Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXOXO NOMAKHELWANE

Kungani Kufanele Sikhumbule Ukufa KukaJesu?

Kungani Kufanele Sikhumbule Ukufa KukaJesu?

Ngezansi kunengxoxo uFakazi kaJehova angase abe nayo nomakhelwane. Ake sithi uFakazi ogama lakhe linguMandisa uxoxa noSenzi.

“QHUBEKANI NIKWENZA LOKHU NINGIKHUMBULA”

UMandisa: Sawubona Senzi. Ngajabula kakhulu ukukubona ngesonto elidlule eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu Kristu. * Wakujabulela kodwa wena?

USenzi: Ngakujabulela kakhulu, nakuba ngingakuqondanga kahle konke okwakushiwo. Ngike ngezwa ngabantu abagubha ukuzalwa kukaJesu ngoKhisimusi nokufa kwakhe ngama-Easter, kodwa angikaze ngizwe kuthiwa kukhona abakhumbula ukufa kwakhe.

UMandisa: Uqinisile, uKhisimusi nama-Easter imikhosi ethandwa kakhulu emhlabeni wonke. Kodwa oFakazi BakaJehova banomuzwa wokuthi kubalulekile ukukhumbula ukufa kukaJesu. Uma unayo imizuzwana, ngingathanda ukukubonisa ukuthi kungani benalowo muzwa.

USenzi: Kulungile, nginaso isikhathi.

UMandisa: Empeleni, oFakazi BakaJehova bakhumbula ukufa kukaJesu ngoba wayala abalandeli bakhe ukube bamkhumbule. Cabanga ngalokho okwenzeka ngobusuku bangaphambi kokuba uJesu afe. Wake wezwa yini ngesidlo esikhethekile aba naso nabalandeli bakhe abathembekile?

USenzi: Usho iPhasika?

UMandisa: Yebo. Siphinde sibizwe nangokuthi iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Phakathi naleso sidlo, uJesu wanika abalandeli bakhe umyalo ocacile. Ngicela ufunde la mazwi akhe alotshwe kuLuka 22:19.

USenzi: Kulungile. Le ncwadi ithi: “Wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, wathi: ‘Lokhu kusho umzimba wami ozonikelwa ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.’”

UMandisa: Ngiyabonga. Phawula lo myalo uJesu awukhipha ekupheleni kwaleli vesi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” Kanti ngaphambi nje kokuba ayale abalandeli bakhe ukuba bamkhumbule, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi yini okwakufanele bayikhumbule ngaye. Wathi ukuphila kwakhe kwakuzonikelwa ngenxa yabalandeli bakhe. UJesu waphinde washo amazwi afanayo alotshwe kuMathewu 20:28. Wathi: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ Kafushane nje, oFakazi BakaJehova bahlangana njalo ngonyaka esikhumbuzweni sokufa kukaJesu ngenxa yaleso sizathu—ukukhumbula umhlatshelo wesihlengo owenziwa uJesu. Ukufa kwakhe kunganikeza bonke abantu abalalelayo ukuphila.

KUNGANI SASIDINGEKA ISIHLENGO?

USenzi: Yazi, ngike ngibezwe abantu bethi uJesu wafa ukuze sithole ukuphila. Kodwa uma ngikhuluma iqiniso, angiqondi ukuthi lokho kusho ukuthini.

UMandisa: Akuwena wedwa ongakuqondi lokho, Senzi. Phela le ndaba yomhlatshelo wesihlengo kaJesu ave ijulile. Kodwa futhi ingenye yamaqiniso eZwi likaNkulunkulu amahle kakhulu. Angikubambezeli nje, usenaso isikhathi?

USenzi: Nginayo imizuzwana.

UMandisa: Kuhle. Yazi ngisanda kufunda ngayo le ndaba yesihlengo, ngizozama ukuyichaza ngendlela elula.

USenzi: Ngilalele.

UMandisa: Ukuze sisiqonde isihlengo, kufanele siqale siqonde isimo esabangelwa ukona kuka-Adamu no-Eva ensimini yase-Edene. Ukuze sikuqonde kahle lokhu, ake sifunde eyabaseRoma 6:23. Ngicela uwufunde lo mBhalo.

USenzi: Uthi: “Inkokhelo yesono ngukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.”

