Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
Ungaba kanjani umzali omuhle?
Ikhaya elinabazali abathandanayo nabahloniphanayo, liyindawo ekahle kakhulu yokukhulisa izingane. (Kolose 3:14, 19) Abazali abahle bayazithanda izingane zabo futhi bayazincoma njengoba nje noJehova uNkulunkulu ancoma iNdodana yakhe.—Funda uMathewu 3:17.
UBaba wethu osezulwini uyazilalela izinceku zakhe futhi uyayibona indlela ezizizwa ngayo. Abazali benza kahle ngokufunda kuye, balalele izingane zabo lapho zikhuluma. (Jakobe 1:19) Kufanele baqonde indlela izingane zabo ezizizwa ngayo, ngisho noma zisho izinto ezingemnandi.—Funda uNumeri 11:11, 15.
Ungazikhulisa kanjani izingane ezenza okufanele?
Njengomzali, unelungelo lokubeka imithetho ekhaya. (Efesu 6:1) Funda esibonelweni sikaNkulunkulu. Ubonisa ukuthi uyazithanda izingane zakhe ngokubeka imithetho ecacile nokuchaza imiphumela yokungayilaleli. (Genesise 3:3) Kunokuba aphoqelele abantu ukuba balalele, ubafundisa indlela abangazuza ngayo ngokwenza okulungile.—Funda u-Isaya 48:18, 19.
Kwenze kube umgomo wakho ukusiza izingane zakho ukuba zithande uNkulunkulu. Ziyokwenza ngokuhlakanipha ngisho nalapho zizodwa. Fundisa izingane zakho ukuba zithande uNkulunkulu ngokuba yisibonelo kuzo, njengoba nje noNkulunkulu efundisa ngesibonelo.—Funda uDuteronomi 6:5-7; Efesu 4:32; 5:1.