Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | YISIPHI ISIPHO ESIZEDLULA ZONKE?

“Kwakuyisipho Esizedlula Zonke”

“Kwakuyisipho Esizedlula Zonke”

Ileyo ndlela intombazane eneminyaka engu-13 eyazizwa ngayo lapho ithola isipho sayo, inja. Owesifazane ongusomabhizinisi ohlonishwayo uthi i-computer ayiphiwa ubaba wakhe lapho esafunda isikole, yaba isipho esashintsha ukuphila kwakhe. Indoda eyayisanda kushada yona ithi ikhadi eyayilenzelwe umkayo lapho beqeda unyaka wokuqala beshadile, laliyisipho esizedlula zonke.

Unyaka nonyaka abantu abaningi bachitha isikhathi esiningi bezama ukuthola isipho esifanele abangasipha umngane noma isihlobo ngezinsuku ezithile ezibalulekile kubo. Nabo bangathanda ukuzwa amazwi asesihlokweni sethu eshiwo ngesipho sabo. Wena? Ungathanda yini ukupha noma ukuphiwa izipho eziletha injabulo efanayo?

Kuyinto ongayithanda nawe, hhayi ngoba isipho sisuke sizomjabulisa lowo ophiwayo, kodwa nangenxa yendlela ukupha okwenza lowo ophayo azizwe ngayo. Ngisho neBhayibheli lithi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ukupha kungajabulisa nakakhulu uma lowo ophiwayo esazisa kakhulu isipho aphiwa sona.

Yini-ke ongayenza ukuze nobabili, wena nalowo omuphayo nijabule ngesipho osikhethile? Kanti ngisho noma isipho sakho singesona esizedlula zonke, yini ongayenza ukuze lowo omuphayo asijabulele?