Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Wawuyini umsebenzi wenduna yekhulu yebutho laseRoma?

Itshe Eliqoshiwe Lenduna Yekhulu UMarcus Favonius Facilis

ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ikhuluma kaningi ngezinduna zekhulu zaseRoma. Induna yebutho eyayengamele ukubulawa kukaJesu yayinaleso sikhundla, noKorneliyu oweZizwe wokuqala ukuphendukela ebuKristwini wayenesikhundla esifanayo. Isikhulu okwakufanele sengamele ukubhaxabulwa kukamphostoli uPawulu, kanye noJuliyu owayeqaphe uPawulu njengoba eya eRoma, bobabili babeyizinduna zekhulu.—Marku 15:39; IzEnzo 10:1; 22:25; 27:1.

Ngokuvamile induna yekhulu yayiba induna yebutho elakhiwa amadoda angu-50 kuya ku-100. Umsebenzi wayo wawuhlanganisa ukuqeqesha nokuqondisa ibutho layo, ihlole izingubo nezikhali zebutho futhi ikhiphe iziqondiso empini.

Ukuba induna yekhulu kwakuyisikhundla esiphakeme kakhulu kwezazingatholwa amasosha avamile. Labo ababesithola lesi sikhundla kwakuba amasosha asemkantsh’ ubomvu akwazi kahle ukuhola. Ukuhleleka nokuphumelela kwebutho laseRoma elinamandla kwakuxhomeke kulezi zikhulu. Enye incwadi ithi izinduna zekhulu “ngokuvamile zazingamadoda asenesikhathi eside nanolwazi oluningi ebuthweni.”

Izibuko ezazisetshenziswa ngezikhathi zeBhayibheli zihluke kanjani kulezo ezisetshenziswa namuhla?

Isibuko SaseGibhithe Lasendulo

Ngokungafani nezibuko zanamuhla ezenziwe ngengilazi, izibuko ezazisetshenziswa ngezikhathi zeBhayibheli zazivame ukwenziwa ngensimbi ecwebezelayo—ngokuvamile kwakuba yithusi, isiliva, igolide noma isiliva elixutshwe negolide. Isibuko kukhulunywa ngaso okokuqala eBhayibhelini ngesikhathi kwakwakhiwa itabernakele, isikhungo sokuqala sama-Israyeli sokukhulekela. Abesifazane babenikela ngezibuko ukuze kwenziwe umcengezi wethusi ongcwele nothi lwawo. (Eksodusi 38:8) Cishe lezo zibuko kwakuyodingeka ukuba zincibilikiswe ukuze kwenziwe lo mcengezi.

Izibuko ezatholwa abavubukuli kwa-Israyeli nasezindaweni ezizungezile ngokuvamile zazitholakala zinobucwebe kanye nezinye izinto zokuhloba zabantu besifazane. Ngokuvamile, lezo zibuko zaziba yindilinga, bese ziba nesibambo esihlotshisiwe sokhuni, sensimbi noma sezinyo lendlovu, esasimise okomuntu wesifazane. Ingxenye engemuva yesibuko yayingahlotshiswa.

Izibuko zanamuhla zengilazi zenza kube lula ukuba umuntu azibone kahle ngokungafani nezasendulo. Cishe lokhu kukuchaza kahle lokho umphostoli uPawulu ayekhuluma ngakho lapho ethi: “Ngoba manje sibona kalufifi ngesibuko sensimbi.”—1 Korinte 13:12.