosi kwakumelela ukubusa kukaNkulunkulu. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, amakhosi amaningi ayeka ukulalela uNkulunkulu futhi abantu abaningi balandela leso sibonelo. Ngenxa yokuthi ama-Israyeli awalalelanga, uNkulunkulu wavumela ukuba anqotshwe abaseBhabhiloni  ngo-607 B.C.E. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, ayengasekho amakhosi amelela uJehova eJerusalema. Ngakho ngalowo mqondo, ukubusa kukaNkulunkulu kwaphazamiseka. Awukabi nawo umbuzo?

UVusi: Cha, ngikuzwa kahle.

UKhaya: Ngakho, unyaka ka-607 B.C.E washo ukuqala kwezikhathi eziyisikhombisa noma isikhathi sokuphazamiseka kokubusa kukaNkulunkulu. Ekupheleni kwezikhathi eziyisikhombisa uNkulunkulu wayeyomisa umbusi omusha ukuze ammelele—kulokhu, kube umuntu osezulwini. Ziyogcwaliseka ngaleso sikhathi ezinye iziprofetho esifunde ngazo encwadini kaDaniyeli. Ngakho umbuzo obalulekile yilo: Zaphela nini izikhathi eziyisikhombisa? Uma singaphendula lo mbuzo, siyoqonda ukuthi uMbuso kaNkulunkulu waqala nini ukubusa.

UVusi: Ngiyabona. Awuthi ngiqagele—izikhathi eziyisikhombisa zaphela ngo-1914.

UKhaya: Uqinisile. Uyishaye esikhonkosini!

UVusi: Kodwa sikwazi kanjani lokho?

UKhaya: Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni uJesu wabonisa ukuthi izikhathi eziyisikhombisa zazingakapheli. * Okusho ukuthi ziyinkathi ende kakhulu. Izikhathi eziyisikhombisa zaqala emakhulwini eminyaka ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni futhi ziye zaqhubeka okwesikhashana ngemva kokuba esephindele ezulwini. Khumbula nokuthi iziprofetho ezikuDaniyeli zazingeke ziqondakale kuze kube “sesikhathini sokuphela.” * Ngasekupheleni kwawo-1800, abafundi beBhayibheli abaqotho bashukumiseleka ukuba bahlole lokhu nezinye iziprofetho ngokucophelela. Baqala ukuqonda ukuthi izikhathi eziyisikhombisa zaziyophela ngonyaka ka-1914. Futhi izenzakalo ezinkulu zezwe ezenzeka kusukela ngaleso sikhathi zaqinisekisa ukuthi ngempela u-1914 unyaka uMbuso kaNkulunkulu owaqala ngawo ukubusa ezulwini. Yilowo nyaka, leli zwe elangena ngawo ezinsukwini zalo zokugcina noma esikhathini sokuphela. Ngiyazi ukuthi kunzima ukuyiqonda le ndaba . . .

UVusi: Kuzodingeka ngibuye ngiyifunde le ndaba ukuze ngiyiqonde kahle.

UKhaya: Ungakhathazeki. Nami kwangithatha isikhathi ukuziqonda kahle lezi ziprofetho nokugcwaliseka kwazo. Kodwa ngicabanga ukuthi okungenani ingxoxo yethu ikwazile ukukusiza ukuba uqonde ukuthi oFakazi BakaJehova basekela izinkolelo zabo ngoMbuso eBhayibhelini.

UVusi: Impela kunjalo. Ibilokhu ingihlaba umxhwele indlela enisekela ngayo izinkolelo zenu eBhayibhelini.

UKhaya: Ngiyabona ukuthi nawe unesifiso esifanayo. Njengoba ngishilo, le mininingwane miningi kakhulu ukuba uyiqonde ngesikhathi esisodwa. Kungenzeka ukuthi usenayo imibuzo. Ngokwesibonelo, sibonile ukuthi izikhathi eziyisikhombisa zihlobana noMbuso kaNkulunkulu nokuthi zaqala ngo-607 B.C.E. Kodwa sazi kanjani ngempela ukuthi lezi zikhathi eziyisikhombisa zaphela ngo-1914? *

UVusi: Nami ngiyazibuza.

UKhaya: IBhayibheli liyasisiza ukuba sibone ukuthi zithatha isikhathi esingakanani izikhathi eziyisikhombisa. Ungathanda yini ukuba sixoxe ngalokhu uma ngibuya? *

UVusi: Ngingakujabulela lokho.

Ingabe ikhona indaba ethile eseBhayibhelini owake wazibuza ngayo? Zikhona yini izinkolelo noma izinto ezenziwa oFakazi BakaJehova ongathanda ukwazi ngazo? Uma kunjalo, ungangabazi ukubuza omunye woFakazi BakaJehova. Uyokujabulela ukuxoxa nawe ngezihloko ezinjalo.

^ isig. 5 Ngelungiselelo lesifundo seBhayibheli samahhala, oFakazi BakaJehova baxoxa nomakhelwane babo ngezihloko zeBhayibheli.

^ isig. 63 Esiprofethweni sakhe esimayelana nezinsuku zokugcina uJesu wathi: “IJerusalema [elimelela ukubusa kukaNkulunkulu] liyonyathelwa phansi yizizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi ezimisiwe zezizwe.” (Luka 21:24) Ngakho ukubusa kukaNkulunkulu kwakusaphazamisekile ngesikhathi sikaJesu futhi kwakuyoqhubeka kunjalo kuze kube sezinsukwini zokugcina.

^ isig. 67 Bheka iSithasiselo esinesihloko esithi “1914—Unyaka Obalulekile Eziprofethweni ZeBhayibheli encwadini” ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

^ isig. 69 Isihloko esilandelayo kulolu chungechunge sizohlola amavesi eBhayibheli achaza ukuthi zithatha isikhathi esingakanani izikhathi eziyisikhombisa.