INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
Isiteshi Se-JW Esisakaza Nge-Satellite Sifinyelela Lapho I-inthanethi Ingafinyeleli Khona
EPHRELI 1, 2021
Inyanga ngayinye silangazelela ukubukela izinhlelo namavidiyo akhuthazayo akhishwa ku-JW Broadcasting. Nokho, abafowethu abaningi e-Afrika abakwazi ukuthola lezo zinhlelo ku-Inthanethi. Kungani?
I-inthanethi ayitholakali kalula ezindaweni eziningi e-Afrika. Lapho etholakala khona, ngokuvamile ayisebenzi kahle noma ibiza kakhulu. Ngokwesibonelo, umbonisi wesigodi eMadagascar wake waya e-Internet café wadawuniloda uhlelo lwe-JW Broadcasting lwanyanga zonke. Wakhokha u-R236,64, imali engaphezu kwaleyo abanye abantu abayihola ngeviki!
Naphezu kwalezi zimo ezinzima, izigidi zabantu e-Afrika manje seziyakwazi ukubukela i-JW Broadcasting ngaphandle kwe-Inthanethi. Kanjani?
Kusukela ngo-2017, i-JW Broadcasting yenziwa yatholakala kulabo abahlala e-Afrika eseningizimu yeSahara kusetshenziswa isiteshi esisakaza nge-satellite. Lesi siteshi sisakaza mahhala usuku lonke, maviki onke, ngezilimi ezingu-16.
Ukuze bafeze lokhu, oFakazi BakaJehova baqasha isiteshi se-setellite esizosakaza izinhlelo zabo. I-satellite esetshenziswayo ifinyelela emazweni angu-35 ase-Afrika eseningizimu yeSahara. Inkampani abaqashe kuyo bayikhokhela u-R177 477,60 ngenyanga. Ngezikhathi ezithile, bakhokha imali eyengeziwe ukuze kusakazwe bukhoma ezinye izinhlelo kwesinye isiteshi. Lokhu kwenza abantu abaningi bakwazi ukujabulela imihlangano emikhulu nezinhlelo ezikhethekile zokuhanjelwa kwegatsha.
Abantu abaningi, okuhlanganisa nabangebona oFakazi, bayasibukela lesi siteshi se-JW esisakaza nge-satellite kuyi-TV besemakhaya. Nokho, iningi labafowethu alikwazi ukuthenga izinto ezidingekayo ukuze libukele isiteshi sokusakaza. Ukuze kusizwe abafowethu nodadewethu bakwazi ukubukela i-JW Broadcasting, kuye kwafakwa imishini ekwazi ukusakaza nge-satellite emaHholo Ombuso angaphezu kuka-3 670. Uma iHholo LoMbuso selinayo i-TV noma iphrojektha, imishini kanye nezindleko zokuyithumela kungacishe kubize imali engu-R1 035,29. Ngaphandle kwalokho, imishini edingekayo ingabiza imali engafika ku-R7 838,59.
Abafowethu nodadewethu basazisa kakhulu lesi siteshi. Umdala waseCameroon uthi: “Emndenini wethu, kufana nokuthi sithola imana sisogwadule.” U-Odebode, umzalwane waseNigeria, uthi: “Lesi siteshi sisibukela njengomndeni kathathu ngeviki. Abantwana bami bahlale besilangazelela leso sikhathi. Baze bacele ukuba sisibukele nangezinye izikhathi.” URose, naye ongowaseNigeria, uthi: “Ngiyajabula ukusho ukuthi isiteshi se-JW esisakaza nge-satellite senze ngayeka ukuhlale ngibukele isiteshi sezindaba. Ngangicasuka kalula lapho ngibona okudlala kuso, kuze kushaye inhliziyo ngamandla. Kodwa i-JW Broadcasting iyakhuthaza futhi yenza umuntu azole! Lesi siteshi ngisithanda kunazo zonke. Siyisibusiso esikhulu esivela kuJehova.”
Umbonisi wesigodi waseMozambique ubika ukuthi esigodini akhonza kuso, amaHholo Ombuso afakwe imishini ekwazi ukusakaza nge-satellite. Abazalwane abakulawo mabandla bafika kusasele ihora noma ngaphezulu ngaphambi kokuba kuqale imihlangano, ukuze babukele i-JW Broadcasting esakazwa nge-satellite.
Ngo-2019, emhlanganweni wezizwe owawuseGoli, eNingizimu Afrika, lesi siteshi sasetshenziselwa ukusakaza izinkulumo eziyinhloko, okuhlanganisa lezo ezazinikezwa ilungu leNdikimba Ebusayo, ezindaweni ezingu-9. USphumelele, osebenza eMnyango weBroadcasting egatsheni laseNingizimu Afrika, uthi: “Phambilini, kwakudingeka izinkulumo sizisakaze nge-Inthanethi. Kodwa lokhu kwakudinga i-Inthanethi esebenza kahle futhi kuyizindleko. Isiteshi se-JW esisakaza nge-satellite asibizi kakhulu futhi sisebenza kahle.”
Ngenxa yeminikelo yenu eniyenza ngesandla esivulekile yomsebenzi womhlaba wonke, abafowethu nodadewethu abaningi e-Afrika bayakwazi ukubukela i-JW Broadcasting esakazwa nge-satellite. Siyazisa kakhulu iminikelo eniyenzile nisebenzisa izindlela ezihlukahlukene ezitholakala ku-donate.pr418.com.