Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Izingoma Ezisisondeza KuNkulunkulu

Izingoma Ezisisondeza KuNkulunkulu

NOVEMBA 1, 2021

 Umculo yisipho esiyigugu esivela kuJehova. Ungashintsha indlela esicabanga ngayo, esizizwa ngayo, uphinde usikhuthaze. Yilokho kanye okwenziwa izingoma zethu eziqanjiwe. Eqinisweni, lezi zingoma zingenza okungaphezu kwalokho: zingasisondeza kuJehova.

 Kusukela ngo-2014, zingaphezu kuka-70 izingoma eziqanjiwe esezenziwe, okungenani eyodwa kuzo itholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-500! Kodwa mhlawumbe uyazibuza, zenziwe obani lezi zingoma futhi kanjani?’

Ake Sithi Shazi Ngale Kwekhethini

 Izingoma eziqanjiwe zenziwa iqembu lomculo kwa-Audio/Video Services, okuyindawo engaphansi kokuqondisa kweKomiti Yokufundisa YeNdikimba Ebusayo. Iqembu lomculo lakhiwa abafowethu nodadewethu abangu-13 abasizayo ekuqambeni, kwezobunjiniyela, ekuhleleni, nakweminye imisebenzi ebalulekile. Ngaphezu kwalokho, iKomiti Yokufundisa inamavolontiya asebenzela ekhaya agunyaziwe emhlabeni jikelele, asizayo kulo msebenzi, okuhlanganisa ukubhala nokuculwa kwezingoma. Laba bafowethu nodadewethu bawasebenzisa ngokuthobeka amakhono abo, abafuni udumo ngomsebenzi wabo.

 Yenziwa kanjani ingoma eqanjiwe? Okokuqala, iKomiti Yokufundisa iyanquma ukuthi ingoma izosekelwa kuyiphi imiBhalo nokuthi kufanele ibenze bazizwe kanjani abayilalele. Iqembu lomculo libe selikhipha izabelo zokuqanjwa nokubhalwa kwamagama azosetshenziswa engomeni. Kube sekurikhodwa isampula. IKomiti Yokufundisa ihlola isampula elirikhodiwe bese yenza ukusikisela. Ngemva kwalokho, iqembu lomculo liyayilungisa ingoma bese liyayirikhoda. Lezi zingoma zirikhodwa ezindaweni ezihlukahlukene, okuhlanganisa izakhiwo zegatsha noma istudiyo sasekhaya.

 Abafowethu basebenzisa izinhlelo ezihlukahlukene zekhompyutha ukuze barikhode izingoma eziqanjiwe. Lo msebenzi uhilela nokusebenzisa amanye amathuluzi, njengezinsimbi zomculo, ithuluzi elihlanganisa umsindo neliwuthuthukisayo, ama-emplifaya, izipikha nezikhulisazwi. Isikhulisazwi sisodwa singabiza amaRandi angu-1 500 kuya kwangu-15 000. Ngo-2020, sasebenzisa imali ecishe ibe izigidi ezimbili zamaRandi emathuluzini okurikhoda umculo.

 Yimiphi imizamo eyenziwayo ukuze kongiwe imali? Esikhundleni sokusebenzisa iqembu elikhulu lomculo eBethel, kusetshenziswa amavolontiya amaningi asebenzela emakhaya. Ngaphezu kwalokho, esikhundleni sokuthi kuhlangane abaculi abaningi bezorikhoda ngokoqobo, abafowethu ngokuvamile umculo bawenza besebenzisa uhlelo lwekhompyutha olukhipha imisindo eminingi.

“Ukuphila Okungokomoya Kuxhomeke Kuzo”

 Abafowethu nodadewethu kuyabajabulisa ukulalela izingoma eziqanjiwe. UTara, ohlala eJalimane uthi: “Lezi zingoma ziyangisiza lapho ngikhathazekile. Lapho ngizilalela ngolimi engaluncela kuba sengathi uJehova uyangihaga.” UDmitry waseKazakhstan uthi: “Ngiyakujabulela ukulalela umculo ngaphandle kokukhathazeka ngokuthi uvumelana nezimiso zeBhayibheli yini. Ngaphezu kwalokho, lezi zingoma zingisiza ukuba ngigxile ezintweni ezingokomoya.”

 UDelia waseNingizimu Afrika, uchaza indlela azizwa ngayo ngezingoma eziqanjiwe, uthi: “Ukuphila kwami okungokomoya sekuxhomeke kuzo. Uma ngidangele noma nginenkinga, kuhlale kunengoma ehambisana kahle nesimo sami. Ngokuvamile, izinsimbi zengoma ziyayishintsha indlela engizizwa ngayo!”

 Ezinye izingoma eziqanjiwe zithandwa kakhulu. ULerato, naye ohlala eNingizimu Afrika uthi: “Ingoma ethi ‘Ususemnyango’ nethi ‘Sisezwen’ Elisha’ zingithatha zingibeke esikhathini lapho ngiyokwamukela khona umama wami engimthandayo. Njalo uma ngilalela lezo zingoma, ngivele ngimbone ngeso lengqondo egijima eza kimi ezongihaga.”

 Kunenye ingoma eqanjiwe eyayiwusizo olukhulu kosemusha waseSri Lanka. Uthi: “Uthisha wami ofundisa isayensi wangithethisa phambi kwekilasi ngenxa yokuthi ngiwuFakazi KaJehova. Ngethuka, ngangingazi ukuthi ngizothini. Lapho ngifika ekhaya, umama wathi angilalele ingoma ethi ‘Ulwazi Lungamandla.’ Le ngoma yangisiza ngabona isidingo sokucwaninga nokulungiselela impendulo. Ngakusasa, ngakhuluma nothisha wami. Wangilalela, waze wathi useziqonda kangcono izinkolelo zoFakazi BakaJehova. Ngiyayibonga inhlangano kaJehova ngokusenzela izingoma ezikhuthaza kangaka.”

 Ivelaphi imali yokwenza lezi zingoma? Itholakala eminikelweni yomsebenzi womhlaba wonke, eminingi eyenziwa kuwebusayithi ethi donate.pr418.com. Siyabonga kakhulu ngokuba nesandla esivulekile.