Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Izindaba Ezinhle NgokukaJesu​—Esingakubonanga

Izindaba Ezinhle NgokukaJesu​—Esingakubonanga

OKTHOBA 1, 2024

 Kulo nyaka, enye yezinto oFakazi BakaJehova okudala beyilangezelela ukuyibona ukukhululwa kweSiqephu 1 sevidiyo ethi Izindaba Ezinhle NgokukaJesu. Izigidi sezisibonile kakade lesi siqephu. Futhi siyisiqephu sokuqala kwezingu-18! Yimuphi umsebenzi abafowethu nodadewethu abawenzayo ukuze benze lezi ziqephu zibe impumelelo, futhi yini wena oyenzile ukuze ubasize?

Ukunakekela Abalingisi Nabashuthayo

 Egatsheni lase-Australasia lapho kuqoshelwa khona kakhulu ividiyo ewuchungechunge ethi Izindaba Ezinhle, cishe kuba khona abantu abangu-50 kuya ku-80 lapho kuqoshwa isigcawu ngasinye. a Kunabafowethu nodadewethu abalungiselela abalingisi nabashuthayo ukudla kwasemini, okwantambama nokudla okulula. Lokhu kudla bakulungiselela kusenesikhathi. U-Esther, osebenza eMnyangweni Wokudla uyachaza: “Sithenga ukudla ezitolo ezihlukahlukene ukuze sithole izithako ezisezingeni ngamanani aphansi. Sihlale sikushintsha ukudla esikulungiselelayo ukuze siqikelele ukuthi siyonga.” Sisebenzisa imali engaba ngu-R72 usuku ngalunye ukuze kudle umuntu oyedwa.

 Abalingisi nabashuthayo abagcini nje ngokudinga ukudla kodwa badinga nokuvikelwa. Kungani bedinga ukuvikelwa? E-Australia bajabulela izinsuku eziningi ezishisayo nezinelanga, kodwa futhi kunamazinga aphezulu emisebe ye-ultraviolet. Ukuze banciphise ukuchayeka kule misebe eyingozi futhi bangakhathazwa ukushisa, abafowethu abasebenza kanzima baxhuma amatende, futhi bayaqikelela ukuthi ama-sunscreen, ama-umbrella namanzi kutholakala kalula. UKevin, osebenza emnyangweni we-Audio/Video, uyachaza: “Iningi labenza lo msebenzi abafowethu nodadewethu abasiza eBethel. Le misebenzi neminye eminingi bayajabulela ukuyenza. Besingeke sikwazi ukuwufeza lo msebenzi ngaphandle kwabo.”

Ukushuthela Kude Nestudiyo

 Ezinye izigcawu azishutheki kahle estudiyo noma emagcekeni estudiyo sehhovisi legatsha. Ezimweni ezinjalo, kuyathuthwa kushuthelwe kwenye indawo. Ukuze bashuthe izigcawu ezibonisa izindawo zasendulo eziseBhayibhelini lapho kungenazigxobo zikagesi, imigwaqo yetiyela nezindlu zesimanje, abalingisi nabashuthayo kuye kudingeke bahambe baye ezindaweni ezikude kakhulu. Izingubo zokulingisa, imihlobiso nezinye izinto abazozisebenzisa kumele zipakishwe, zithuthwe, futhi zigcinwe ngokuphepha lapho kushuthelwa khona. Ngaphambi kokuba ukushutha kuqale, abasizi bomqondisi wokuqopha bayaqinisekisa ukuthi ama-generator, amanzi ahlanzekile okuphuza nezindlu zangasese kukhona. Abalingisi nabashuthayo bahlaliswa emakhaya oFakazi basendaweni abanomoya wokungenisa izihambi noma bahlaliswe komahambanendlwana, emahhotela noma ezindlini ezakhiwe ngamapulangwe.

Ukushuthela kude nestudiyo kunezinselele zako

 Ukushuthela kude nestudiyo kungabiza, kudle isikhathi futhi kube into ekhathazayo. Ngakho ngo-2023, Indikimba Ebusayo yagunyaza ukuthengwa kodonga olubiza izigidi zamarandi angu-44.7, lolu donga luveza amavidiyo enza kubonakale sengathi ukwenye indawo uma umi phambi kwalo. Lobu buchwepheshe busebenzisa izikrini ezisiveza ngokucace bha isithombe nokukhanya okuhambisana kahle nalokhu okuseskrinini okwenza kubonakale sengathi ividiyo ishuthelwe ngaphandle. Ngenxa yalokho siyakwazi ukugwema izindleko ezimba eqolo zokushuthela kude nestudiyo. UDarren, oyilungu leKomiti Yegatsha yase-Australasia, uyachaza: “Ukushutha ngaphambi kodonga olubonisa amavidiyo kunciphisa ukukhathala kubalingisi futhi kwenza abashuthayo bakwazi ukuphinda ezinye izigcawu. Ngokwesibonelo, uma besishuthela ngaphandle, besingaba nemizuzu embalwa yokushutha ukushona kwelanga ngaphambi kokuba lisithele. Kodwa uma sisebenzisa udonga lwamavidiyo singakwazi ukwakha kabusha ukushona kwelanga izikhathi eziphindaphindiwe kuze kube yilapho sithola isigcawu esikahle esingasisebenzisa.”

Ukulungisa nokuhlola udonga lwevidiyo olusha ngaphambi kokuba kuqalwe ukushutha

“Akuzwakalanga Sengathi Kukhona Okungilahlekele”

 Kudingeka abalingisi abangamakhulu nezisebenzi eziningi ukuze kuqoshwe isiqephu ngasinye sochungechunge lwevidiyo ethi Izindaba Ezinhle. Bazizwa kanjani ngakho konke okwenziwayo ukuze banakekelwe?

 U-Amber, owahamba amakhilomitha angaphezu kuka-700 esuka ekhaya eMelbourne ukuze abe ingxenye yalo msebenzi, wabhala: “Abafowethu baseBethel bangiphatha kahle kusukela ngifika nje esikhumulweni sezindiza. Izikhonzi zaseBethel eziningi zazingimema ukuze sidle ndawonye noma siphuze itiye. Endaweni esasishuthela kuyo, bonke ababekhona babengenza ngizizwe ngikhululekile futhi ngithandwa. Uhambo lwami lwalugcwele izibusiso. Akuzwakalanga sengathi kukhona okungilahlekele!”

 UDerek osebenza nabenza lama vidiyo. Uthi: “Miningi kakhulu iminyango eyeyasisekela kusukela siqala ukwenza lamavidiyo. Ngikwazisa kakhulu ukuba nabafowethu abaye badela isikhathi sabo, izinto zabo namandla abo ukuze kwenziwe lo msebenzi. Bayasekelana, banomoya ovumayo futhi banomusa. UJehova uye wababusisa ngempela, nathi ngokunjalo. Ngiyaqiniseka ngokuthi akakhathaleli nje kuphela umphumela womsebenzi wethu kodwa nanokuthi siwufeza kanjani lo msebenzi.”

 Siyanibonga ngokusekela lolu chungechunge lwamavidiyo ngeminikelo yenu, kuhlanganise naleyo eyenziwe kuwebusayithi ethi donate.pr418.com.

a Ihhovisi legatsha lase-Australasia liqondisa umsebenzi wethu emazweni amaningi, ahlanganisa i-Australia nezinye ezindawo eziningana zaseNingizimu Pacific. Igatsha lisemaphethelweni aseSydney, e-Australia.