INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
Ukunikeza Usizo Kulabo Abehlelwe Izinhlekelele
FEBHUWARI 1, 2021
Unyaka ka-2020 waba nezinhlekelele zemvelo eziningi futhi kwaqala nobhubhane lwe-COVID-19 emhlabeni wonke. OFakazi BakaJehova babasiza kanjani labo ababethintekile?
Ngonyaka wenkonzo ka-2020, a iKomiti Yabaqondisi yeNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba kusetshenziswe imali engango-R417 566 240 ukuze kusizwe ezinhlekeleleni. Lokhu kwasiza ababethintekile ezinhlekeleleni ezingaphezu kuka-200—ezihlanganisa ubhubhane lwe-COVID-19, iziphepho eziningi, izikhukhula e-Afrika, ukusweleka kokudla eVenezuela, kanye nesomiso eZimbabwe. Iminikelo yasiza ekukhokheleni ukudla, amanzi, indawo yokuhlala, izimpahla zokugqoka nokwelashwa, kuhlanganise nezinto zokuhlanza, izinto zokulungisa izakhiwo kanye nezokwakha kabusha. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa zosizo olwanikezwa.
I-COVID-19. Emhlabeni wonke lolu bhubhane luye lwathinta abafowethu nodadewethu ngokwempilo, ngokomzwelo nangokwezimali. Ukuze basizakale, kuye kwenziwa amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni angaphezu kuka-800 emhlabeni wonke. La makomiti ahlola izidingo zabafowethu, ahambisa umbiko owasiza iKomiti Yabaqondisi ukuze inikeze usizo ngendlela engcono.
Phakathi nonyaka, amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni akwazi ukusiza abaningi ukuba bathole ukudla, amanzi izinto zokuhlanza kanye nemithi eyisisekelo. Kwezinye izindawo amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni asebenza nabadala bendawo ukuze basize abafowethu ukuba bathole usizo oluvela kuhulumeni.
Abantu abangebona oFakazi baye bawuqaphela lo msebenzi wethu wokunikeza usizo. Ngokwesibonelo, uField Simwinga, ongumphathi-sifunda waseNakonde eZambia, watshela abafowethu: “Asazi singanibonga ngani ngosizo olufike ngesikhathi emindenini ethintekile.”
Ukusweleka Kokudla E-Angola. Ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19, e-Angola kwaba nokusweleka kokudla, futhi ukudla kwabiza kakhulu. Abafowethu nodadewethu abaningi bakuthola kunzima kakhulu ukuthenga ukudla.
Igatsha laseBrazil lacelwa ukuba lisize abafowethu base-Angola ngokuthumela amaphasela okudla. Abafowethu bacwaningisisa indlela engcono yokusebenzisa imali yokusiza, ukuze bathenge ukudla okuningi futhi bakuthumele. Ngenxa yalokho, ukuthenga nokuthumela iphasela elilodwa kwabiza imali engaba ngu-R328, phakathi kunokudla okunjengerayisi, ubhontshisi, namafutha, okungaba amakhilogremu angu-20 sekukonke. Kuze kube manje, kuthunyelwe amaphasela angu-33 544, anesisindo esingamathani angu-654 esewonke. Uma kuhlanganiswa nalokho okwathengwa khona e-Angola, lokhu kudla kwasiza ekondleni abantu abangaphezu kuka-50 000!
Bazizwa kanjani abafowethu ngalolu sizo? U-Alexandre, ohlala endaweni eqhelile kwezinye, e-Angola, uthi: “Kimina lokhu kuwubufakazi bokuthi uJehova uyangithanda futhi angingedwa. Inhlangano kaJehova ingibheka njengomuntu oyigugu!” UMariza, umama ongayedwa, uthi: “UJehova ukuzwile ukukhala kwami. Ngiyambonga yena nenhlangano yakhe!”
Ukusiza Phakathi Nesomiso EZimbabwe. Ngonyaka wenkonzo ka-2020 kwaba nesomiso esikhulu eZimbabwe, esashiya izigidi zabantu zilambile. Izinkulungwane zoFakazi eZimbabwe zazingenakho ukudla okwanele.
Kwahlelwa amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni amahlanu ukuze kusizwe abafowethu bathole ukudla. Amakhulu abamemezeli asiza ngokupakisha ukudla nokulayisha izinto, abanye basekela ngezimoto zabo. b Ngonyaka wenkonzo ka-2020, kwasetshenziswa imali engu-R10 313 304,52 ukuze kondliwe abantu abangaphezu kuka-22 700!
Ngezinye izikhathi lolu sizo lwafika kubafowethu sebengenakho ukudla. Lapho ukudla kufika, abafowethu badumisa uJehova. Abanye baze bacula nezingoma zoMbuso.
Kwenye indawo, abafelokazi ababili abangoFakazi BakaJehova baya emhlanganweni womphakathi owawubizelwe ukuxoxa ngokudla okwakuzolethwa inhlangano ezimele. Nokho, lo mhlangano wagcina usufaka ezepolitiki kakhulu, ngakho la bodade banquma ukuba bangakwenzi lokho okwakudingeka ukuze bathole lolo sizo. Njengoba beshiya lo mhlangano, abantu babebagcona bethi, “Ningabuyi nizofuna ukudla kithi!” Nokho, ngemva kwamaviki amabili abafowethu bafika kuleyo ndawo futhi banikeza odadewethu ukudla—bafika kuqala, ngaphambi kokuba kufike usizo lwenhlangano ezimele!
EZimbabwe umsebenzi wokusiza unikeze ubufakazi obuhle. Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba kaPrisca, ohlala emaphandleni. Naphezu kobunzima obalethwa yisomiso, uPrisca wayeshumayela njalo ngoLwesithathu nangoLwesihlanu, ngisho nangesikhathi sokulima. Abantu basendaweni yakubo babehlekisa ngaye bethi: “Uzolambisa umndeni wakho ngenxa yokushumayela kwakho.” UPrisca wayevele athi: “UJehova akakaze azishiye izinceku zakhe.” Ngemva nje kwalokho wathola usizo oluvela enhlanganweni yethu. Lokhu kwabahlaba umxhwele abanye bomakhelwane bakaPrisca abathi kuye: “UNkulunkulu akakaze akushiye, ngakho nathi sifuna ukufunda okwengeziwe ngaye.” Omakhelwane bakhe abayisikhombisa manje sebelalela imihlangano yebandla emsakazweni.
Njengoba sisondela ekupheleni sisazoqhubeka sibhekana nezinhlekelele zemvelo. (Mathewu 24:3, 7) Siyazisa kakhulu iminikelo yenu eniyenza ngesandla esivulekile ngezindlela ezitholakala ku-donate.pr418.com. Le minikelo inikeza usizo olufika ngesikhathi kulabo abaludingayo, ngendlela efanele.