Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE USATHANE UNGOKOQOBO?

Ukhona Yini USathane?

Ukhona Yini USathane?

Umdwebo oqoshiwe eMadrid, eSpain, obonisa uSathane eyingelosi ekhohlakele ewile

“Ngakhulela e-El Salvador. Ngesikhathi ngisakhula, kwakuthi uma ngingalaleli, umama athi kimi, ‘Uyeza uDeveli uzokubamba!’ Ngangibe sengithi kuye, ‘Akeze anginandaba!’ Ngangikholelwa ukuthi uNkulunkulu okhona hhayi uSathane.”—UROGELIO.

Ingabe nawe uvumelana nalokhu uRogelio ayekukholelwa esemncane? Kule mibono engezansi yimuphi ozwakala unengqondo kuwe?

  • USathane akayena umuntu ongokoqobo; umane nje uwuphawu lobubi.

  • USathane ungumuntu ongokoqobo kodwa akanandaba kangako nabantu.

  • USathane uyisidalwa somoya esinamandla esinethonya elikhulu kubantu.

Ngamunye wale mibono usekelwa abantu abaningi. Kodwa ingabe kunendaba ngempela ukuthi yimuphi umbono onembile? Uma kuwukuthi uSathane akekho, labo abathi ukhona badukisiwe. Uma ekhona kodwa engenandaba nabantu, kusho ukuthi abaningi besaba futhi bethuswa ubala. Nokho, uma uSathane engumkhohlisi oyiqili, kusho ukuthi uyingozi ngaphezu kwalokho abantu abaningi abakucabangayo.

Ake sihlole indlela imiBhalo Engcwele ephendula ngayo le mibuzo: Uyini noma ungubani uSathane—uphawu lobubi noma umuntu ongumoya? Uma engumuntu ongumoya, ingabe uyingozi kuwe? Uma kunjalo, ungazivikela kanjani kuye?