Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

ILayibrari Esesandleni Sakho

ILayibrari Esesandleni Sakho

SEPTHEMBA 1, 2021

 “Kungekudala ukuthola ukudla okungokomoya emishinini yezobuchwepheshe kwakungacabangeki.” Uyavumelana nalawo mazwi? Ayingxenye yenkulumo ekhuthazayo kaGeoffrey Jackson e-Mbikweni WeNdikimba Ebusayo Ka-2020 #6. Waqhubeka wathi: “Kodwa manje siyazibuza ukuthi sasiyoba yini ngaphandle kwe-JW Library njengoba kunalolu bhubhane. UJehova ubesilungiselela phakathi nale minyaka edlule ukuze silungele lezi zimo ezinje.”

 UJehova uye wasilungiselela kanjani? Yini eyayihilelekile lapho kusungulwa i-app ye-JW Library, futhi yini edingekayo ukuze igcinwe isebenza futhi ithuthukiswe?

Ingqopha-mlando

 NgoMeyi 2013, iNdikimba Ebusayo yacela i-MEPS Programming, umnyango wasendlunkulu yomhlaba wonke, ukuba yenze i-app ene-Nguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe. UPaul Willies osebenza e-MEPS Programming uthi: “Sasingakaze sibe ne-app esebenza emishinini ephathwayo, etholakala kuma-app stores. Sahlanganisa ithimba, samisa eminye imisebenzi, sasebenza neminye iminyango ukuze siklame futhi sakhe i-app nalokho okuzoba kuyo. Sathandaza kaningi, ngosizo lukaJehova i-app yakhululwa emhlanganweni waminyaka yonke, ngemva nje kwezinyanga ezinhlanu!”

 Enye inselele kwaba ukwenza le app ibe ilayibrari yangempela, ibe nezincwadi eziningi kanye nezilimi eziningi. NgoJanuwari 2015, izincwadi zethu eziningi esizisebenzisayo zase zitholakala ngesiNgisi kule app, ngemva nje kwezinyanga eziyisithupha abantu base bekwazi ukudawuniloda lezo zincwadi ngamakhulu ezinye izilimi.

 Kusukela ngaleso sikhathi abafowethu baye bathuthukisa le app ngezindlela ezihlukahlukene, kwanezelwa amavidiyo, kwaba nendawo lapho izincwadi nezinto ezizobukelwa emhlanganweni webandla ezizotholakala khona, ukuze abayisebenzisayo bakwazi ukuzivula ngokuqondile izikhombo ze-Ncwadi Yokucwaninga emavesini eBhayibheli.

Ukuthuthukisa Ilayibrari

 I-JW Library isetshenziswa emishinini eyizigidi ezingu-8 usuku ngalunye, nengaphezu kwezingu-15 inyanga ngayinye! Yini edingekayo ukuze kugcinwe le app isebenza kahle kule mishini? UMfoweth’ uWillies uyachaza: “Umsebenzi wokuthuthukisa i-app awupheli. Sihlale sifuna izinto ezintsha esingazifaka, senze nabayisebenzisayo bayijabulele kakhudlwana. Ngenxa yokuthi izinhlelo zemishini yobuchwepheshe zihlale zithuthukiswa, nathi kudingeka siyithuthukise njalo i-app ukuze iqhubeke ihambisana nalezo zinhlelo. Kubuye kudingeke silungise, siphinde sithuthukise i-software ye-app yethu njengoba isibalo sezincwadi nezinto eziqoshiwe ezitholakala ku-JW Library siqhubeka sanda.” Ngokwezilimi ezikhona, njengamanje kunezincwadi ezingaba ngu-200 000, kanye namavidiyo nezinto ezilalelwayo okungaphezu kuka-600 000 okutholakala ku-JW Library!

 Ukuze le app iqhubeke isebenza kahle, kukhona nokunye okudingekayo. Kumelwe kuthengwe namalayisensi okusebenzisa izinhlelo ezithile zekhompyutha. Ilayisensi eyodwa ibiza imali engaphezu kuka-R21 000 ngonyaka. Ngaphezu kwalokho, i-MEPS Programming isebenzisa imali ecishe ibe ngu-R144 000 ekuthengeni imishini yezobuchwepheshe eyenziwa izinkampani ezihlukahlukene ukuze iqiniseke ukuthi i-app izosebenza kahle kumakhompyutha, amathebhulethi kanye namafoni amasha.

