Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Asibakhohliwe Abayizithulu

Asibakhohliwe Abayizithulu

JULAYI 1, 2022

 UJehova uNkulunkulu ufuna bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi izimo zabo zinjani, bafunde ngaye nangoMbuso wakhe wasezulwini. (1 Thimothewu 2:3, 4) Yingakho oFakazi BakaJehova bekhiqiza amaBhayibheli nezinsiza kufunda zeBhayibheli bekusabalalisa kubantu abaningi kakhulu, kuhlanganise nabayizithulu. Eqinisweni, inhlangano kaJehova ikhiqize izinkulungwane zezincwadi zolimi lwezandla ezitholakala ngamavidiyo, a ngezilimi zezandla ezingaphezu kwekhulu! Sizikhiqiza futhi sizisakaze kanjani lezi zincwadi? Iyiphi intuthuko esiyenzile?

Enziwa Kanjani Amavidiyo Olimi Lwezandla?

 Izincwadi zolimi lwezandla zikhiqizwa amaqembu abahumushi emhlabeni wonke. Amalungu eqembu ngalinye ayihlola ngokucophelela incwadi okudingeka ihunyushwe. Ngemva kwalokho, abe esenquma ukuthi iyiphi indlela engcono angadlulisa ngayo leyo mininingwane ngolimi lwezandla. Abe eseyirikhoda leyo ncwadi ibe ividiyo. Njengamanje, kunamaqembu angu-60 asebenza isikhathi esigcwele ehumusha izinsiza kufunda zeBhayibheli ngolimi lwezandla, bese kuba namanye angu-40 ahumusha ngezikhathi ezithile.

 Esikhathini esedlule, kwakubiza ukukhiqiza amavidiyo olimi lwezandla. Amakhamera neminye imishini kwakumba eqolo. Namavidiyo ayerikhodelwa estudiyo naso okwakudingeka sizakhele sona, ngezinye izikhathi lokho sasikwenza ngokulungisa isakhiwo esesikhona kakade. Isiyonke imali eyayidingeka ukuze kumiswe iqembu labahumushi bolimi lwezandla yayingaphezu kwamaRandi angu-478 000.

 Ukuze ikwazi ukusebenzisa kahle iminikelo, inhlangano iye yasebenza kanzima ukuze ithuthukise umsebenzi wokuhumusha futhi iwenze ube lula. Manje sesiyakwazi ukusebenzisa imishini yakamuva esebenza kahle futhi engabizi. Kunokuba lisebenze estudiyo, iqembu labahumushi lingasebenzisa udonga noma okuthile okunombala oluhlaza okotshani, lirikhode amavidiyo emahhovisi alo. Uma kudingeka abantu abahlukahlukene abazoqopha, abafowethu nodadewethu bangarikhoda izingxenye zabo besemahhovisi noma emakhaya, akusadingeki baze baye estudiyo.

 Senze ngisho nezinhlelo zekhompyutha ukuze sisize abaqophayo emsebenzini wabo. Le ntuthuko isinciphise kakhulu isikhathi esichithwa abahumushi ukuze bakhiqize incwadi yolimi lwezandla. Abafowethu bayayazisa le ntuthuko. Umzalwan’ u-Alexander uthi: “Amavidiyo olimi lwezandla asekhululwa kaningi manje kunangaphambili. Kungijabulisa kakhulu lokho. Ngiwabuka nsuku zonke.”

 Manje, sekubiza imali engaphansi kwamaRandi angu-79 000 ukuhlinzeka iqembu labahumushi. Lokho kwenze sakwazi ukukhiqiza amavidiyo amaningi olimi lwezandla ngezilimi eziningi.

Asakazwa Kanjani Amavidiyo Olimi Lwezandla?

 Uma iqembu seliqedile ukurikhoda okuthile kolimi lwezandla, amavidiyo kufanele aye kulabo abawadingayo. Kudala, sasikhiqiza amakhasethi abukwayo nama-DVD, kwakubiza kakhulu, kudla isikhathi esiningi futhi kuwumsebenzi onzima. Okurikhodiwe kwakuthunyelwa enkampanini engaphandle ukuze inyathelise amanye amakhophi. Ekugcineni, la makhasethi nama-DVD kwakuthunyelwa emabandleni. Ngo-2013 nje kuphela, sachitha imali engaphezu kwamaRandi angu-32 000 000 ukukhiqiza ama-DVD olimi lwezandla.

