Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Imihlangano Emikhulu Enezinto Ezilalelwayo Nezibukelwayo

Imihlangano Emikhulu Enezinto Ezilalelwayo Nezibukelwayo

JULAYI 1, 2024

 Sekuphele iminyaka engaphezu kuka-130 oFakazi BakaJehova behlangana ndawonye emihlanganweni emikhulu yaminyaka yonke. Manje le mihlangano isiba nezinkulumo ezihlukahlukene ezingaphezu kuka-40 nomculo, izingxoxo namavidiyo. Ukuze le mihlangano ibazuzise futhi ibakhuthaze abakhona, kumele ‘izwakale’ futhi ‘ibonakale’ kahle. (Luka 2:20) Isetshenziswa kanjani iminikelo yenu ukuze kuqikelelwe ukuthi bonke abeze emihlanganweni emikhulu bayazuza, kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi?

Imishini Yokudlala Izinto Ezilalelwayo Namavidiyo Evumelana Nendawo Yomhlangano

 Izinkundla zemidlalo eziningi zesimanje ezisemazweni aseNtshonalanga zinayo imishini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo. Pho kungani sifaka eyethu imishini lapho siqasha lezi zindawo ukuze sibe nemihlangano emikhulu kuzo? UDavid, osebenza eMnyango We-Broadcasting Endlunkulu Yomhlaba Wonke, uyachaza: “Iningi lezindawo esiziqashayo azihloselwe ukuba nomhlangano oba nezikhulumi ezikhuluma isikhathi esingamahora angaphezu kwayisithupha. Ngokwesibonelo, ezinkundleni zemidlalo imishini ye-sound ngokuyinhloko isetshenziselwa ukwenza izimemezelo ezimfushane nokudlala imiculo eyiziqeshana. Izikrini zamavidiyo ezikulezi zinkundla zibonisa imiphumela yomdlalo, izikhangiso nezinto esezenzekile emdlalweni. Ngokungafani nalokho, sifuna izilaleli zibukele amavidiyo amade, zikuzwe futhi zikuqonde kahle okushiwo isikhulumi.”

 Indawo ngayinye yomhlangano ihlukile kwezinye, ngakho imishini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo kumele ivumelane nendawo yomhlangano. Ngokushesha ngemva kokukhethwa kwezindawo zomhlangano, iMinyango ye-Broadcasting esemahhovisi egatsha iyanquma ukuthi abazobe besemhlanganweni bazohlala kanjani kuye ngesibalo sabantu abangase babe khona nenani elithwalwa yindawo yomhlangano. Abafowethu babe sebenza izibalo ukuze babone ukuthi izipikha nezikrini zamavidiyo zizofakwa kuphi, zixhunywe kanjani, bese bebhala uhlu lwezinto ezizodingeka ukuze kuqinisekiswe ukuthi bonke abazobe besemhlanganweni bayakwazi ukubona nokuzwa umhlangano.

Abafowethu bomnyango wezokusakaza okuthiwa i-Local Broadcasting Department (LBD) balandela iziqondiso ngokucophelela

 Uma umhlangano uzoqhutshwa ngezilimi ezihlukahlukene imishini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo iba inxakanxaka nakakhulu. Uma umhlangano uzotolikwa, otolika kufanele bawuzwe umsindo futhi bawabone namavidiyo, bese lokho abakushoyo lapho betolika kusakazwe ngesiteshi esihlukile kulabo abakhuluma lolo limi. Ngenxa yemishini ekhethekile yokudlala amavidiyo nezinto ezilalelwayo, abasemhlanganweni bayakwazi ukubuka ividiyo ngaphandle kobuhixihixi, ngisho noma umhlangano usakazwa ngezilimi ezingu-8 ezihlukahlukene. UDavid uthi, “kuyinselele ukusebenzisa le mishini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo, ngakho amavolontiya kudingeka aqeqeshwe kahle ukuze akwazi ukuyisebenzisa.”

 Amagatsha amaningi anemishini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo esetshenziswa unyaka ngamunye. Ezimweni ezinjalo, abafowethu bahlela ukuba yonke le mishini isuke kwenye indawo yomhlangano iye kwenye. Igatsha lase-United States lilodwa lisebenzisa imali engaphezu kuka-R2 696 000 unyaka ngamunye ukuze lithuthe imishini esetshenziswa emihlanganweni emikhulu. Noma kunjalo, lokhu kunciphisa izindleko kunokuthenga imishini eyengeziwe nokuyigcina isesimweni esihle. USteven, owayeqondisa umsebenzi wokudlalwa kwezinto ezilalelwayo namavidiyo emhlanganweni eCanada, uyalandisa, “Iqembu elisebenza ngemishini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo lenza konke elingakwenza ukuze liqiniseke ukuthi wonke amabhawodi, zonke izintambo nazo zonke izinto zazipakishwe kahle futhi zikulungele ukusetshenziswa emhlanganweni olandelayo.”

