Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Ukunakekela AmaHholo OMbuso Ethu

Ukunakekela AmaHholo OMbuso Ethu

EPHRELI 1, 2024

 “Ngiyalithanda iHholo lethu loMbuso” kusho uNicole, udade osemusha waseColombia. “Liyindawo lapho engikwazi ukuba nomndeni wami okhonza uJehova.” Ingabe uzizwa ngendlela efanayo?

 Emhlabeni wonke, oFakazi bakaJehova bahlangana emaHholo oMbuso alinganiselwa ku-63,000. Lezi zakhiwo ziyindawo ekahle esiyisebenzisela ukukhonza uNkulunkulu. Kodwa zenza okwengeziwe. UDavid oyiphayona elivamile eColombia uthi: “IHholo lethu loMbuso lihlobisa izimfundiso zethu. Kuyabamangaza abaningi abasivakashelayo ukubona indlela esigcina ngayo izakhiwo zethu zisesimweni esihle.” Akumane nje kuzenzakalele lokhu. Sisebenza kanzima ukuze sihlanze futhi sinakekele amaHholo ethu oMbuso. Sikwenza kanjani lokhu?

Kuhlelwa Kanjani Ukunakekelwa KwamaHholo OMbuso?

 Amabandla asebenzisa iHholo loMbuso anomthwalo wokulinakekela. Ukuze bakwenze lokho, abafowethu nodadewethu balihlanza njalo. Baphinde benze imisebenzi yokuvikela isakhiwo futhi balungise izinto ezincane ezifile.

 Ukuze isize amabandla anakekele amaHholo oMbuso, iLocal Design/Construction Department (LDC) yabela abazalwane ukuba bakhonze njengabaqeqeshi bokunakekelwa kwezakhiwo. Umqeqeshi ngamunye unakekela amaHholo oMbuso ayisithupha kuya kwayishumi. Uyawavakashela futhi aqeqeshe abamemezeli abasebandleni ngendlela abanganakekela ngayo ihholo labo. Njalo ngemva kweminyaka emithathu, uhlola isakhiwo ngasinye abheke izinto ezidinga ukulungiswa nezithinta ezokuphepha.

Abaqeqeshi bokunakekelwa kwezakhiwo basisiza sigcine amaHholo oMbuso ethu esesimweni esihle

 Abafowethu nodadewethu bakwazisa kakhulu ukuqeqeshwa abakuthola kubaqeqeshi bokunakekela izakhiwo. U-Indhumathi udade oseNdiya uthi: “Ukuqeqeshwa bekumnandi kakhulu. Kusijabulisile ukufunda indlela yokugcina ihholo lethu lisesimweni esihle.” U-Evans umzalwane oseKenya, uthi: “Sifunde indlela yokugwema izindleko ezinkulu ngokusheshe silungise izinkinga ezincane ngaphambi kokuba zibe nkulu.”

Ukukhokhela Izindleko

 Izindleko zokusebenzisa nokunakekela iHholo loMbuso unyaka ngamunye, zingalinganiselwa kumadola angamakhulu kuya kwayizinkulungwane, kuye ngokuthi ihholo likuyiphi indawo, linemiyaka emingaki likhona nokuthi mangaki amabandla alisebenzisayo. Zikhokhelwa kanjani lezi zindleko?

 Ukunakakelwa kwamaHholo oMbuso kusekelwa ngeminikelo. U-Alexander umzalwane oseKazakhstan, uyachaza: “Ingxenye yalemnikelo isetshenziselwa ukukhokhela i-Internet nezinye izindleko ezihlanganisa amanzi nogesi. Enye ingxenye isetshenziselwa ukuthenga izinto ezibalulekile ezidingekayo njengema-paper towels, ama-gloves, izinto zokuhlanza nopende.” Enye ingxenye yemali inikelelwa umsebenzi womhlaba wonke ukuze isize ngemisebenzi emikhulu nebiza kakhulu yokunakekela izakhiwo emhlabeni wonke.