Ukudawuniloda Okonga Iminikelo

 I-JW Library iyinciphise kakhulu iminikelo esetshenziselwa ukuprinta, ukuhlanganisa kanye nokuthumela izincwadi. Ngokwesibonelo, cabanga ngencwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Saprinta amakhophi acishe abe izigidi ezingu-12 encwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo—2013. Kodwa amakhophi ka-2020 ale ncwajana aprintwa ayengaba yizigidi ezinhlanu kuphela—nakuba abamemezeli base bandile, ngenani elingaba ngu-700 000 emhlabeni wonke. Lwabangelwa yini lolu shintsho? Abafowethu abaningi kanye nodadewethu bese bewufunda ku-JW Library umBhalo wosuku. a

“Ayikho Efana Nayo”

 I-JW Library isiza abayisebenzisayo ngezindlela eziningi. UGeneviève, ohlala eCanada, ucabanga ukuthi le app imsizile wakwazi ukutadisha njalo. Uyavuma: “Uma bekuthiwa kudingeka ngiqoqe zonke izincwadi ukuze ngitadishe, bengingeke ngikwazi ukutadisha njalo ekuseni. Ngale app, ngivele ngisebenzise ithebhulethi yami, enayo yonke into engiyidingayo. Ukutadisha njalo kuluqinisile ukholo lwami, kwangenza ngasondelana nakakhulu noJehova.”

UGeneviève

 I-app iye yaba usizo olukhulu ikakhulukazi ngalesi sikhathi sobhubhane lwe-COVID-19. UCharlyn, wase-United States, uyachaza: “Njengoba i-COVID-19 ibhebhetheka emhlabeni wonke, sekuphele unyaka ngingakayitholi incwadi entsha eprintiwe. Kodwa i-JW Library iye yasinika esikudingayo ukuze sigcine ukholo lwethu luqinile futhi ngiyambonga uJehova ngaleli lungiselelo lothando.”

 UFaye, ohlala ePhilippines, ukhulumela abaningi lapho ethi: “Le app emangalisayo ingisiza ngihlale ngiseduze noJehova. Iyona nto yokuqala engiyivulayo ekuseni. Ngilalela okuthile kuyo lapho ngenza eminye imisebenzi. Iyona engiyisebenzisayo ukuze ngitadishele imihlangano nalapho ngilungiselela isifundo seBhayibheli. Ngibukela amavidiyo lapho nginesikhathi, ngifunde nezihloko noma iBhayibheli lapho ngilindile emgqeni. Ayikho efana nayo.”

 Le app ibe usizo olukhulu nasenkonzweni. Ngokwesibonelo, omunye udade waseCameroon lapho eshumayela wayefuna ukusebenzisa umBhalo ayebone omunye udade ewusebenzisa emavikini ambalwa ngaphambili. Kodwa wayesewukhohliwe. Uyachaza: “Nhlanhla leyo, kwakukhona amagama engangisawakhumbula. Ngavula i-app, ngaya eBhayibhelini, ngabhala lawo magama engxenyeni ethi ‘Funa,’ ngabe sengiwuthola umBhalo. Lapho ngisebenzisa le app ngiyakwazi ukuthola amavesi engiwakhohlwayo ngezinye izikhathi.”

 Ukunikela kwenu nisebenzisa izindlela ezichazwe ku-donate.pr418.com kusenze sakwazi ukusungula, ukunakekela nokuthuthukisa i-app ye-JW Library ukuze kusizakale abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke. Siyabonga ngokuba kwenu nesandla esivulekile.

Izenzakalo Ezibalulekile Ku-JW Library

  1. Ngo-Okthoba 2013—Kwakhululwa i-app ene-Nguqulo Yezwe Elisha

  2. NgoJanuwari 2015—Kwafakwa nezinye izincwadi ezazitholakala ngesiNgisi, kwalandela amakhulu ezinye izilimi

  3. NgoNovemba 2015—Kwafakwa ithuluzi lokudwebela

  4. NgoMeyi 2016—Kwafakwa ingxenye yemihlangano

  5. NgoMeyi 2017—Kwaba nendlela yokubhala amaphuzu

  6. NgoDisemba 2017—Kwafakwa izingxenye ze-Study Bible

  7. NgoMashi 2019—Le app yayisikwazi ukuvumela abantu ukuthi badawunilode izinto ezilalelwayo, bakwazi ukubukela amavidiyo nge-inthanethi, nokuvula izikhombo ze-Ncwadi Yokucwaninga

  8. NgoJanuwari 2021—Kwafakwa izinhlelo ezithuthukisiwe zencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!

a Ukudawuniloda ku-JW Library akubizi. Ngonyaka odlule sasebenzisa imali engaphezu kuka-R21 590 000 ukuze abantu bakwazi ukubukela amavidiyo, bawadawunilode ku-jw.org naku-JW Library. Noma kunjalo, incane kakhulu imali esiyisebenzisayo ekudawunilodeni izincwadi nezinto eziqoshiwe, kunokunyathelisa nokuthumela izincwadi, ama-CD, kanye nama-DVD.