Ukuthenga Imishini Yokudlala Izinto Ezilalelwayo Namavidiyo Nokuyinakekela

 Ukuqasha imishini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo kumba eqolo futhi ngokuvamile le mishini isuke inganakekelwa kahle noma ingekho ezingeni elifanele. Ngenxa yalokho, sivame ukuyithenga imishini esiyidingayo. Okwamanje, ubhazabhaza wesikrini se-LED esinobubanzi obungamamitha amahlanu, bese siphakama ngamamitha amathathu sibiza imali elinganiselwa ku-R443 000, kanti intambo yombhobho engamamitha angu-15 ibiza imali elinganiselwa ku-R370. Ngakho, uMnyango we-Broadcasting usebenzisana noMnyango Wokuthenga ukuze ‘kubalwe izindleko’ ngaphambi kokuthenga noma yimiphi imishini. (Luka 14:28) Ngokwesibonelo, bayazibuza ukuthi bangakanani abantu abayozuza kuleyo mishini? Ingabe ukuthenga imishini emisha kuyindlela engcono yokusingatha leso sidingo? Ingabe sinayo indawo ekahle yokugcina lezi zinto, ingabe sinawo amathuluzi namavolontiya aqeqeshwe kahle ukuze anakekele le mishini?

 Ukuze imishini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo ihlale isikhathi eside, kongiwe neminikelo, sihlale siyilungisa. Le mishini siyifaka nasemakesini aqinile ukuze ivikeleke lapho siyithutha, nawo la makesi ayalungiswa uma kudingeka.

Ukunakekela nokulungisa imishini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo kuyenza ihlale isikhathi eside

Ubufakazi Obuhle Nomhlangano Ozwakala Ngokucacile

 Abantu abangebona oFakazi baye bahlabeka umxhwele lapho bezwa indlela umsindo ocace ngayo kanye nezithombe zamavidiyo emihlanganweni yethu emikhulu. Ngokwesibonelo, komunye umhlangano esinye isisebenzi sesiteshi esikhulu sokusakaza emhlabeni saphawula ngezinga lemfundo nelezinto ezilalelwayo namavidiyo. UJonathan, osebenza emishinini yokudlala izinto ezilalelwayo namavidiyo emihlanganweni emikhulu uthi, “Lesi sisebenzi samangala lapho sithola ukuthi wonke amalungu ethimba lethu angamavolontiya nokuthi awawufundele lo msebenzi. Sathi kwakungayithatha izinsuku ezinhlanu inkampani esiyisebenzelayo ukwenza lo msebenzi esawenza ngosuku nohhafu nje kuphela.” Komunye umhlangano, umphathi wendawo yomhlangano wathi, “Baningi abantu abakufundele ukusebenza ngomculo namavidiyo abake basebenzisa le ndawo, kodwa angikaze ngiwubone umsebenzi oseqophelweni eliphezulu kanje!”

Abafowethu nodadewethu bathamele umhlangano

 Uzuze kanjani ngokuba khona kwemishini edlala izinto ezilalelwayo namavidiyo emhlanganweni omkhulu? Kungenzeka uzizwa njengoDavid, ohlala eNgilandi. Uthi: “Ngineminyaka engu-88 futhi impilo yami yonke bengilokhu ngiya emihlanganweni emikhulu. Nokho, manje sekulula kakhulu ukugxila kulokho okufundiswayo. Ngenxa yamavidiyo enziwe kahle, kuvele kube ngathi umhlangano usheshe uphele futhi nomyalezo uyacaca.” UMicheal, ohlala eNigeria, uyaphawula, “Ngenxa yokuthi abafowethu sebekuthola kulula ukuzwa isikhulumi noma ukubona amavidiyo, bayakwazi ukugxila kokufundwayo phakathi nomhlangano.”

 Njengoba uya eMhlanganweni WeSifunda Nokhethekile walo nyaka onesihloko esithi “Shumayela Izindaba Ezinhle”!, zinike isikhathi sokucabanga ngokuthi yini okuye kwadingeka yenziwe ukuze ukwazi ukuzwa nokubukela amavidiyo kulo mhlangano. Sibonga kakhulu ngokuthi umnikelo wenu, kuhlanganise nalowo eniwenza nisebenzisa i-donate.pr418.com, usisizile sakwazi ukuba nale mihlangano.