Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

HLALANI NILINDILE!

Bayizigidi Ezingu-6 Abantu Ababulewe I-COVID—Lithini IBhayibheli Ngalokhu?

Bayizigidi Ezingu-6 Abantu Ababulewe I-COVID—Lithini IBhayibheli Ngalokhu?

 Ngokwe-World Health Organization (WHO), ngoMeyi 23, 2022, bese kushone izigidi ezingu-6,27 zabantu zibulawa yi-COVID-19. Nokho, embikweni wezindaba wangoMeyi 5, 2022, i-WHO ibilinganisele ukuthi kushone abantu abaningi kakhulu kunalaba. Yaphawula ukuthi phakathi nonyaka ka-2020 no-2021, “sebebonke abantu ababulewe ubhubhane lwe-COVID-19 ngokuqondile noma ngezinye izindlela ezihlobene nayo . . . babelinganiselwa ezigidini ezingu-14,9.” Ingabe kukhona okushiwo yiBhayibheli ngalezi zinhlekelele ezibuhlungu kangaka?

IBhayibheli labikezela ngezifo eziwumshayabhuqe

  •    UJesu wabikezela ukuthi kwakuyoba nezifo eziwumshayabhuqe noma ubhubhane “lwezifo ezimbi kakhulu” phakathi nenkathi ebizwa ngokuthi “izinsuku zokugcina.”—Luka 21:11, ngokwe-Contemporary English Version; 2 Thimothewu 3:1.

 Lesi siprofetho sikaJesu siyagcwaliseka namuhla. Ukuze uthole okunye, funda isihloko esithi “Zibonakala Ngani ‘Izinsuku Zokugcina,’ Noma ‘Isikhathi Sokuphela’?

IBhayibheli liyasiduduza

  •    ‘UNkulunkulu wenduduzo yonke . . . usiduduza kuzo zonke izilingo zethu.’—2 Korinte 1:3, 4.

 Abaningi abaye bashonelwa umuntu abamthandayo baye baduduzwa umyalezo ovela eBhayibhelini. Funda okunye esihlokweni esithi “Ukubhekana Nosizi Lokushonelwa—Ongakwenza” nesithi “Usizo Olungcono Kakhulu Kulabo Abashonelwe.”

IBhayibheli linikeza isixazululo esihlala njalo

  •    “UMbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.

 Maduze “uMbuso kaNkulunkulu” uyoqinisekisa ukuthi “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Marku 1:14, 15; Isaya 33:24) Bukela ividiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu? ukuze uzwe ngalo mbuso wasezulwini nalokho ozokwenza.

 Siyakumema ukuba uthole okuningi ngalokho okushiwo yiBhayibheli ukuze wena nomndeni wakho nizuze eselulekweni salo esihlakaniphile nasezithembisweni zalo ezijabulisayo.