UMandisa: Ngiyabonga. Ake siwuchaze lo mBhalo. Okokuqala phawula indlela leli vesi eliqala ngayo: “Inkokhelo yesono ngukufa.” Lona ngumthetho olula uNkulunkulu awubeka ekuqaleni komlando wabantu—inkokhelo noma umphumela wesono ukufa. Ekuqaleni akekho owayeyisoni. U-Adamu no-Eva babephelele futhi zonke izingane zabo zaziyozalwa zingabantu abaphelele. Ngakho sasingeke sibe khona isizathu sokuba sife. U-Adamu no-Eva kanye nenzalo yabo babenethemba lokuphila phakade ngokujabula. Kodwa njengoba sazi, izinto azenzekanga ngaleyo ndlela.

USenzi: Uqinisile. U-Adamu no-Eva badla isithelo esasenqatshelwe.

UMandisa: Kunjalo. Ngokwenza kanjalo—lapho u-Adamu no-Eva bekhetha ukungamlaleli uNkulunkulu—bona. Eqinisweni bakhetha ukuba abantu abangaphelele, baba izoni. Leso sinqumo salethela u-Adamu no-Eva kanye nenzalo yabo imiphumela edabukisayo.

USenzi: Usho ukuthini?

UMandisa: Nasi isibonelo. Uyakuthanda ukubhaka?

USenzi: Yebo! Ngikuthanda kakhulu.

UMandisa: Ake sithi unepani elisha lokubhaka izinkwa. Ngaphambi nje kokuba ulisebenzise livele liwe libe nesifaca esikhulu. Zingaphuma zinjani izinkwa ongazibhaka ngalelo pani? Ngeke yini zibe nesifaca esikhulu?

USenzi: Hhawu phela akubuzwa, zingaba naso.

UMandisa: Ngendlela efanayo, lapho u-Adamu no-Eva bekhetha ukungamlaleli uNkulunkulu, baba “nesifaca” noma isibazi, okuyisono nokungapheleli. Ngenxa yokuthi baba yizoni ngaphambi kokuba babe nezingane, zonke izingane zabo zaziyozalwa zinaleso “sifaca.” Zonke zaziyozalelwa esonweni. EBhayibhelini igama elithi “isono” alibhekiseli nje esenzweni kodwa nakulokho okuyimiphumela yaso esakuzuza njengefa. Umphumela uba wukuthi nakuba mina nawe singenzanga lutho olubi—phela sasingakazalwa thina—ukona kuka-Adamu no-Eva kwabangela ukuba bonke abantu bazalwe bengaphelele benesono okwakuyobangela ukuba ekugcineni bafe. Njengoba sifundile kweyabaseRoma 6:23, inkokhelo yesono ukufa.

USenzi: Kodwa abukho ubulungisa lapho. Kungani kufanele bonke abantu bahlupheke phakade ngenxa yesono sika-Adamu no-Eva?

UMandisa: Uqinisile—kona kubonakala kungenabulungisa. Kodwa kuningi okuhilelekile kule ndaba. Ngobulungisa bakhe obuphelele, uNkulunkulu wanquma ukuthi u-Adamu no-Eva kufanele bafe ngenxa yezono zabo, kodwa thina njengenzalo yabo sinalo ithemba. UNkulunkulu wenza indlela yokuba siphume kulolu sizi. Isihlengo sikaJesu singena lapha ke. Ake uphinde ubheke eyabaseRoma 6:23. Ngemva kokuba ethe “inkokhelo yesono ukufa” ivesi liqhubeka lithi: “Kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” Ngakho ukufa kukaJesu kusinika indlela yokusindiswa esonweni nasekufeni. *

ISIHLENGO—ISIPHO SIKANKULUNKULU ESIKHULU

UMandisa: Kunokunye kuleli vesi engingathanda ukukubonisa khona.

USenzi: Kulungile ungangibonisa.

UMandisa: Phawula ukuthi leli vesi lithi: “Isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” Ngakho, uma kunguJesu owahlupheka futhi wasifela, enikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu, pho kungani leli vesi likhuluma ngesihlengo ‘njengesiyisipho uNkulunkulu asinikezayo’? Kungani kungashiwo ukuthi, “isipho uJesu asinikezayo”? *

USenzi: Ayi angazi.

