Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwesobunxele: Isiphepho u-Ian, eFlorida, e-USA, Septhemba 2022 (Sean Rayford/Getty Images); phakathi nendawo: Umama nendodana yakhe bayathutha, eDonetsk, e-Ukraine, Julayi 2022 (Alex Chan Tsz Yuk/SOPA Images/LightRocket via Getty Images); kwesokudla: Abantu bahlolelwa i-COVID, eBeijing, eChina, Ephreli 2022 (Kevin Frayer/Getty Images)

HLALANI NILINDILE!

U-2022: Unyaka Wezigemegeme—Lithini IBhayibheli?

U-2022: Unyaka Wezigemegeme—Lithini IBhayibheli?

 Phakathi no-2022, ibithe chithi saka ezindabeni imibiko yezimpi, ukuntengantenga kwezomnotho nezinhlekelele zemvelo. YiBhayibheli kuphela elisitshela ukuthi zisho ukuthini ngempela lezi zenzakalo.

Zisho ukuthini ngempela izigameko ezenzeke ngo-2022?

 Izigameko zakulo nyaka zenza kucace ngisho nakakhulu ukuthi siphila enkathini iBhayibheli eliyibiza ‘ngezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Leyo nkathi yaqala ngo-1914. Phawula ukuthi izigameko zakamuva zihlobana kanjani nalokho iBhayibheli elakubikezela ngesikhathi sethu:

 ‘Izimpi.’Mathewu 24:6.

  •   “IYurophu Iphinde Yathelwa Amachaphazelo Empi Ngo-2022.” a

 Bheka isihloko esithi “IRussia Ihlasela I-Ukraine.”

 “Ukusweleka kokudla.”Mathewu 24:7.

  •   “U-2022: Kube Unyaka Wendlala Enkulu.” b

 ‘Izifo eziwumshayabhuqe.’Luka 21:11.

  •   “Kubuye uvendle, imonkeypox ibe inkinga enkulu, ne-COVID-19 iyaqhubeka yenza umonakalo omkhulu. Lokhu kuveze ubungozi bezifo ezithelelanayo nokuthi abantu bachayeke kangakanani kuzo.” c

 Bheka isihloko esithi “Bayizigidi Ezingu-6 Abantu Ababulewe I-COVID.”

 “Imibono eyesabekayo.”Luka 21:11.

  •   “Ukushisa okukhulu, isomiso, imililo yequbula, nezikhukhula. Ihlobo lika-2022 lizokhunjulwa ngezimo zezulu ezimbi kakhulu ezidale umonakalo, zabulala izinkulungwane zabantu, zenza nezigidi zabantu zashiya amakhaya azo.” d

 ‘Iziyaluyalu.’Luka 21:9.

  •   “Ngenxa yokuthi abantu bathukutheliswe izinkinga zomnotho, ikakhulukazi ukwenyuka kwamanani ezinto, kube nemibhikisho eminingi ngo-2022 abantu belwa nohulumeni.” e

Usiphatheleni unyaka ozayo?

 Akekho owaziyo ukuthi u-2023 usiphatheleni. Esikwaziyo nje ukuthi kungekudala, uMbuso kaNkulunkulu, noma uhulumeni wasezulwini uzokwenza ushintsho olukhulu emhlabeni. (Daniyeli 2:44) Lowo hulumeni uzoqeda izinto ezenza abantu bahlupheke, uqinisekise ukuthi intando kaNkulunkulu iyenziwa emhlabeni.—Mathewu 6:9, 10.

 Sikukhuthaza ukuba ulalele iseluleko sikaJesu Kristu, ‘uhlale ulindile,’ ubone indlela izenzakalo zezwe ezigcwalisa ngayo isiprofetho seBhayibheli. (Marku 13:37) Sicela uxhumane nathi ukuze ufunde kabanzi ngendlela iBhayibheli elingakusiza ngayo manje nangendlela elingakusiza ngayo wena nomndeni wakho nibe nethemba langempela ngekusasa.

a Izindaba Ze-AP, “IYurophu Iphinde Yathelwa Amachaphazelo Empi Ngo-2022,” uJill Lawless, Disemba 8, 2022.

b I-World Food Programme, “Inkinga Yokudla Emhlabeni Wonke.”

c I-JAMA Health Forum, “Ukuphila Enkathini Yobhubhane—Kusukela kuyi-COVID-19 kuya kuMonkeypox, Uvendle neDisease X,” uLawrence O. Gostin, JD, Septhemba 22, 2022.

d I-Earth.Org, “Izenzakalo Eziyingqopha-mlando Ezibangelwe Izimo Ezimbi Kakhulu Zezulu Ezenzeke Ehlobo Lika-2022 Zibangelwa Yini?” uMartina Igini, Okthoba 24, 2022.

e I-Carnegie Endowment for International Peace, “Ingcindezi Yezomnotho Ibangele Imibhikisho Eminingi Emhlabeni Ngo-2022,” uThomas Carothers noBenjamin Feldman, Disemba 8, 2022.