Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Amahhovisi Okuhumusha Azuzisa Izigidi

Amahhovisi Okuhumusha Azuzisa Izigidi

MASHI 1, 2021

 Amaphesenti angaphezu kuka-60 amaqembu ethu abahumushi besikhathi esigcwele, enza umsebenzi wawo emahhovisi abahumushi (RTO) hhayi emahhovisi egatsha. Kungani lolu hlelo luzuzisa? Yimaphi amathuluzi adingwa abahumushi ukuze bawenze ngokuphumelelayo umsebenzi wabo? Indawo iqembu labahumushi elisebenzela kuyo inamuphi umthelela ekutheni umsebenzi wabo ube sezingeni eliphezulu?

 Ihhovisi labahumushi lenza ukuba abahumushi bahlale phakathi kwabantu abakhuluma ulimi lwabo. UKarin, ohumusha isiLow German uyachaza: “Kusukela sithuthele ehhovisi labahumushi eliseCuauhtémoc, eChihuahua, eMexico, sihlale sikhuluma ulimi lwesiLow German—silukhuluma nesisebenza nabo nasenkonzweni yasensimini nalapho sisezitolo. Kugcwele abantu abakhuluma ulimi lwethu. Sizwa izaga nezisho osekuyisikhathi eside sazigcina, futhi siyakwazi ukuhambisana nendlela abantu asebelukhuluma ngayo ulimi.”

 UJames, osebenza neqembu labahumushi lesiFrafra eGhana uyavuma ukuthi ngezinye izikhathi uyawukhumbula umndeni waseBethel. Ube esenezela: “Ngiyazifela ngokusebenza lapha e-RTO. Ukushumayela ngolimi olukhulunywa endaweni nokubona indlela abantu abasabela ngayo ezindabeni ezinhle kungithinta inhliziyo.”

 Abafowethu banquma kanjani ukuthi izokwakhiwa kuphi i-RTO? UJoseph, oyilungu loMnyango Wokuklama Nokwakha Womhlaba Wonke eWarwick, oseNew York, e-U.S.A. uthi: “Enye inselele esibhekana nayo ukuthi ezinye izindawo azinawo ugesi ngaso sonke isikhathi noma amanzi noma i-inthanethi edingekayo ukuze kuthunyelwe amafayela adinga ukuhunyushwa. Ngenxa yalokho, lapho sicabangela indawo elizoba kuyo ihhovisi labahumushi, kungase kudingeke siqhathanise izindawo ezingaphezu kweyodwa lapho lolo limi lukhulunywa khona.”

 Indlela esheshayo neshibhile ukuba ihhovisi labahumushi libe seHholo Lomhlangano, eHholo LoMbuso, noma emakhaya ezithunywa zevangeli, lapho abahumushi bengakwazi ukuya khona. Uma zingekho lezo zakhiwo, abafowethu bangase bathole imvume ukuze bathenge izindawo zokuhlala namahhovisi akahle abahumushi abangasebenzela kuwo. Uma kudingeka ushintsho, lezi zakhiwo zingathengiswa kalula bese izimali ezitholakalayo zisetshenziswe lapho zidingeka khona kakhulu.

Bahlonyiselwe Ukuqhubeka Nomsebenzi

 Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2020, sisebenzise imali engaba amarandi angu-195 021 450 ukuze umsebenzi owenziwa ema-RTO uqhubeke. Abahumushi abasebenza ema-RTO badinga amakhompyutha, izinhlelo zawo ezikhethekile, izinto zokurikhoda, i-inthanethi nezinye izinto ezidingekayo. Ngokwesibonelo, izindleko zokuhlanganisa umshini owodwa nje kuphela zingabiza imali engamarandi angu-11 251.24. Kuthengwa izinhlelo zamakhompyutha ezinkampanini ezizithengisayo bese kufakwa uhlelo lwe-Watchtower Translation System, okuwuhlelo olusiza abahumushi bakwazi ukuhlela kahle umsebenzi wabo futhi bathole nezikhombo abazidingayo.

 Abahumushi baphinde bathole amathuluzi okurikhoda, okubenza bakwazi ukurikhoda besehhovisi labahumushi. La mathuluzi asize kakhulu ngesikhathi kuqala ubhubhane lwe-COVID-19, ngoba abahumushi abaningi babekwazi ukuya nawo emakhaya, ukuze bazihumushe ngokurikhoda izinto ezibhalwayo namavidiyo.

 Ngokuvamile abazalwane nodade bendawo bayasiza ngokuhlola umsebenzi ohunyushiwe, kanye nokunakekela izakhiwo zamahhovisi abahumushi. UCirstin okhonza ehhovisi labahumushi lesiBhunu eliseCape Town, eNingizimu Afrika uthi: “Abamemezeli abaningi kanye namaphayona banethuba lokuwasebenzisa lapha amakhono abo.”

 Lawo mavolontiya alijabulela kakhulu lelo lungelo. Omunye udade osiza ehhovisi labahumushi uthi ukusebenza lana “kuyakhuthaza ngempela.” Abanye abazalwane nodade bendawo bayasiza ukuze kurikhodwe izinto ezithile. UJuana, ohumusha ulimi lwesiTotonac endaweni yaseVeracruz, eMexico, uthi: “Njengoba sesiseduze nezindawo ezikhuluma ulimi lwethu, sekulula ngabafowethu nodadewethu ukuba basisize lapho sirikhoda amavidiyo nezincwadi zethu.”

 Kodwa ingabe amahhovisi abahumushi asizile ukuthuthukisa izinga lokuhumusha? Izigidi zabafundi bethu ziyavuma. UCédric, osebenza neqembu lolimi lwesiKongo eDemocratic Republic of Congo, uthi: “Lapho sihumusha, abafowethu nodadewethu abaningi babethi sisebenzisa ‘isiKongo senhlangano,’ ngenxa yokuthi sasisebenzisa ulimi oluhlukile. Kodwa manje, bathi izincwadi zethu zihunyushwa ngesiKongo sesimanje, ulimi abantu abalusebenzisa nsuku zonke.”

 U-Andile, osebenza neqembu labahumushi besiXhosa, naye usho okufanayo mayelana nensimu yaseNingizimu Afrika. Uthi: “Abantu abaningi bavame ukuphawula ushintsho endleleni esesihumusha ngayo. Ngisho nezingane ezazivame ukufunda iNqabayokulinda ngesiNgisi manje seziyifunda ngesiXhosa. Ziyayithanda indlela engokwemvelo okuhunyushwe ngayo iBhayibheli ImiBhalo Engcwele elibukeziwe.”

 Zonke izindleko ezihambisana nokuhlela, ukunakekela isakhiwo nezizesebenzi zase-RTO, zikhokhelwa ngeminikelo yomhlaba wonke yokuzithandela, kuhlanganise naleyo eyenziwa nge-inthanethi ku-donate.pr418.com.