UMandisa: Nasi isizathu, uNkulunkulu wadala u-Adamu no-Eva futhi lapho bekhetha ukungalaleli ensimini yase-Edene bona kuye. Kufanele ukuba wezwa ubuhlungu obukhulu lapho abantwana bakhe ababili bokuqala abangabantu bevukela. Kodwa ngokushesha uJehova wenza indlela yokukuxazulula lokho. * Wahlela ukuba esinye sezidalwa zakhe zomoya size emhlabeni, siphile njengomuntu ophelele, futhi ekugcineni sinikele ngokuphila kwaso njengomhlatshelo wesihlengo. Ngakho, ngempela lonke leli lungiselelo lesihlengo laliyisipho esivela kuNkulunkulu. Kunenye futhi indlela ebonisa ukuthi isihlengo sasiyisipho esivela kuNkulunkulu. Wake wayicabanga nje indlela okumelwe ukuba uNkulunkulu wazizwa ngayo lapho uJesu ebulawa?

USenzi: Cha, angikaze.

UMandisa: Ngibone amathoyizi uma ngingena la ekhaya. Kumelwe ukuba unabantwana.

USenzi: Yebo, nginabantwana ababili—umfana nentombazane.

UMandisa: Njengomzali, ake ucabange ngendlela okumelwe ukuba wazizwa ngayo uYise kaJesu osezulwini, uJehova uNkulunkulu, ngosuku uJesu afa ngalo. Njengoba ebuka esezulwini, wazizwa kanjani lapho iNdodana yakhe iboshwa, ihlekwa usulu futhi ibhaxabulwa? Wazizwa kanjani lapho iNdodana yakhe ibethelwa esigxotsheni futhi ishiywa lapho ukuba kancane kancane ife kabuhlungu?

USenzi: Kumelwe ukuba wezwa ubuhlungu obukhulu. Hhayi yazi angikaze ngikucabange lokho!

UMandisa: Khona akulula ngathi ukuqonda indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngalolo suku. Kodwa siyazi ukuthi unemizwa, futhi siyasazi isizathu esamenza wavumela konke lokho ukuba kwenzeke. Sichazwe kahle la kulo mBhalo kaJohane 3:16 ojwayelekile. Ngicela uwufunde.

USenzi: Ufundeka kanje: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”

Umhlatshelo wesihlengo uwukubonakaliswa kothando okukhulu kunakho konke

UMandisa: Ngiyabonga. Awuphinde ubheke lapha ekuqaleni kwaleli vesi. Lithi: “UNkulunkulu walithanda izwe.” Nali igama eliyinhloko—uthando. Uthando lwashukumisela uNkulunkulu ukuba athumele iNdodana yakhe emhlabeni ukuba izosifela. Ngempela umhlatshelo wesihlengo uwukubonakaliswa kothando okukhulu kunakho konke. Yingakho oFakazi BakaJehova behlangana unyaka nonyaka ukuze bakhumbule ukufa kukaJesu. Ingabe le ngxoxo ikusizile?

USenzi: Yebo ingisizile. Ngiyabonga kakhulu ngokungichazela le ndaba.

Ingabe ikhona indaba ethile eseBhayibhelini owake wazibuza ngayo? Zikhona yini izinkolelo noma izinto ezenziwa oFakazi BakaJehova ongathanda ukwazi ngazo? Uma kunjalo, ungangabazi ukubuza omunye woFakazi BakaJehova. Uyokujabulela ukuxoxa nawe ngezihloko ezinjalo.

^ isig. 5 Kanye ngonyaka, oFakazi BakaJehova bayahlangana ukuze bakhumbule ukufa kukaJesu nomhlatshelo asenzela wona. Kulo nyaka, leso sikhumbuzo sizoba ngoLwesihlanu, ngomhla ka-April 3.

^ isig. 32 Isihloko esilandelayo kulolu chungechunge sizoxoxa ngendlela umhlatshelo wesihlengo kaJesu osikhulula ngayo esonweni kanye nalokho okumelwe sikwenze ukuze sizuze kulesi sihlengo.

^ isig. 36 IBhayibheli lithi, uNkulunkulu noJesu bangabantu ababili abahlukene. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 4 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.