 Abayizithulu bawazisa kakhulu la malungiselelo. Nokho, kwakungelula ngaso sonke isikhathi ukusebenzisa amavidiyo, ikakhulukazi njengoba amanani amakhasethi nama-DVD ayeya ngokuya anda. Ngezinye izikhathi, kwakudingeka ama-DVD amaningi ukuze kurikhodwe incwadi eyodwa yeBhayibheli. Umzalwane waseBrazil okuthiwa uGilnei uthi: “Njalo lapho sekufanele sifunde umbhalo, kwakudingeka sithole ikhasethi kuqala bese sithola nombhalo. Kwakunzima kakhulu.” Udade okuthiwa uRafayane, owayesebenzisa ama-DVD olimi lwezandla, uthi: “Kwakungelula ukwenza isifundo somuntu siqu. Sasichitha isikhathi esiningi sicinga imibhalo noma izikhombo.” Lapho abafowethu nodadewethu besemsebenzini wokushumayela, babevame ukuphatha ama-DVD namakhasethi abukwayo, ukuze bawadlale ku-TV yomuntu othanda ukufunda iBhayibheli. Abanye abafowethu babeze baphathe eyabo imishini yokudlala ama-DVD. Kungakabiphi, imishini ephathwayo yokudlala ama-DVD yayisitholakala, abafowethu abaningi basebenzisa yona. UBobby, ohlala e-United States, uthi: “Uma usufuna ukuvula omunye umbhalo ngemva kokufunda umbhalo othile, kwakudingeka ushintshele kwenye i-DVD. Lokho kwakudla isikhathi esiningi futhi kwakuba nzima ukusebenzisa iBhayibheli ezingxoxweni.”

 Ngo-2013, inhlangano kaJehova yakhulula uhlelo olubizwa nge-JW Library Yolimi Lwezandla, olusiza abafowethu nodadewethu bakwazi ukudawuniloda nokudlala amavidiyo olimi lwezandla emafonini abo nakumathebhulethi. Lolu hlelo lwaqale lwakhululwa ngoLimi Lwezandla LwaseMelika. Kwathi ngo-2017, lwathuthukiswa ukuze lutholakale ngazo zonke izilimi zezandla. Abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke babejabule kakhulu. UJuscelino, umfowethu oseBrazil, uthi: “Ngangingakholwa! Ngangilokhu ngicabanga ngendlela iNdikimba Ebusayo esithanda ngayo njengezithulu nangendlela efisa ngayo ukuthi sithuthuke eqinisweni sifane nabanye abantu abangezona izithulu. Ngangijabule kakhulu, lolu hlelo lwangigqugquzela ukuba ngilifunde njalo iBhayibheli.”

Ukusebenzisa i-JW Library Yolimi Lwezandla

 Namuhla sikhiqiza wonke amavidiyo olimi lwezandla futhi siwasakaze ngewebusayithi yethu nange-JW Library Yolimi Lwezandla. Ngenxa yalokho, ukuhumusha, ukurikhoda kanye nokusakaza izincwadi zolimi lwezandla akusathathi izinyanga noma iminyaka, kodwa sekuthatha izinsuku nje ezimbalwa. Empeleni, izincwadi eziningi zolimi lwezandla sezikhululwa ngesikhathi esifanayo kanye nezezilimi ezikhulunywayo.

 Ake uzwe lokho okuphawulwa abanye babafowethu nodadewethu abayizithulu. Udadewethu okuthiwa uKlízia uthi: “Iyiphi nje inhlangano ekhathalela abayizithulu kangangokuba ize izikhandle ukuze sithole ukudla okungokomoya ngezindlela ezilula? Angeke sakuqhathanisa nalutho lokho inhlangano kaJehova esenzela kona.” UVladimir uthi: “La mavidiyo angibonisa ukuthi uJehova ubakhathalela ngempela abantu abayizithulu njengoba ebakhathalela nabangezona izithulu.”

 Amavidiyo ethu olimi lwezandla avame ukubhalwa ukuthi: “Le ncwadi iyingxenye yomsebenzi womhlaba wonke wokufundisa ngeBhayibheli osekelwa ngeminikelo yokuzithandela.” Siyazisa kakhulu iminikelo yenu, eminingi yayo eyenziwa ngewebusayithi ethi donate.pr418.com. Le minikelo yenza sikwazi ukukhiqiza amaBhayibheli nezinsiza kufunda zeBhayibheli zabo bonke abantu, kuhlanganise nabasebenzisa ulimi lwezandla.

a Njengoba ulimi lwezandla lusebenzisa izinto esizibonayo njengezandla nobuso, izincwadi zolimi lwezandla zikhululwa zibe ngamavidiyo kunokuba zibhalwe phansi ephepheni.