Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Ukunikeza Usizo Emhlabeni Wonke Phakathi Nobhubhane Lomhlaba Wonke

Ukunikeza Usizo Emhlabeni Wonke Phakathi Nobhubhane Lomhlaba Wonke

JULAYI 1, 2021

 NgoMashi 2020, lapho inhlangano ye-World Health Organization imemezela ukuthi i-COVID-19 iwubhubhane lomhlaba wonke, abaningi babengacabangi nokucabanga ukuthi kwakuyoze kuphele isikhathi esingangonyaka leli gciwane lisakhungethe umhlaba wonke. Izigidi zabantu kuhlanganise nabanye boFakazi BakaJehova, ziye zagula, zacindezeleka futhi zabhekana nezinkinga zezimali phakathi nalolu bhubhane. Yiziphi izinhlelo oFakazi BakaJehova abaye bazenza ukuze banikeze usizo phakathi nalolu bhubhane?

Ukunikeza Usizo Kulabo Abaludingayo

 Ngaphansi kokuqondisa kweKomiti Yabaxhumanisi YeNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, kuye kwamiswa amaKomiti Okunikeza Usizo (DRC) angaphezu kuka-950 emhlabeni wonke ukuze asize phakathi ne-COVID-19. Kwezinye izimo aye ahlela ukuba usizo lutholakale kubazalwane bendawo, kwezinye oFakazi baye bazuza osizweni lukahulumeni. La makomiti aye ahlela nemikhankaso emikhulu yokunikeza usizo.

 Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwenzeka eParaguay. Elinye iphephandaba labika ukuthi ngenxa yezinkinga zezomnotho ezibangelwe ubhubhane, “abantu abaningi baseParaguay bayalamba emakhaya abo.” Kodwa iKomiti Lokunikeza Usizo eParaguay lase liqalile ukuhambisa amaphasela angathatha amaviki amabili—anokudla, izinto zokuhlanza nezinto zokugcoba nokunye, okunganela umndeni onamalungu amane. Iphasela ngalinye lalinezinto ezingabiza imali engaba ngu-R411,47.

 Lezi zisebenzi ezinikeza usizo zizivikela kanjani zona nabanye ekungenweni i-COVID-19? Zigqoka izifonyo bese ziqhelelana ngebanga elifanele. Ziphinde ziqikelele ukuthi izinkampani ezizinikeza ukudla zisebenzisa izindawo ezihlanzekile futhi ziyaqikelela ukuhambisana nemigomo yezokuphepha. Lokhu kuhlanganisa nokuqiniseka ukuthi bonke labo abaphatha la maphasela banikezwa iziqondiso zokuba bafake izimpahla zokuzivikela, bahlanze futhi bafake izibulali-magciwane ezimotweni zabo, babeke namaphasela ezindaweni ezifakwe izibulali-magciwane. Ekugcineni, labo abaletha la maphasela bayaqikelela ukuqhelelana ngebanga elifanele nabazalwane abawamukelayo.

Ukusebenzisa Iminikelo Ngokuhlakanipha

 NgoJanuwari 2021, iKomiti Yabaxhumanisi ibisigunyaze ukusetshenziswa kwemali engaphezu kuka-R342 919 750 ukuze kunikezwe usizo phakathi ne-COVID-19. Amagatsha namaKomiti Okunikeza Usizo ayisebenzisa ngokucophelela le minikelo futhi asebenza kanzima ukuze athole izinto ezidingekayo ngamanani akahle. Ngokwesibonelo, eChile abafowethu abahlela umsebenzi wokunikeza usizo babefuna ukuthenga udali ongamakhilogremu angu-750. Kodwa intengo kadali yayisikhuphuke yaphindeka izikhathi ezimbili ngenyanga eyodwa nje kuphela! Ngemva kwamahora amabili bevume ukuthenga udali ngemali ephakeme, umthengisi wabatshela ukuthi omunye umthengi wayesanda kubuyisa udali ayewuthengile. Ngakho esikhundleni sokubabiza imali ephakeme ababevumelane ngayo, umthengisi wadayisela abafowethu udali owawubuyisiwe ngemali ephansi!

 Nokho, lapho abafowethu sebeyolanda udali, umthengisi wayengasafuni ukubathengisela ebasola ngokukhetha iphela emasini ekunikezeni ukudla njengoba ezinye izinhlangano zazenza. Ngemva kokuthandaza ngenhliziyo kafushane, omunye wabafowethu watshela lo mthengisi ukuthi kwenziwe ucwaningo ebandleni ngalinye ukuze kubonakale ukuthi obani abadinga usizo ngempela. Abafowethu bachaza ukuthi ngenxa yokuhlukahluka ngokwamasiko alabo ababezokwamukela la maphasela, iphasela ngalinye lalihlelwe ngokwezidingo zomndeni ngamunye olitholayo. Ekugcineni, baqinisekisa umthengisi ukuthi yonke iminikelo yezimali nomsebenzi owawenzelwa oFakazi BakaJehova, kwakwenziwa ngokuzithandela. Wahlabeka umxhwele. Umthengisi akagcinanga nje ngokuvuma ukwehlisa imali, kodwa wabapha nodali ongamakhilogremu angu-400 e-odeni labo elilandelayo.

‘Ubufakazi Bothando Lwangempela’

 ULusu umfelokazi osekhulile waseLiberia, uhlala namalungu omndeni wakhe amahlanu. Ngolunye usuku bedla ukudla kwasekuseni futhi befunda umBhalo walolo suku, umzukulu kaLusu oneminyaka eyisikhombisa waphawula ukuthi babengasenakho ukudla endlini. Wabuza, “Sizodlani?” ULusu wamqinisekisa ukuthi wayesethandazile ecela usizo, nokuthi wayeqiniseka ukuthi uJehova uzobanakekela. Ngayo kanye leyo ntambama, uLusu wathola ucingo luvela kubadala bebandla, bemcela ukuba azolanda iphasela lokudla. Uyachaza: “Umzukulu wami useyazi manje ukuthi uJehova uyayizwa futhi uyayiphendula imithandazo, ngoba uJehova wawuphendula owami.”

Izingane eDemocratic Republic of Congo zadweba izithombe ukuze zibonge abafowabo ngokubasiza ngokudla

 Owesifazane othile eDemocratic Republic of Congo ungumakhelwane womndeni ongoFakazi. Ngemva kokubona lo mndeni wamukela ukudla kokholwa nabo, wathi, “Ngemva kwalolu bhubhane sizoba oFakazi BakaJehova ngoba babanakekelile abafowabo nodadewabo phakathi nalesi sikhathi esinzima.” Umyeni wakhe wabuza, “Ingabe uzoba uFakazi KaJehova ngenxa nje yesikhwama selayisi?” Waphendula, “Cha, kodwa lesi sikhwama selayisi siwubufakazi bothando lwangempela.”

 OFakazi BakaJehova baye bakwazi ukunikeza usizo ngokushesha kubafowethu nodadewethu abaludingayo phakathi nalolu bhubhane ngenxa yeminikelo yenu eniyenza ngesandla esivulekile. Siyanibonga ngeminikelo yenu eniyenzile nisebenzisa izindlela ezichazwe ku-donate.pr418.com.