Imisebenzi Yokunakekela Okukhulu

 Uma umsebenzi wokunakekelwa kweHholo LoMbuso okudingeka wenziwe uzodla imali engaphezu kwale abafowethu abajwayele ukuyisebenzisa phakathi nezinyanga ezimbili noma ezintathu, abadala bayothinta umqeqeshi wokunakekelwa kwezakhiwo we-LDC. Uma i-LDC iwugunyaza lowo msebenzi, ngokuvamile ukhokhelwa ngeminikelo yomsebenzi womhlaba wonke. Ngonyaka wenkonzo ka-2023, ingu-8 793 imisebenzi yalolu hlobo eyenziwa, yadla imali engu-R 1,4 Billion Rands. Ake ucabange ngemisebenzi emibili kulena.

 E-Angola, iHholo LoMbuso elineminyaka engu-15 lalinezinkinga eziningana. Isigubhu sikagesi kanye nezintambo kwakudinga ukushintshwa, izindonga zineminkenke, kanti nomakhelwane babebike ukuthi amanzi agelezela emizini yabo. I-LDC yahlela umsebenzi wokulungisa lezi zinkinga. Lo msebenzi wadla imali engamarandi angu-175 650.84. Omakhelwane babonga, futhi bajabula ngendlela umsebenzi owawenziwe ngayo.

IHholo LoMbuso elilungisiwe e-Angola

 E-Poland, uphahla lweHholo LoMbuso lwaluvuza, kanti ukhaphethi wawuguge waze waba imvithi. I-LDC yawugunyaza umsebenzi wokulungisa uphahla nokushintsha ukhaphethi. Lo msebenzi wadla imali engamarandi angu-184 580.00. Ngenxa yalokho, kusazophela iminyaka eminingi singekho isidingo sokuba kulungiswe leli Hholo.

Kulungiswa iHholo LoMbuso ePoland

Ukunakekelwa Kwezakhiwo Okukhazimulisa UJehova

 Ukunakekelwa kwezakhiwo konga iminikelo eyigugu kudumise noJehova. UShaun, umfowethu waseTonga, uthi: “Ngenxa yomsebenzi wethu wokunakekela izakhiwo, siyakwazi ukukhonza uJehova eHholo LoMbuso elihlanzekile, elicocekile, nelilimelela kahle igama likaJehova emphakathini. Asinamahloni ngokumemela abantu eHholo lethu LoMbuso.”

Ungasiza Kanjani?

 Sonke singasiza ngokuhlanza nangokugcina izindawo zethu zokukhulekela zisesimweni esihle. UMarino waseAustralia, oqeqesha amabandla ngokuthi angalinakekela kanjani iHholo Lombuso, uthi: “Sonke singalibamba iqhaza ekunakekeleni amaHholo ethu oMbuso. Uma senza kanjalo, siyoba nesandla ekongeni iminikelo ukuze isetshenziswe lapho idingeka khona ngempela.”

 UJoel, umfowethu waseNdiya, uyakujabulela ukunakekela iHholo LoMbuso langakubo. Uthi: “Ukusebenza nabafowethu kungenza ngibone ukuthi kuyobe kunjani ezweni elisha.” UNicole, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Muva nje, ngesikhathi abafowethu bevala indawo ebivuza endlini yangasese, mina ngasiza ngokusula amanzi phansi. Nakuba ngingayilungisanga inkinga, ngasiza ekutheni bakwazi ukusebenza ngokuphepha.”

 Uma ungathanda ukusiza ekunakekeleni iHholo LoMbuso lenu, khuluma nabadala basebandleni lenu. Ngaphezu kwalokho, iminikelo yakho isiza ekunakekeleni namanye amaHholo oMbuso emhlabeni jikelele. Leyo minikelo ingafakwa emabhokisini okunikela aseHholo LoMbuso noma ku-donate.pr418.com. Sibonga kakhulu ngomoya wenu wokupha.

Sonke singasiza ekunakekeleni amaHholo oMbuso ethu