INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
UMsebenzi Wokwakha Waphothulwa Ngempumelelo Ngaphambi Kokuqala Kobhubhane
NOVEMBA 1, 2020
Njengoba kubhapathizwa amakhulu ezinkulungwane zabantu unyaka nonyaka, sidinga izakhiwo zenhlangano ezengeziwe. Ukuze isize kulokhu kwanda, iMinyango Yokuklama Nokwakha (LDC) emhlabeni kabanzi yahlela ukwakha nokulungisa izindawo zokukhulekela ezingaphezu kuka-2 700 phakathi nonyaka wenkonzo ka-2020. a
Ngeshwa, lezi zinhlelo zaphazanyiswa ubhubhane lwe-COVID-19. Ukuze kuvikelwe abafowethu nodadewethu futhi kwenziwe ngokuvumelana nemithetho kahulumeni, iKomiti Yokunyathelisa yeNdikimba Ebusayo yayimisa okwesikhathi esithile imisebenzi eminingi yokwakha emhlabeni kabanzi. Noma kunjalo, phakathi nonyaka wenkonzo ka-2020, kwakhiwa futhi kwalungiswa izindawo zokukhulekela ezingaphezu kuka-1 700 ngaphambi kokuqala kobhubhane. Ngaphezu kwalokho, kwaphothulwa imisebenzi yokwakha emikhulu yamagatsha engaphezu kuka-100. Cabanga ngendlela imisebenzi emibili yokwakha ephothuliwe ebazuzise ngayo abafowethu.
Igatsha laseCameroon. Igatsha elidala, elalisendaweni yaseDouala, lalilincane kakhulu ngakho lalidinga ukunwetshwa. IKomiti Yokunyathelisa yacabanga ukulilungisa leli gatsha, kodwa izindleko zalokho zaziyoba ngaphezu kwenani lentengo yezakhiwo ngokwazo. Le komiti yahlola nokuthi kungenzeka yini ukuba kwakhiwe endaweni entsha noma kuthengwe ezinye izakhiwo bese ziyalungiswa, kodwa kokubili lokhu akuphumelelanga.
Njengoba kwakwenzeka lokho, abafowethu bathola ukuthi uhulumeni wayehlele ukwakha umgwaqo enyakatho yeDouala, ngakwelinye lamaHholo ethu oMhlangano. Umgwaqo wawuzokwenza kuhambeke kalula, kulethwe nezingqala-sizinda endaweni yokwakha. Le ntuthuko yayihambisana kahle kakhulu nezidingo zegatsha. Ngakho iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukwakhiwa kwegatsha elisha engxenyeni yesiza seHholo LoMhlangano.
OFakazi nezinkontileka babewenza ngokubambisana lo msebenzi—okuyinto eyonga isikhathi nemali. Empeleni, lapho lo msebenzi uphothulwa kongiwa imali engaphezu kwama-dollar ayizigidi ezimbili (U.S.) kunalokho okwakulindelekile! Umndeni waseBethel wakwazi ukuthuthela ezakhiweni ezintsha ngaphambi nje kokuqala kobhubhane lwe-COVID-19.
Izikhonzi zaseBethel zaseCameroon manje seziphila kangcono futhi zisebenza ngaphansi kwezimo ezingcono, zibheka leli gatsha elisha njengesipho esivela kuJehova. Nakhu okushiwo abanye abashadikazi, “Sifuna ukuzikhandla kakhudlwana emsebenzini wethu, singasithathi kancane lesi sipho.”
Ihhovisi Labahumushi LaseTojolabal (RTO), EMexico. Kwaphela iminyaka eminingi iqembu labahumushi baseTojolabal lisebenzela egatsheni laseCentral America, eduze kweMexico City. Kodwa, ulimi lwesiTojolabal lukhulunywa ikakhulu e-Altamirano naseLas Margaritas—indawo eqhele cishe ngamakhilomitha angu-1 000! Ngenxa yalokho, abahumushi babekuthola kunzima ukuhambisana nendlela yamanje yokukhuluma isiTojolabal. Igatsha lalikuthola kunzima ukuthola abafowethu nodadewethu abafanelekayo abaseduze abazosiza ngokuhumusha nangokuqopha ngolimi lwesiTojolabal.
Ngenxa yalezi zizathu, iKomiti Yokubhala YeNdikimba Ebusayo yayifuna ukuthuthela abahumushi endaweni okukhulunywa kuyo isiTojolabal. Ukuze kufezwe lokho, igatsha lanquma ukuthenga isakhiwo bese lisilungisa. Ukwenza kanjalo kwakushibile kunokwakha noma ukuqasha amahhovisi.
Omunye umhumushi uchaza indlela azuze ngayo: “Kule minyaka eyishumi engiyisebenze njengomhumushi egatsheni, angikaze ngihlangane ngisho nanomndeni owodwa okhuluma ulimi lwami eduze kwakhona. Manje ihhovisi lethu liphakathi endaweni okukhulunywa kuyo isiTojolabal. Ngikhuluma nabantu abakhuluma isiTojolabal nsuku zonke. Lokhu kulunothisile ulimi lwami, kwathuthukisa nomsebenzi wami.”
Imisebenzi Yonyaka Wenkonzo Ka-2021
Ngonyaka wenkonzo ka-2021, kunezinhlelo zokwakha nokulungisa ama-RTO angu-75 nezakhiwo zezikole zeBhayibheli, uma izimo zivuma. Kuzoqhutshekwa nomsebenzi omkhulu wokwakha emagatsheni angu-8, kuhlanganise nomsebenzi omusha endlunkulu yomhlaba wonke eRamapo, eNew York, kuthuthwe negatsha lase-Argentina nelase-Italy. Ngaphezu kwalokho, kudingeka amaHholo OMbuso amasha angaphezu kuka-1 000, izindawo zokukhulekela ezingaphezu kuka-6 000 azikho esimweni esihle futhi kudingeka kutholakale ezinye, kanti kudingeka kulungiswe namaHholo OMbuso angu-4 000.
Zitholakala kanjani izimali zokwenza wonke lo msebenzi wokwakha nokulungisa izakhiwo? UMfoweth’ uLázaro González, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseCentral America, wawuphendula lo mbuzo lapho ekhuluma ngomsebenzi wokwakha waseHhovisi Labahumushi LesiTojolabal. “Ensimini yegatsha lethu, asinayo imali eyanele. Ngakho, ngaphandle kokusekelwa abafowethu emhlabeni wonke, besingeke sikwazi nhlobo ukwakha amahhovisi okuhumusha abafowethu bezilimi zomdabu. Izimali ezinikelwa abafowethu emhlabeni wonke zisenze sakwazi ukusondeza abahumushi eduze komphakathi okhuluma ulimi abaluhumushayo. Sibabonga ngokusuka enhliziyweni abafowethu emhlabeni wonke ngokupha ngesandla esivulekile.” Ngempela, iminikelo yenu yomsebenzi womhlaba wonke iyona eyenza le misebenzi yokwakha iqhubeke ngempumelelo, eminingi yayo eniyenza nisebenzisa i-donate.pr418.com.
a IMinyango Yokuklama Nokwakha Yendawo ihlela futhi iqondise umsebenzi wokwakhiwa kwamaHholo oMbuso ensimini yegatsha. UMnyango Wokuklama Nokwakha Womhlaba Wonke, osendlunkulu yomhlaba wonke, unquma ukuthi yimiphi imisebenzi ephuthumayo emhlabeni wonke futhi unikeze iziqondiso.